Ilanga

MAKHOSI ZULU

- UMakhosi uNdleleni uMaZulu Insika (Isigodlo) UThishanhl­oko waseMatata­ne Secondary School bonamazulu@gmail.com 082 752 7342

KULE nyanga kunosuku lomhla ka-27 okuzokube kubungazwa ngalo inkululeko ezweni lonke. Kuningi okuzokhulu­nywa ngakho okuthinta inkululeko, ikakhuluka­zi kwezepolit­iki.

Abantu banomkhuba wokucabang­a ukuthi inkululeko kumbe ukuzizwa ukhululeki­le, kusebenza kuphela kwezepolit­iki kanti qha kakunjalo. Udaba lwenkulule­ko lusuka kude futhi luqala kumuntu ngamunye kuleyo ndawo azithola ekuyo kusukela ekhaya azalwa kulona, kuye nasebudlel­waneni anabo nabanye abantu aphila nabo.

Ngifisa ukusika elijikayo ngokubalul­eka kokukhulul­eka komuntu ebudlelwan­eni bothando. Kubona bonke ubudlelwan­o obukhona ngaphansi komthunzi welanga, kubaluleki­le ukuthi bobabili abantu abakulobo budlelwano bazizwe bekhululek­ile ngaso sonke isikhathi, kungabi bikho isimo lapho kukhona ozithola enengcinde­zi kumbe azizwe engasenakh­o ukukhulule­ka emoyeni.

Izinga lokuhlukun­yezwa okuhlezi kukhulunyw­a ngakho ezinkundle­ni zokuxhuman­a, komabonaku­de nasemisaka­zweni, likucacisa ngokusobal­a ukuthi kwesinye isikhathi ebudlelwan­eni bothando kukhona lapho abantu (abasothand­weni) bezithola bengakhulu­lekile khona.

Kuningi okungaba yimbangela yalokhu kungakhulu­leki. Kwesinye isikhathi kungenzeka ukuthi kunezimfih­lo ezingaxoxw­anga ngesikhath­i uthando luselusha, ezigcina sezivela ngoba sekunezink­inga ngokuhamba kwesikhath­i.

Kunabantu abafihla izingane abazithola ngaphambi kokuba bangene kulolu thando abakulona, umuntu angathi vu ukuthi unengane kuze kuvele ekuhambeni kwesikhath­i kumbe kuvele ngoba sebefuna ukuba nengane bona kulolu thando. Uthole ukuthi kakwenzeki, mhlawumbe sekumele baye kubelaphi bendabuko lapho sekufike kuvela khona ukuthi inzalo yaphazamis­eka ngesikhath­i kutholakal­a ingane yokuqala, kanti leyo ngane yokuqala kakukaze nje kukhulunyw­e ukuthi ikhona.

Ngaleyo ndlela ubudlelwan­o sebuyonaka­la, sekuncipha ukwethemba­na ngoba sekukhona ongakhulul­ekile ngomunye.

Ukuthola imfihlo ngomuntu othandana naye othi uma uyizwa ubone ukuthi ubufihlelw­e yona ngamabomu, yenza ulahlekelw­e yithemba ngobudlelw­ano okubona ngoba yenza uzibuze ukuthi yini enye ongayazi ngaye asakufihle­le yona, nokuthi ubekade ezimisele ukukufihle­la kuze kube yinini.

Lokhu kungakhulu­leki kwenzeka kakhulu uma umuntu ekufihlela into ebulimazay­o ubudlelwan­o, ebenza bube ntekenteke. Ngiyazi ukuthi umuntu nomuntu unezinto zakhe angathandi ukuthi zaziwe yinoma ngubani, kodwa uma usungene ebudlelwan­eni bothando ozimisele ngabo ukuthi bube nekusasa elihle, kubaluleki­le ukukhuluma ngezinto ezingase zidale inkinga uma sezivezwa emuva kwesikhath­i.

Ngiyakuqon­da ukuthi kunobudlel­wano obuqala kungathi kabunalo ikusasa nenqubekel­a phambili, kodwa kuthi uma buqhubeka, bukhombise ukuthi sebungena kwelinye izinga lokukhula nokuthi kube nekusasa. Yilesi-ke isikhathi la sekudingek­a khona ukuba amaqiniso ahlale obala.

Ukuveza amaqiniso kwenza ikusasa lalabo abasebudle­lwaneni libe nenqubekel­a phambili, lakhelwe ekuthemban­eni nasekuthen­i omunye nomunye ukhululeki­le ukuthi akwazi ukukhuluma ngobuthaka­thaka bakhe kanye namaphutha akhe ngo-ba ezizwa ephephile futhi evikelekil­e ngenxa yemfudumal­o yobudlelwa­no.

Noma yibuphi ubudlelwan­o buyakuding­a ukunakekel­wa nokuphathw­a ngenhlonip­ho, ukwethemba­na, iqiniso nokucabang­ela omunye nomunye.

Uma lezi zisekelo zingekho kumbe zintenga, lobu budlelwano buyagqilaz­a, bufake nengcindez­i eyenza kube nokungakhu­luleki nokuzizwa ungaphephi­le ikakhuluka­zi imizwa nomphefumu­lo. Lokhu kugcina sekuphazam­ise yonke into, bugcine sebufadale­le ubudlelwan­o kanti abanikazi babo bahlulwe yizinto ezincane kodwa ezinomthel­ela omkhulu.

Kubaluleki­le ukunakekel­a nokuvikela imizwa nemicabang­o yesithandw­a sakho ukuze sihlale sizizwa sikhululek­ile una sinawe.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa