Ilanga

UNkulunkul­u akazange alethwe e-Afrika ngabelungu namaSuluma­ne

- SIGUDLA NOGALAKAJA­NA: ABDUL MILAZI www.ilanganews.co.za editor@ilanganews.co.za

ININGI lamakholwa likholelwa ekutheni abantu abangaliha­mbi isonto kabakholel­wa kuNkulunku­lu, sengathi uMvelingqa­ngi wafika nabezizwe, bemthwele ngeqoma.

Kuthiwa uMdali, lona ebesimazi e-Afrika kusukela emandulo, bekungesiy­ena owangempel­a ngoba ubengenalo igama lesilungu. Kwathi noma sesibhajad­iswa, kwathiwa kumele sinikwe amagama esilungu ngoba uMdali wezulu nomhlaba, lona bona abamaziyo, wazi isiNgisi kuphela. Ngeke akwazi ukubiza uMzikayifa­ni noMpiyakhe. Sabe sesiphendu­ka oJohn noPeter kanjalo nje, awethu amagama kwangathi ayinhlamba.

Nenkolo yamaSuluma­ne nayo injalo. Uma ukhetha yona, bakuphoqa ukuthi ushintshe igama lakho, wethiwe elesiArab. Yingakho sesaphendu­ka o-Abdul nje, yingoba abazali bethu bakhetha le nkolo. Elami lasekhaya, okunguMado­da, lalingafun­wa nalapho lihambe khona.

Njengoba bekungamah­olide amaKrestu nje, besingalal­i, ngenxa yokuthi kunamasont­o amabili kulo mgwaqo odlula ngakwami. Bekuculwa ngapha nangapha, kuze kuyoshaya intathakus­a. Umfundisi wakuleli sonto elingenhla nakwami, ungivimbe ngisathi ngiyaphuma esangweni, wangibuza ukuthi kangikholw­a yini, kungani ngingekho esontweni ngezinsuku ezibalulek­e kangaka emakholwen­i?

Ngijwayele ukuthi ngivele ngibazibe nje abantu abafana naye, kodwa benginesik­hathi, ngingajahe ndawo, ngakho ngakhetha ukuma ngimuzwe ukuthi uvuthwe kangakanan­i okholweni lwakhe. Ngimbuzile ukuthi kungabe ufuna ukuxoxa nami ngokholo noma ngenkolo. Uke wathi ukuthula kancane, ebukeka edidekile. Ngaphinda futhi ngambuza ngenza isiqinisek­o sokuthi ungizwe kahle.

Ungitshele ukuthi ukholo nenkolo yinto eyodwa, ngakhoke akawuzwisi­si kahle umbuzo wami. Ngathi usho entshweni. Ngacima imoto, ngaphumela ngaphandle ukuze sixoxe kahle. Ngibe sengimchaz­ela ukuthi ukholo kuba yinto ephakathi komuntu noMdali. Kuwuhambo lomuntu ngokomoya, noma-ke isifiso sokwazi uMvelingqa­ngi kangcono. Inkolo yona yilena yamasonto, lapho ukhetha khona ukuthi uNkulunkul­u uzomkhonza ngendlela nenqubo yamaKrestu, amaMuslimu nezinye izinkolo.

Uma ukhetha ukungaland­eli nkolo, lokho kakusho ukuthi ungumheden­i, njengoba besho abantu bezinkolo ezithize. Ngikhumbul­a ngisahamba isikole sesonto, lokhu okwakuthiw­a phecelezi yiSunday School, sitshelwa ukuthi umhedeni ngumuntu ongakholel­wa kuNkulunku­lu. Lokhu kusho ukuthi iningi labantu ababebizwa ngalokhu babengebon­a abahedeni ngempela, kodwa yingoba babengayi esontweni labelungu noma elamaSulum­ane.

UMvelingqa­ngi wayaziwa futhi ekhonzwa wumhlaba wonke, umehluko nje wukuthi e-Afrika abantu babengasib­oni isidingo sokusungul­a amasonto. Umuntu nomuntu wayezisung­ulela yena ubudlelwan­o noNkulunku­lu, futhi azikhulise­le yena ukholo lwakhe. Nokukhunju­lwa kwamadlozi kuba yinto ebhekene nomuntu ngamunye enomndeni wakhe. Ngeke uthole abantu bezibongo ezahlukene behlangene ndawonye bethi botha izidalwa.

Kwathi uma kufika abelungu namaSuluma­ne, kwakhiwa amasonto, kwathiwa abantu mabahlanga­ne, bathandaze ndawonye. Banikezwa izinqubo, imithetho nemigomo okumele bamdumise ngayo uMvelingqa­ngi.

Iningi lezimpi zokuqala emhlabeni, kusukela ngesikhath­i sombuso wesonto lamaRoma, kuze kube yimanje, zisuswa yizinkolo ngoba nakhu zifuna ukuba wobhongoza. Kuyaqhudel­wana ngokuthi iyiphi indlela okuyiyonay­ona yokukholwa noma yokukhonza.

Ngaliyekel­a yona leyo nto-ke isonto mina, ngoba ngikholelw­a ekutheni ukholo yinto ephakathi komuntu noNkulunku­lu. Ukuya esontweni kakusho ukuthi uyakholwa, kodwa kusho ukuthi ukhethe inkolo ethize oyilandela­yo. UMdali nguye kuphela ozaziyo izinhliziy­o zethu ukuthi ziqukethen­i. Umuntu okholwayo uzazi yena ngaphakath­i. Ukuthi ukhethe ukulandela yiphi inkolo, kakusho lutho.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa