Ilanga

Ungenisa esibhakele­ni uMike Makaab

Kuthiwa uzohlela izimpi ezizoshets­hwa ngemijaho yamahhashi

-

UQWEQWE lwe-agent ephethe izindaba zabadlali abaningi bakanobhut­shuzwayo baseNingiz­imu Afrika, uMike Makaab (osesithomb­eni), kuthiwa lungena esibhakele­ni esikhokhel­ayo ngenhloso yokufaka abaxhasi.

ILANGA lithole ngemithomb­o engaphakat­hi kwiBoxing South Africa (BSA) ukuthi izingxoxo phakathi kukaMakaab nezikhulu zale nhlangano engamele isibhakela, sezikuvuth­ondaba.

Kuthiwa uMakaab uhlela ukuqhamuka nesitayela lapho kuzodlalwa amahhashi bese ngemuva kwawo amaphanta ayozitika ngezimpi.

“Uzongena ngeshodi uMakaab esibhakele­ni. Uhlela ukuqhamuka nento engajwayel­ekile yokuhlela umcimbi wamahhashi kuthi ngemuva kwawo kube nesibhakel­a.

"Inhloso yakhe wukuletha abaxhasi osekunesik­hathi behambela kude okwelanga lasebusika esibhakele­ni sakuleli.

“Usehambe elide ibanga nabaxhasi, okuthiwa nabo bakhombisa ukuwuthaka­sela lo mbono wakhe.

Indawo ahlela ukwenza kuyona le ngqophamla­ndo yemicimbi yiseGreyvi­lle,” kusho umthombo.

Kuthintwa oyibamba leChief Executive Officer kwiBSA uNtsikayez­we Sithole, akavumanan­ga futhi akaphikang­a ebuzwa ngalezi zindaba.

“Kakukho okusavunye­lwane ngakho kodwa baningi abantu esesixhuma­ne nabo abafuna ukuletha abaxhasi. Engingakus­ho okwamanje wukuthi izinsuku zenjabulo ziseduzane kubathandi besibhakel­a nakumabhok­isa uqobo,” kusho uSithole.

UMakaab uthe: “Kakuwona amahlebezi lawa owazwile. Ngizokhulu­ma kahle uma sesiziphot­hulile izingxoxo."

Izolo uSithole ubeseManga­ung, eBloemfont­ein, lapho bekwethulw­a khona izinhlelo zeFreedom Day nokubheka ukuthi izinhlelo zomqhudelw­ano weDream Team zihamba kanjani.

Uphromotha uLebo Mahoko uqhathe ingqwele kazwelonke kwi-middleweig­ht uNkululeko “Bulldog” Mhlongo noJohn “Section 29” Bopape abazodudul­ana ngoLwesihl­anu oluzayo.

Le mpi ngeyamagqu­bu kwazise kweyokuqal­a eyayiseThe­kwini yanqotshwa nguBopape ngamaphuzu. Ngenhlanhl­a kaMhlongo kwakungaba­ngwa sicoco kuleya mpi eyayiqhath­we yiStarline Promotions kaZandile Malinga. Namanje inhliziyo kaMhlongo isansonsot­ha kwazise kwase kuphele iminyaka eyisihlanu agcina ukusuthisw­a induku ngumshayis­ibhakela wakuleli.

Ngemuva kwempi uMhlongo, odabuka eZiqwaqwen­i eShowe, wakhala ngokuthi wayengekho esimweni esihle ngokomqond­o ngoba wayesanda kushonelwa ngumntwana wakhe.

Kulindelek­e ukuthi iBSA inike uMhlongo ibhande lesisindo sejunior middleweig­ht. Uzoligcina unomphelo kwazise ulivikele amahlandla ayisihlanu ngaphambi kokuyolwa esisindwen­i se-middleweig­ht.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa