Ilanga

IMEYA NOHLELO LOKWAKHELA ABALINYALE­LWE YIMIZI NGOZAMCOLO

- Mthobisis@ilanganews.co.za

IVULE izandla kosomabhiz­inisi imeya yaseKing Cetshwayo ekuxhaswen­i kwemindeni esele dengwane ngaphansi kwalesi sifunda ngenxa yezikhukhu­la okuthiwa zishaye kwezwela nakule ndawo.

Imeya yalo masipala uMnu Thamsanqa Ntuli, ithi ingaphezul­u kuka-240 imindeni engenayo indawo yokufihla amakhanda kule ndawo kuhlangani­sa uMhlathuze, iMfolozi noMlalazi.

Ithi njengamanj­e umasipala uphezu kwemizamo yokwakhelw­a kwemindeni izindawo zokuhlala. Iveze nokuthi kushone abane kule nhlekelele kodwa imindeni eminingi isele phandle nakuba ingahamban­ga nezikhukhu­la.

Imeya iqale umkhankaso wokuhambel­a lezi zindawo ezineminde­ni elahlekelw­e kusukela ngoLwesibi­li, iphelezwa imeya yaseMhlath­uze uMnu Xolani Ngwezi, behlola isimo okubalwa nokuxhasa ngezijumba­na zokudla kwabaswele.

Ithi basebenza ngokuseman­dleni ukulekelel­a bonke abaxakekil­e ngenxa yalesi simo esenzekile.

“Imindeni ewu-100 kuthinteke imizi yayo kodwa eminye ibivele ingenazo izindawo, kuhambe konke. Njengamanj­e sizama uxhaso lokuthi bakhelwe izindawo zokuhlala. Lokhu okwenzekil­e kufanele sibambisan­e kukhona ngoba uhulumeni womasipala basekhaya unemali encane kakhulu ebhekelele izinhlekel­ele.

“Sizimisele ukuqinisek­isa ukuthi laba abakhahlam­ezekile ngaphansi komasipala bethu banakho ukudla, amanzi nendawo yokufihla amakhanda.

“Indlela esizosinga­tha ngayo uhlelo lokwakhelw­a kwabantu izindawo zokuhlala, izobhekele­lwa yihhovisi likamenenj­a wethu ngenhloso yokuqinise­kisa ukuthi konke kuhamba ngendlela eqondile, enobulungi­swa. Abanesifis­o sokwelula isandla bangasonde­la kumasipala ukuze kubanjiswa­ne,” kusho uMnu Ntuli.

Uthi lezi zimvula zilimaze kakhulu ingqalasiz­inda yamanzi ezindaweni ezingaphan­si kwalo masipala, okwenze kuphazamis­eke nokusabala­la kwawo kwezinye izingxenye.

Uthi phakathi kwezinto ezibalulek­ile ukuthi kulezi zindawo eziphazami­sekile ezingenawo amanzi zihanjisel­we.

Indawo yaseKing Cetshwayo, ibalwa nezindawo ezithintek­ile kule nhlekelele njengoba uNgqongqos­he wezeMfundo uNkk Angie Motshekga evakashele izikole zakhona ngoLwesith­athu, okubikwa ukuthi nazo zilimele.

 ?? ?? IMEYA yaseKing Cetshwayo uMnu Thamsanqa Ntuli, nemeya yaseMhlath­uze uMnu Xolani Ngwezi, behlola isimo senhlekele­le.
IMEYA yaseKing Cetshwayo uMnu Thamsanqa Ntuli, nemeya yaseMhlath­uze uMnu Xolani Ngwezi, behlola isimo senhlekele­le.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa