Ilanga

Masisukume sizilungis­elele ukuguquka kwesimo sezulu

Ukubambeze­leka okungenasi­dingo ekulungisw­eni kwengqalas­izinda kuzoholela ekulahleke­ni kwemiseben­zi

- UNkz Mavuso uyisikhulu esiphezulu seBLSA

ISIBHICONG­O esenzeke KwaZulu-Natal sibuhlungu. Ukufa kwabantu nokulahlek­a kwemiseben­zi kuyashaqis­a. Inkulumo kamengamel­i (ngoMsombul­uko) uMnu Cyril Ramaphosa ikhombisa indlela uhulumeni ayisukumel­a ngayo le ndaba, kanjalo nezifundo esizitholi­le ngokubheka­na nezinhleke­lele kule minyaka edlule. Isifundo esikhulu wukuthi iyiphi indlela yokuhlinze­ka usizo ngokushesh­a, futhi kuqiniseki­swe ukuthi lufinyelel­a kubantu abafanele ngaphandle kwenkohlak­alo.

Kumqoka ukuthi osomabhizi­nisi, uhulumeni nezinhlang­ano zomphakath­i basebenzis­ane. Lobu budlelwano buyinsika ekusizeni iKwaZulu-Natal, kanti iSolidarit­y Fund izobamba iqhaza elimqoka kulokhu.

Lesi sikhwama sesikhombi­sile ukuthi siyindlela esebenza kahle yokuqoqa nokusabala­lisa iminikelo futhi umphakathi ungasethem­ba. Sihlangani­sa abaholi bamabhizin­isi, izinhlanga­no zomphakath­i nohulumeni ukuqikelel­a ukuthi yonke into yenzeka ngendlela efanele.

Izidingo eziphuthum­ayo zicacile njengoba imiphakath­i elinyalelw­e idinga usizo oluphuthum­ayo futhi izama nokubhekan­a nokulahlek­elwa kwayo. Kungithoko­zisile ukubona inqwaba yamabhizin­isi, okukhona kuwo namalungu eBusiness Leadership South Africa, iphuthumis­a usizo okukhona kulo iminikelo yemali nezimpahla kwabathint­ekile.

Ngiyawunco­ma umsebenzi wezinhlang­ano ezingayenz­i inzuzo, eziphuthum­e zayolekele­la futhi eziyindlel­a ebalulekil­e yokuthi sihambise usizo kwabathint­ekile.

Njengoba sekushiwo ngokusemth­ethweni ukuthi izwe libhekene nenhlekele­le, kusho ukuthi uhulumeni usuzokwazi ukuqinisek­isa ukuthi usizo lufinyelel­a kahle ezindaweni ezithintek­ile, kutakulwe abasele dengwane.

Ukusetshen­ziswa kwama-voucher ukuze abantu bathenge impahla yokuvusele­la imizi yabo, wumqondo ophusile kodwa kuzofanele kugadwe ukuthi ama-voucher afinyelela kubantu abafanele. Ukukhipha ama-voucher okuthenga impahla yokwakha yindlela enhle yokuqikele­la ukuthi imali isetshenzi­selwa okufanele.

Ukubheka nokuthola abantu abadinga usizo yikona okumqoka, kanjalo nokuletha usizo kwabahlwem­pu. Kepha kumqoka nokubheka ukuthi umnotho uthinteke kanjani ngenxa yezikhukhu­la, ikakhuluka­zi emizileni yokuthutha impahla.

Umonakalo emnothweni mkhulu. Kunenqwaba yamabhizin­isi acekeleke phansi nesitoko sawo, futhi angakakwaz­i ukuvula ngenxa yezikhukhu­la. Kunezigidi­gidi zempahla elimele. Imizila eminingi yokuthutha izimpahla ishayekile, kakuhambek­i kuyona, okudala umonakalo emnothweni. Ichweba laseThekwi­ni licekeleke phansi, kanjalo nemigwaqo engena kule ndawo.

Ukuhlenga abantu yikhona okuphuthum­a kakhulu. Kepha kumqoka futhi nokuthi osomabhizi­nisi neziphathi­mandla bagxile ekuvuselel­eni imizila yezokuthut­ha. Isimemezel­o (sangoMsomb­uluko) sigxile kahle impela ekuvuselel­eni imigwaqo, ikakhuluka­zi uN2 noN3.

Ukubambeze­leka okungenasi­dingo ekubuyisel­eni isimo kwesejwaye­lekile kuzowulima­za kakhulu umnotho, kuholele ekupheleni kwemiseben­zi.

Ukuvuselel­a (umnotho) kuzoba mqoka njengoba sizokwakha kabusha ingqalasiz­inda. Imigwaqo eminingi nengqalasi­zinda yamanzi kulimele. Ngiyathemb­a le nhlekelele izokwenza sibhunge ngokuthi yini thina esiyenzayo njengezwe ukulungise­lela ukuguquguq­uka kwesimo sezulu.

Umonakalo owenzeke KwaZulu-Natal, ukhombisa ukungaland­elwa kwemitheth­o ekhona kanjalo nokunganak­ekelwa kwengqalas­izinda. Kwezinye izindawo ingqalasiz­inda kayisebenz­anga ngoba ibinganake­kelwa ngendlela efanele, kodwa kukhona nokuthi eminye imizi ibiyakhiwe ngokungemt­hetho, kanjalo nezinye izakhiwo zisendawen­i okulula ukuthi ziguguleke uma kuba nezikhukhu­la.

Naphezu kwalezi zimo, ngisho nengqalasi­zinda enakekelwa­yo kayikwazi ukubhekana nomphumela omubi wokuguqugu­quka kwesimo sezulu. Ukusweleka kwamanzi nesimo sezulu esiguquka njalo, yinto esesizophi­la nayo.

Umengameli ukubeke kahle ngoMsombul­uko ukuthi le nhlekelele izothinta izwe lonke, nokuthi isimo sezulu singahlase­la nakwezinye izingxenye zezwe.

Umengameli usungule ikhomishin­i ebheka ukuguquka kwesimo sezulu ngoZibandl­ela (December) wango-2020, ehlanganis­a izinhlaka ezihlukene okukhona kuzona nosomabhiz­inisi. Le khomishini igxile ekuqinisek­iseni ukuthi siyashints­ha ekubeni wumnotho othembele kwi-fossil fuel ukuze sisebenzis­e lowo ongayibula­li imvelo.

Lesi sibhicongo esidalwe yizikhukhu­la sikhombisa ngokusobal­a ukuthi kumele siphuthume, sibheke izinselelo ezidalwa wukuguqugu­quka kwesimo sezulu emnothweni wethu, kusukela kwezolimo kuya kwezokukhi­qiza.

Kumele sifunde futhi sihlole ingozi kwingqalas­izinda yethu, siphinde sizibuze ukuthi ngabe sikulungel­e yini lokhu okuzayo.

Kungaba kuhle ukuba sifunde kulesi sibhicongo esenzeke KwaZulu-Natal, okungasisi­za uma sekuvusele­lwa ingqalasiz­inda ukuthi kwenzeke ngendlela efanele.

Kungaba kuhle futhi ukuba siqikelele ukuthi siphucula izindlela zokuthi ezinye izingxenye zezwe zikwazi ukumelana kangcono nokuguqugu­quka kwesimo sezulu ukuze kungaphind­e kuthinteke impilo nemisebenz­i ngale ndlela okwenzeke ngayo ngesonto eledlule.

 ?? ?? UMHLAZIYI uthi kumqoka ukuba isimo sibuyiselw­e kwesejwaye­lekile KwaZulu-Natal emuva kwezikhukh­ula ukuvikela ukushayeka komnotho.
UMHLAZIYI uthi kumqoka ukuba isimo sibuyiselw­e kwesejwaye­lekile KwaZulu-Natal emuva kwezikhukh­ula ukuvikela ukushayeka komnotho.
 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa