Ilanga

URHEE ULIBONA LINZIMA IQOQO LEBAFANA LOKUHLUNGE­LA I-AFCON

-

ULIBONA linzima iqoqo okudidiyel­we kulona iBafana Bafana emidlalwen­i yokuhlunge­la i-Africa Cup of Nations (Afcon) ezokuba ngonyaka ozayo e-Ivory Coast uSibusiso “Rhee” Zuma (osesithomb­eni) ozakhele igama edlala kuleli qembu emi-nyakeni edlule.

Elakuleli lididiyelw­e ndawonye neMorocco, iLiberia neZimbabwe kwiGroup K. Nokho iZimbabwe ngeke ilibambe iqhaza kule midlalo njengoba isamisiwe emidlalwen­i yomhlaba ngenxa yokugxambu­kela kukahulume­ni wakhona kwezemidla­lo.

“Kumaqoqo amaningi kuyabonaka­la ukuthi yimaphi amazwe asethubeni lokunqoba kodwa kweleBafan­a kunzima. Lokhu kuphoqa ukuba abadlali beBafana bazinikele ngokuphind­iwe ukunqoba ukuze baziqophel­e owabo umlando ngokufaka lesi sikwati kwiAfcon,” kusho uZuma.

Uthi sekuyisikh­athi sokuba ukaputeni weBafana uRonwen Williams akhombise ubuholi obuqotho ngokuhola leli qembu ayolifaka kwi-Afcon. Uthi uyamethemb­a njengoba edlalile naye kwiSuperSp­ort United.

“Ngikholwa wukuthi yisikhathi sikaWillia­ms sokuziveza ukuthi uphetheni. Isipiliyon­i sakhe simqoka kakhulu ukuze kubuye ukuzethemb­a kubadlali besikwati.

Kufanele asihole ngobuqotho. Ngifisa ukunxusa abalandeli bakanobhut­shuzwayo bakuleli ukuba bameseke uHugo Broos ongumqeqes­hi.

“Sinabadlal­i abaningi abahle njengoba noTebogo Mokoena ogijima kwiMamelod­i Sundowns egila izimanga kuyona njengoba eyishayela amagoli amahle. Yingalesi sizathu ngibona singase senze kahle kakhulu kule midlalo yokuhlunga,” kusho uRhee.

Imidlalo yokuhlunga izoqala ngoNhlangu­lana (June) kanti izinsuku zayo zizomenyez­elwa ngokuhamba kwesikhath­i.

 ?? ??
 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa