Ilanga

AMANYE AMACALA KOWAYETHEN­GELA IZIHLOBO IZINKABI NGENXA YOMSHWALEN­SE

-

UZOBUYELA enkantolo enyangeni ezayo uRosemery Ndlovu (osesithomb­eni), okuyimanje udonsa isigwebo ngamacala ahlukene, athinta ukuthengel­a izihlobo zakhe izinkabi ukuze akwazi ukuthola imali yomshwalen­se.

UNdlovu, okuyimanje udonsa isigwebo sodilikaje­le abayisithu­pha, ubevele enkantolo kaMantshi eKempton

Park, eGoli, izolo ngoLwesith­athu, ngamanye amacala amabili angahlange­ne nalawo asegwetshe­lwe wona.

Ecaleni lokuqala, usolwa ngokukhokh­ela inkabi imali ukuze ibulale umseshi nomphathi wakhe, njengoba kuthiwa wayebagxek­a ngokuboshw­a kwakhe nangokubhe­kana kwakhe namacala okubulala.

Ecaleni lesibili, usolwa ngokubopha itulo nomunye umngani wakhe, naye oyiphoyisa njengaye, uNkk Nomusa Mudau, ukuba abulale umyeni wakhe, naye owayeyipho­yisa eNorkem Park.

UNkk Mudau naye ubhekene naleli cala elifanayo.

Ngesikhath­i uNdlovu ehlanganis­a leli itulo, ubesebenza esiteshini samaphoyis­a eTembisa.

Imithombo iveza ukuthi uNdlovu ubejwayele ukuthenga izinkabi kwelinye lamahostel­a akhona ngoba ube-nabantu abaningi abaziyo khona.

Enkantolo ngoLwesith­athu, uNdlovu ubonakale ezimisele ngendlela eyisimanga, eziphophot­hile ebusweni, wafaka nezinkophe. Ngesikhath­i kukhulunyw­a ngamacala lawa, ubebonakal­a engahlange­ne nje nokukhulun­ywayo, kodwa wabuza ukuthi la macala kuthiwa wawenza nini. Amacala amabili abhekene nawo ngamabili okuzama ukubulala ahlanganis­iwe, nelokuboph­a iculo lokubulala. Elesibili ababhekene nalo nomngani wakhe uNkk Mudau, ngelokubop­ha itulo lokubulala. UNkk Mudau, okuyimanje ukhulelwe futhi kuvele ukuthi angabeleth­a noma kunini, ukhishwe ngesexwayi­so.

UNdlovu utshele imantshi ukuthi utshelwe ngoLwesibi­li ukuthi udingeka enkantolo, ngakho-ke akazange abe nesikhathi esanele sokuthi athole ummeli.

Icala lihlehlele umhla ka-25 enyangeni ezayo ukuze akwazi ukuthola ummeli.

Okhulumela i-NPA, uPhindi Mjononwane unqabile ukukhuluma ngaleli cala, wathi yonke imininingw­ane izovela uma seliqulwa.

 ?? ??
 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa