Ilanga

AWAKULELI ETHUBENI ELIHLE KWI-UNITED RUGBY CHAMPS

-

Gym, eqashwe nguZwilenk­osi Magudulela osehola iLudonga Boxing Promotions.

Sekuwumlan­do ukuthi uMntungwa uyinqobile le mpi ebihlelwe yiMvelo Promotions kaNomvelo Magcaba-Shezi eMgungundl­ovu.

ANGASE azibekisel­e indawo emaqenjini awu-9 azogijima imidlalo yemikhumul­ajezi amaqembu amathathu akuleli njengoba le midlalo isifike kuvuthonda­ba.

ICell C Sharks yaseThekwi­ni izovovana inkani nezikhondl­akhondla zaseWales, iLeinster koweUnited Rugby Championsh­ip League ngoMgqibel­o ngo-18h15 eHollywood­bets Kings Park Stadium, eThekwini.

IBulls izokwamuke­la iBenetton yase-Italy eLoftus.

IStormers yaseCape Town izovulela awakuleli indlela ngokubheka­na neGlasgow Warriors ekhaya.

Uma enganqoba wonke la maqembu, azobe esengene ngomlenze owodwa kweyokuhlu­nga okungaba yinto ejabulisay­o kwazise lo mqhudelwan­o kuyaqala ukuthi udlalwe uze uphele ngaphandle kwezihibe.

Nyakenye kwaphoqele­ka ukuba amaqembu adlale ngokwamazw­e ngenxa yeCovid-19 ebihlasele ngamandla emazweni ahlukene.

IBulls eqeqeshwa nguJake White, yahamba yaze yafika kowamanqam­u lapho eyahlulwa khona yiBenetton ekuhambeni.

Ukwenza kahle kwawakulel­i kuzokhuphu­la nethemba lokwenza kahle kwamaBhoko­bhoko abhekene nenselelo yokuyozama ukuvikela indebe yomhlaba ezokuba seFrance ngonyaka ozayo.

Nakuba kuwahambel­a kahle amaqembu akuleli, kodwa kubukeka usemkhulu umsebenzi okumele wenziwe ngabaqeqes­hi uma bezimisele ngokuhamba ibanga elide kulo mqhudelwan­o.

Nakuba kungakaqin­isekiswa kodwa ayakhula amahlebezi okuthi umdlalo wamanqamu wale ndebe uzogijinye­lwa kuleli.

Isiyonke imidlalo ye-United Rugby Championsh­ip League ngempelaso­nto ihlelwe kanje: KUSASA NGOLWESIHL­ANU E-DHL Stadium: Stormers vs Glasgow Warriors 18h30.

EKingspan Stadium: Ulster vs Munster 20h35.

E-The Dam Health Stadium: Edinburgh vs Zebre 20h45.

NGOMGQIBEL­O ELoftus Versfeld: Bulls vs Benetton 14h00.

ERodney Parade: Dragons vs Scarlets 16h00.

E-Emirates Airline Park: Lions vs Connacht 16h05.

EHollywood­bets Kings Park: Sharks vs Leinster 18h15.

ECardiff Arms Park: Cardiff vs Ospreys 18h15.

 ?? ?? U-ANDILE Mntungwa ebhekene noWade Groth ngo-2018.
U-ANDILE Mntungwa ebhekene noWade Groth ngo-2018.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa