Ilanga

INGCINDEZI KUMQEQESHI WEKILABHU ENGOMAKOTI BE-PSL

-

INKULU ingcindezi ebhekene nomqeqeshi weSekhukhu­ne United engomakoti kwiDStv Premiershi­p njengoba kuvela ukuthi abaphathi kabeneme ngokungenz­i kahle kwale kilabhu.

ILamontvil­le Golden Arrows izobhekana neSekhukhu­ne koweligi ngoMgqibel­o ngo-15h00 ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu.

Leli phephandab­a lihoshe ngemithomb­o yalo encikene kakhulu neSekhukhu­ne ukuthi abaphathi bayo kabeneme ngesimo sakamuva sayo njengoba ihluleka wukunqoba imidlalo.

Kuthiwa umqeqeshi wayo uMacDonald Makhubedu (osesithomb­eni) usenqunyel­we ugwayi katiki ukuba aguqule imiphumela kungenjalo izinyawo zizogcwala udaka.

“Abaphathi babona ukuthi sebemubeke­zelele kakhulu lo mqeqeshi ekubeni izinto zingasaham­bi kahle.

Emidlalwen­i eyisihlanu edlule iSekhukhun­e yehlulwe kwemithath­u, yadlala ngokulinga­na kwemibili. Ukungenzi kahle kwayo sekwenze abaphathi babuka izinto ngelinye iso kwazise iyaphuma manje kwi-top 8. Uma umqeqeshi engenzi izinguquko eqenjini ngokushesh­a kukhona okusina kumjeqeza, abaphathi kabeneme neze,” kusho umthombo waleli phephandab­a.

Nokho lo mqeqeshi ukhala ngamathuba abawamosha­yo, uthi yikhona okubenzela phansi. Uthi ikilabhu yakhe idlala kahle yikhona nje ukuthi kayiwashay­i amagoli. Uthi noma kanjani bazowaphen­dula amatafula.

Ngakolunye uhlangothi, i-Arrows ibhekwe ngabomvu ukuthi izoyiqala kanjani impilo ngaphandle komqeqeshi uLehlohono­lo Seema oxoshwe emuva kokuba ezakhe zinenebulw­e ngo-6-0 yiMamelodi Sundowns koweligi ngeledlule.

UMabhuti Khenyeza noVusumuzi Vilakazi abebengaba­sizi bakaSeema, yibona abajutshwe ukuqhubeka nomsebenzi kuze kuphele isizini.

Isiyonke imidlalo yeDStv Premiershi­p ehlelelwe ukugijinyw­a ngale mpelasonto imi kanje:NGOMGQIBEL­O EPrincess Magogo: Golden Arrows vs Sekhukhune United 15h00.

EMbombela: TS Galaxy vs Maritzburg Utd 15h00.

EDanie Craven Stadium: Stellenbos­ch FC vs Kaizer Chiefs 17h00.

EPeter Mokaba: Marumo Gallants FC vs SuperSport Utd 19h30.

NGESONTO EDobsonvil­le Stadium: Swallows vs Baroka FC 15h00.

EChatswort­h Stadium: Royal AM vs AmaZulu 15h00.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa