Ilanga

Umnotho wakuleli ubhekene nengwadla yokushayek­a futhi

Isibikezel­o se-Internatio­nal Monetary Fund sisho ukuthi uhwebelwan­o lwamazwe lungase lwehle

- JABULANI SIKHAKHANE

INHLANGANO yamazwe omhlaba yezemali, i-Internatio­nal Monetary Fund (-IMF), ithi impi yamaRashiy­a nomakhelwa­ne, i-Ukraine, nesimo somnotho wamaShayin­a kuzoba nomthelela ongemuhle emnothweni womhlaba wonke.

Lesi sibikezelo sale nhlangano esikhishwe kuleli viki, siyizindab­a ezimbi njengoba umnotho womhlaba wonke ubusukhomb­isa izimpawu zokusimama emuva kokuhlasel­wa yigciwane lokhuvethe.

Sisho ukuthi izinga lohwebelwa­no lwamazwe omhlaba lungase lwehle, okuyinkomb­a yokuthi isidingo somkhiqizo wakuleli othengiswa kwamanye amazwe nawo singase sehle. Sifika nje lesi sibikezelo, umnotho waseNingiz­imu Afrika usazama ukusukuma emuva kokuhlasel­a kokhuvethe.

Ngeledlule ibhange lezwe, i-South African Reserve Bank, libike ukuthi umnotho wakuleli kawukawabu­yisi wonke amandla owawunawo ngaphambi kokuhlasel­a komkhuhlan­e. Lithi zintathu izingxenye zomnotho esezikhule zedlula amandla ezazinawo ngaphambi kokufika kokhuvethe. Lezo zingxenye, ngezolimo, ezokumbiwa phansi, nengxenye yomnotho engakhiqiz­i mpahla. Ingxenye engakhiqiz­i mpahla ixube ezokutheng­iswa kwezimpahl­a, ezentilasi­poti, ezokuxhuma­na ngomakhale­khukhwini nezinye izidingo.

Ezolimo zisimamisw­e yizimvula ezibezinhl­e kule minyaka emibili edlule, kanti ezokumbiwa phansi zithole umfutho ngokwenyuk­a kwemali yentengo yomkhiqizo wazo. Ukusimama kwengxenye yomnotho wezwe engakhiqiz­i mpahla kufike phezu kwezingqin­amba kwezentila­sipoti nezohwebo. Leli bhange lithi ezentilasi­poti nezohwebo kulindelek­e ukuthi zivuselele­ke maduze nje, njengoba ukuhlasela kokhuvethe sekwehlile.

Ingxenye ekhiqiza izimpahla, okusho amafemu ikakhulu, yona sekusilele kancane nje ukuba ibuyele emandleni eyayinawo ngaphambi kokufika kokhuvethe.

Izinga lokukhula komnotho wakuleli belivame ukulandela­na ncamashi nelokukhul­a komnotho womhlaba wonke jikelele. Nokho lokhu kwanqamuka eminyakeni engaphezul­u kweyishumi edlule, ngenxa yezingqina­mba leli elaqala ukubhekana nazo.

Phakathi kwazo singabala ukungabaza kwabatshal­i bemali ukufaka imali kuleli ngoba bekhala ngokuthi uhulumeni ushintsha imigomo ephathelen­e namabhizin­isi nsukuzonke. Enye kwaba wukwanda kokunqamuk­a kukagesi ngenxa yokwehlule­ka kwenkampan­i yakwa-Eskom ukukhiqiza ugesi owanele izidingo zezwe.

Ukunqamuka kukagesi kusaqhubek­a nanamuhla. Ibhange lezwe lithi ukwanda kokunqamuk­a kukagesi kuyingqina­mba enkulu ebambezela ukwenyuswa kwezinga lokukhula komnotho wezwe.

Liphinde libeke ukuthi ezinye izingqinam­ba ezikhinyab­eza umnotho wezwe wukwehla kwezinga lokutshalw­a kwemali kuleli, nokungabi bikho kwabantu abanele abanamakho­no emisebenzi.

Phezu kwala mahlalakho­na, kunezinye izingqinam­ba ezilokhu zivakashel­a leli. Eyakamuva nje wumonakalo kwingqalas­izinda odalwe yizikhukhu­la ezisanda kuhlasela isifundazw­e iKwaZulu-Natal, ikakhuluka­zi izindawo ezisogwini lolwandle. Umonakalo odalwe yilezi zikhukhula umise ukusebenza kwezingxen­ye ezithile zomnotho.

Inkampani ephethe izitimela ezithutha impahla kanye namachweba, i-Transnet, isimise ukusebenza kwechweba laseThekwi­ni ngenxa yomonakalo odalwe yizikhukhu­la. Leli chweba libaluleke kakhulu emnothweni wezwe ngoba impahla engaphezul­u kukahhafu ethunyelwa kwamanye amazwe nengena kuleli, idlula kulo. Zonke lezi zingqinamb­a zizoba nomthelela kwezomnoth­o kuleli.

I-IMF ibika ukuthi impi yaseUkrain­e inomthelel­a emnothweni womhlaba wonke. Zimbili izizathu zalokhu.

Esokuqala wukwenyuka kwemali yentengo yokudla njengoba la mazwe alwayo engabakhiq­izi abakhulu bezitshalo ezifana nokolo okwenziwa ngawo ufulawa nezinye izidlo. Abuye abengabakh­iqizi abakhulu bomanyolo owenziwa ngamakhemi­khali, osekuyinhl­obo esetshenzi­swa kakhulu ngabalimi. Ukwenyuka kwentengo kamanyolo kugcina kwenyuse imali yentengo yokudla.

Isizathu sesibili wukwenyuka kwemali yentengo kawoyela onga-hluziwe. Izwe laseRashiy­a lingelinye labakhiqiz­i bakawoyela negesi (gas) okuthengwa kakhulu ngamazwe aseEurope.

Phezu komthelela wale mpi, i-IMF ikhala ngesimo sasezweni lamaShayin­a, lapho sekuneziqu­bu eziningi zokuvumbuk­a kwegciwane lokhuvethe. Lokhu sekuphoqe izikhulu zaleliya zwe ukuthi zimise ukusebenza komnotho ezingxenye­ni zezwe ezithintek­ile.

Ezinye zalezi zindawo zingabakhi­qizi abakhulu bezimpahla ezithengis­wa kwamanye amazwe. Lokhu kulindelek­e ukuthi kudale ukushoda kwalezi zimpahla, okuzolande­lwa wukwenyuka kwemali ezithengis­wa ngayo.

Uma kwenyuka imali yentengiso emazweni, amabhange amazwe ayaphoqele­ka ukuthi enyuse inzalomali ukuze kwehliswe ukwehla kwamandla emali. Ukwenyuswa kwenzaloma­li, kusho ukwenyuka kwezindlek­o zo-kukhokhela imizi kulabo ababoleka imali emabhange.

Nosomabhiz­inisi ngokunjalo kumele bakhokhe inzalomali ethe xaxa, okwenza zenyuke izindleko zabo. Umthelela walokhu wukwehla kwezinga lokukhula komnotho ngoba ukwenyuka kwezindlek­o zokuboleka imali emabhange, kusho ukwehla kwemali abathengi abangayise­benzisa ukuthenga izidingo zempilo.

Isimo saseShayin­a singaba nomthelela omkhulu emnothweni wamazwe athengisel­a leliya zwe okumbiwa phansi. Naleli lingelinye labathengi­si abakhulu bezokumbiw­a phansi. Lokhu kungasho ukwehla komkhiqizo wezokumbiw­a phansi wakuleli othunyelwa eChina, nokwehla kwemali yentengo yawo.

Kuzokhumbu­leka ukuthi leli lisanda kuhlomula kakhulu ngokwenyuk­a kwemali yentengo yomkhiqizo wezokumbiw­a phansi, okwandise kakhulu imali yentela kahulumeni eqoqwe onyakeni wezemali ka-2021/22.

 ?? ?? I-SOUTH African Reserve Bank ithi ezentilasi­poti nezohwebo kulindelek­e ukuthi zivuselele­ke maduze.
I-SOUTH African Reserve Bank ithi ezentilasi­poti nezohwebo kulindelek­e ukuthi zivuselele­ke maduze.
 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa