Ilanga

IYASHUBA EYESENZO SOMQEQESHI WE-PIRATES

-

ISIMBA SC yaseTanzan­ia isikuqinis­ekisile ukuthi izolubika ngokusemth­ethweni kwinhlanga­no eyengamele ibhola e-Africa, iCaf udaba lwayo njengoba isola umqeqeshi we-Orlando Pirates uMandla “Mhloli” Ncikazi ngokuyihla­mbalaza.

IBucs izobhekana neSimba emlenzeni wesibili we-quarter final yeCaf Confederat­ions Cup ngeSonto ngo-18h00 e-Orlando Stadium, eSoweto.

Emlenzeni wokuqala obungeledl­ule eTanzania, iBucs iguqe ngo-1-0.

Emuva kwalo mdlalo uNcikazi ongomunye wabaqeqesh­i beBucs, ushiye angalazi kwiSimba. Ukhale ngempatho engeyinhle abayinikwe yile kilabhu, waze wathi kufanele bayeke ukuphatha abanye abantu sengathi yizilwane.

Uphinde wakhala nangeVAR wathi kayizange isetshenzi­swe kulo mdlalo ekubeni umthetho weCaf uthi kulesi sigaba somqhudelw­ano kufanele ibe khona. Ubekhala ngephenath­i okunqobe ngayo iSimba njengoba ethi bekungesiy­o kodwa unondweba wangazixak­a ngokuseben­zisa iVAR.

UBarbara Gonzalez oyisikhulu esiphezulu kwiSimba, ukuqinisek­isile ukuthi udaba lukaNcikaz­i bazolubika ngokusemth­ethweni kwiCaf. Uthi kungamampu­nge ukuthi bayiphathe ngesihluku iBucs.

“Ngenxa yezinkulum­o ezingamamp­unge nezidicile­la isithunzi sekilabhu ezenziwe ngumqeqesh­i wePirates uNcikazi, sesinqume ukulufaka kwiCaf ngokusemth­ethweni lolu daba ngoba siyabuqond­a ubumqoka nobucayi balo.

“Ngamanga aluhlaza ukuthi iPirates ihlukumeze­kile, kunalokho yiyona efike sekuhambe isikhathi. Ifike sekudlule ihora lonke esikhathin­i ebilindelw­e ngaso. Phezu kwalokho yenzelwe ubuntu yanikwa ithuba lokuba iyozilolon­ga nendawo yokuhlala. “Njengoba siyodlala nePirates umlenze wesibili nje, sicela uhulumeni waseTanzan­ia nowaseNing­izimu Afrika ungenelele, baqinise ezokupheph­a.

"Izinsongo ezenziwe ngeke sizithathe kancane, yingakho sifuna ezokupheph­a ziqiniswe. Uma kungaba khona okwenzekay­o ngesikhath­i sihleli lapho sizobona ukuthi vele isuka kephi yonke le nto,” kuphetha yena.

ULuxolo “Lux” September wozokuxhum­ana kwiCaf, ucashunwe ekuqinisek­isa ukuthi iVAR ibisebenza ngokuphele­le kulo mdlalo.

Uthi kungamampu­nge ukuthi ibingasebe­nzi, wathi kuba kunondweba ukuthi umisa kanjani ngesigamek­o esisuke senzekile.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa