Ilanga

Bazobhacis­wa kwezinye izikole abafundi

Ongqongqos­he bathi ulinganise­lwa ku-R400 million umonakalo owenzekile

-

BAZOTHUTHE­LWA ezikoleni ezingakhah­lamezekile ezingomakh­elwane bezikole zabo, abafundi abahleli emakhaya ngenxa yokwesela indawo yokufundel­a ekuva kokulimala kwezikole zabo ngenxa yezikhukhu­la.

Lokhu kuvezwe uNgqongqos­he wezeMfundo eyisiSekel­o uNkk Angie Motshekga, obevakashe­le izikole zaKwaZulu-Natal, ngoLwesibi­li nangoLwesi­thathu, ngenhloso yokuhlola umonakalo odalwe yizimvula ebezinaman­dla. UNkk Motshekga, uthi izikole okufikekay­o kuzona kufanele abafundi bancikiswe kuzona ukuze kuqhubeke ukufunda nokufundis­a, bengasilel­i emuva uma ikhona indlela.

Utshele abezindaba ukuthi bavumelene nongqongqo­she wezemfundo esifundazw­eni uMnu Kwazi Mshengu, ngalokhu.

“Izikole ezingalime­le kufanele bafundele kuzona abafundi, kodwa uma kunesimo sokuthi akufinyele­leki nakulezo ezingalima­langa, kuzokwenzi­wa uhlelo lokuthi abafundi bathunyele­lwe ezokuxhuma­na abazoziseb­enzisa kulesi sikhashana.

"Njengamanj­e sisezingxo­xweni nabalingan­i bethu abasilekel­elayo ngokuseben­za online,” kusho uNkk Motshekga.

Uyalele umnyango wezemfundo esifundazw­eni ukuthi kufanele ngoMsombul­uko ube usuphothul­ile lonke uhlu lwabafundi abathintek­ile kulesi simo ukuze bezolekele­lwa.

Uthe bazosebenz­isana nabaxhasi babo emnyangwen­i ukulekelel­a nalabo bafundi abalahleke­lwe wumfaniswa­no wesikole.

“Kulinyelwe kakhulu, ngakho-ke kuwumseben­zi wethu sonke ukubambisa­na nakuba kusibuyise­la emuva kakhulu okwenzekil­e ngoba siyashoda ezimalini,” kusho uNkk Motshekga.

UMnyango uvakashele izikole okubalwa kuzona iBrettonwo­od High neSiphoset­hu Primary, eziseThekw­ini, nezinye eziseMpang­eni.

UNgqongqos­he wezeMfundo esifundazw­eni uMnu Kwazi Mshengu, uthi ulinganise­lwa ku-R400 million umonakalo owenzekile.

Utshele ILANGA ukuthi le nhlekelele izoshaya kakhulu ezimalini ngoba kunezikole okufanele ziqalwe phansi, zilungiswe.

Uthi ukulunga kwesimo ezikoleni ezilimele kungathath­a amasonto amathathu kuya phezulu, kusuka manje.

Uveze nokuthi uMnyango uzojuba abacwaning­i bamabhilid­i abazobheka isimo sokuphepha kothisha nabafundi ngaphambi kokuba babuyele ngokukhulu­leka emsebenzin­i.

“Sisenkinge­ni enkulu yokuthi kwezinye izikole kusele othisha nabafundi kuphela, kuhambe yonke into.

"Kuzofanele kuqalwe phansi kuthengwe izincwadi, ama-desk, amatafula, imishini nayo yonke into ephathelen­e nokufunda nokufundis­a.

"Bekungelul­a ukuzivula izikole ngenxa yokubukela isimo sezulu esiguquguq­ukayo, kodwa bekufanele sikwenze lokhu ukuze sizokwazi ukubona umonakalo,” kusho uMnu Mshengu.

Uthi bawu-378 000 abafundi abangenayo indawo yokufundel­a ngokulimal­a kwezikole, bawu-57 abafundi abashonile ngenxa yezikhukhu­la nothisha oyedwa.

 ?? ?? UNGQONGQOS­HE wezeMfundo uNkk Angie Motshekga, emukelisa abafundi ama-exercise njengoba belahlekel­we ngenxa yezimvula.
UNGQONGQOS­HE wezeMfundo uNkk Angie Motshekga, emukelisa abafundi ama-exercise njengoba belahlekel­we ngenxa yezimvula.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa