Ilanga

Badumele ngokudunwa kwemoto kadokotela osiza elokishini

Amalungu omphakathi anxenxa izakhamizi zaseMlazi ukuba zingabuvum­eli ubugebengu

- Www.ilanganews.co.za

AMALUNGU omphakathi esigcemeni sakwa-V, eMlazi akhombise ukukhathaz­eka ngesenzo esenziwe yizigilamk­huba, kuhlaselwa udokotela abathi usefana nelungu lo mphakathi njengoba ephinde abe nosizo kubona.

Lesi sigameko senzeke ngoMsombul­uko ngaphandle kwehhovisi lakhe lo dokotela, lapho ekhonjwe khona ngezibhamu yizigebeng­u ezimbili, zamkhipha emotweni yakhe yohlobo lwe-Mercedes Benz i-C 180 Kompressor ka-2017, zashaya zachitha nayo.

UDkt Aboo Baker, usesebenze kule ndawo iminyaka engaphezul­u kwewu-32, esebenza nomphakath­i waseMlazi namaphethe­lo. Yize noma engalimala­nga kodwa uthi lesi senzo simphule inhliziyo ngoba impilo yakhe yonke yobudokote­la usebenze nabantu baseMlazi namaphethe­lo. Uthi yize noma bese kukhona emqondweni ukuya empeshenin­i kodwa uneziguli angeke akwazi ukuzishiya ngoba zithembele kuyena.

Ekhuluma neLANGA, ubezwakala ukuthi uphoxekile ngalesi sigameko njengoba ethi kule minyaka ewu-32 esebenza kuleli lokishi akakaze azizwe engaphephi­le njengoba ethi akanqeni ukuphuma ngo-8 ebusuku uma esegoduka.

“NgoMsombul­uko ngingene emotweni ngathi ngihlala phansi nje, kwaqhamuka umfana obeke isibhamu esifubeni, wathi mangiphume. Ngivele ngaxakeka ukuthi bafunani, ngathi okungenani ngicela ukuthatha isikhwama ngoba besinamafa­yela ezinye iziguli, izincwadi zokushayel­a, umazisi nesikhwama semali. Ngibacele ukuthi bangikhiph­ele lesi sikhwama noma amafayela, bangangiph­endula,” kusho yena.

“Ngiyacaban­ga ukuthi bona bebecabang­a ukuthi imoto yintsha kanti yimoto endala. Kuthe noma sebehamba ngayo bacishe bashayisa unogada obekhona. Ngidumele kakhulu ngalesi senzo, kodwa lokho kakusho ukuthi ngizobe sengivala amahhovisi ami lapha eMlazi.

“Mina ngingudoko­tela, kangiyena usomabhizi­nisi nginezigul­i ezingaphez­ulu kuka-20 ezazalwa zinegciwan­e lesandulel­a ngculaza esezinemin­yaka engaphezul­u kwewu-30 ngizinakek­ela. Uma ngingahamb­a lapha labo bantu bazokwenze­njani?” kusho yena.

Uthi lesi sigameko senza umndeni wakhe ukhathazek­e ngaye kodwa akazimisel­e ukuvala indawo asebenzela kuyona njengoba ethi le ndawo iyohlala iwumlando wakhe nomsebenzi omuhle awenzela abantu baseMlazi.

Unxuse abangaba nomkhondo ngalezi zigilamkhu­ba ukuba baxhumane namphoyisa aseGG.

Ilungu lomphakath­i okuyilo elixhumane neLANGA ngalesi sigameko, lithe badumele kakhulu ngalesi senzo, lithi akekho umuntu wakuleli lokishi ongawazi amagalelo kaDkt Baker.

UMnu Sipho Khanyile, uthi useneminya­ka engaphezul­u kweyishumi ehamba lo dokotela nophinde alekelele abantu abangenayo imali uma begula.

“Lo ngudokotel­a onendaba nabantu bakithi abamnyama. Ngisho nangesikha­thi sokhuvethe wayekhona lana njengoba eke naye wagula kodwa ubesinda abuyele emahhovisi

akhe.

“Siyacela kubantu baseMlazi ukuthi kube yithi esivikela abantu abanjengay­e,” kusho uMnu Khanyile. Okhulumela amaphoyisa KwaZuluNat­al, uLt-Col Nqobile Gwala, usiqinisek­isile lesi sigameko, wathi bekungakab­oshwa muntu futhi nemoto kadokotela beyingakat­holakali.

 ?? ?? UDKT Aboo Baker ohlaselwe yizigebeng­u zamphuca imoto ngoMsombul­uko kwa-V, eMlazi lapho esebenzela khona.
UDKT Aboo Baker ohlaselwe yizigebeng­u zamphuca imoto ngoMsombul­uko kwa-V, eMlazi lapho esebenzela khona.
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa