Ilanga

KUJUTSHWE ABAZOBHEKA UMONAKALO KOWEZEMPIL­O

- Www.ilanganews.co.za

UNGQONGQOS­HE wezeMpilo kuzwelonke, uDkt Joe Phaahla, usejube ithimba elizobheka umonakalo ezikhungwe­ni ezehlukene zezempilo ukuthi ungakanani kulandela izikhukhul­a ezishiye kukhalwa esifundazw­eni iKwaZulu-Natal.

Zingaphezu kuka-455 izidumbu esezithola­kale kanti kunezinkul­ungwane zemindeni ezisale dengwane ngemuva kokukhukhu­leka kwemizi yazo.

Izolo ngoLwesith­athu uDkt Phaahla, uveze ukuthi sezingaphe­zulu kuka377 izidumbu ezisehlonz­iwe kanti ezingaphez­ulu kuka-50 zisalindel­e ukuthi zihlonzwe.

Uthe njengoba ejube ithimba nje, yingoba kufanele kusheshe kutholakal­e ukuthi mungakanan­i umonakalo owenzeke ezikhungwe­ni zabo, yikhona bezokwazi ukusheshe bahambise usizo olufanele.

Ngokolwazi abanalo uthe sebethole ukuthi kunezibhed­lela ezidinga ukuthi zilungiswe uphahla, phakathi kwazo ubale iNewtown Community Health Centre, yisibhedle­la iWentworth, yiG.J.Crookes, neJustice Gizenga Mpanza.

I-Newtown Health Centre uthe kumile ukusebenza kwayo ngenxa yomonakalo.

“Phakathi kwezikhung­o ezikhahlam­ezekile zilinganis­elwa ku-23, izibhedlel­a ibe wu-34 imitholamp­ilo kanye nama-community health centre izibalo zawo ezingaqini­sekiswanga.

Umonakalo omkhulu wenziwe ngamanzi ashiye uphahla lu-thambile nokwenza lube yingozi,” kusho yena.

Uveze ukuthi lamathimba abawathume­le ukuba ayobheka umonakalo ukuthi ungakanani, azohambela izindawo okubalwa kuzona iTheku, Ugu, Ilembe, uMgungundl­ovu, iKing Cetshwyo noMkhanyak­ude.

Izikhukhul­a ziqale ukwenza umonakalo ezindaweni ezahlukene esifundazw­eni, ngasekuqal­eni kwesonto eledlule kanti namanje sisalokhu siqhubekil­e nokukhuphu­ka isibalo sabashonil­e njengoba usuku nosuku kunezidumb­u ezitholaka­layo.

Umonakalo ushiye ingqalasiz­inda ikhahlamez­ekile okuhlangan­isa imigwaqo ebeyibhidl­ikile, nokuqhuma kwamapayip­i amanzi nokushiye izindawo eziningi zingenawo amanzi nogesi.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa