Kulimale abagadli abamqoka boSuthu
UMulenga noNtuli ngeke besabonakala kule sizini
AGQEMEKE enye inkunzimalanga yengozi AmaZulu FC elinyalelwa ngumgadli wawo omqoka okuvela ukuthi ngeke esabonakala ngale sizini. USuthu lubhekene nomdlalo omkhulu nomkhaya iRoyal AM weDStv Premiership ngeSonto ngo-15h00 eChatsworth Stadium, eThekwini.
USuthu kuvela ukuthi luzokuya kulo mdlalo ngaphandle kukaBongi Ntuli (osesithombeni) okuthiwa ulimele.
Kuthiwa emuva kokuba exilongwe ngodokotela, bathole ukuthi ngeke akwazi ukuqhubeka nemidlalo yonke yangale sizini, okusho ukuthi eyakhe isiphelile. Kulimala uNtuli nje, uSuthu luvele ludonsa kanzima ngakubadlali njengoba no-Augustine Mulenga ongumgadli naye elimele.
Naye isizini yakhe iphelile njengoba engeke esabonakala. Phezu kwalezi zinkinga, umqeqeshi woSuthu uBrandon Truter uthi ezakhe zisengaqeda zisemngceleni weChampions League yize kubukeka kuyinto engeke ibe lula.
UTruter ufike nozinzo kule kilabhu njengoba eseyinqobe yomibili imidlalo aseyidlalile.
“Ngesikhathi ngithatha lo msebenzi ngilwenzile ucwaningo, ekubeni namaZulu ngiyawazi ukuthi anabadlali abaseqophelweni eliphezulu. Kangikungabazi ukuthi okufunwa ngabaphathi okuyi-top 4 sizoyithola.
“Ngizizwa nginokwethemba ukuthi sizokwenza lokho futhi siqede sisendaweni yeChampions League ngokuqeda silele isibili. Izibalo zisasivuma futhi ngiyabethemba abafana bami ngoba basezingeni eliphakeme.
“Ngebhadi-ke uNtuli kuphelile ngaye, ngeke esabonakala ngale sizini njengoba kwenzeke kuMulenga. Kodwa baningi abadlali esinabo abangasinika lokhu esikudingayo, benze siqine.
"Lo mdlalo wethu womkhaya esiya kuwona ungawela kunoma ngubani kodwa nginethemba lokuthi kuzoba yithi ngoba ngiyabethemba abafana bami,” kusho uTruter.