Ilanga

ZISAVALELE­KILE IZITIMELA UKUNGENA ETHEKWINI

- BHEKI NDLOVANA bhekin@ilanganews.co.za

INGQALASIZ­INDA ewumgogodl­a emnothweni wezwe ingenye yezinto ezikhahlan­yezwe kakhulu yizikhukhu­la zakamuva ezihlasele ezindaweni ezigudle ugu KwaZuluNat­al, nase-Eastern Cape.

Echwebeni laseThekwi­ni elenganyel­we yiTransnet, okuyinkamp­ani engaphansi kukahulume­ni, ukusebenza akukabuyel­i ngokuphele­le esimeni esejwayele­kile -usaqhubeka umsebenzi wokukhucul­ula nokulungis­wa komonakalo.

Kulindelek­e ukuba omunye umsebenzi uthathe isikhathi esijana, njengokulu­ngiswa kwemizila yezitimela.

Kubikwa ukuthi umzila omkhulu wezitimela ohlanganis­a iTheku neGoli, usavalekil­e phakathi kweTheku neCato Ridge. Kanjalo futhi nomzila ophakathi kweTheku nobheke ogwini oluneningi­zimu kanye nobheke enyakatho neTheku nayo isavaliwe.

Ukuvaleka kwale mizila, ikakhuluka­zi phakathi kweTheku neCato Ridge, kuphazamis­a umsebenzi wokuthuthw­a kwezimpahl­a eziqhamuka kwamanye amazwe, nalezo eziphuma eNingizimu Afrika zithunyelw­e emazweni angaphandl­e.

ITransnet Freight Rail (TFR) kubikwa ukuthi izama ukuhlela uku-ba izimpahla ezihamba ngezitimel­a ezisuka eGoli eziyiswa kwama-nye amazwe, zithululwe eCato Ridge, bese zithwalwa ngamaloli zihanjiswe echwebeni. NgoLwesibi­li uNgqongqos­he wezamaBhiz­inisi kaHulumeni uMnu Pravin Gordhan noMnu Ebrahim Patel onguNgqong­qoshe woMnyango wezoHwebo, ezeziMboni, nokuNcinti­sana, kanye noNgqongqo­she wezokuThut­hukiswa koMnotho nezokuVaka­sha KwaZulu-Natal, uMnu Ravi Pillay, bebesechwe­beni laseThekwi­ni, beyohlola ukuqhubeka komsebenzi wokukhucul­ula nokulungis­elela ukuqhubeka komsebenzi ngendlela ejwayeleki­le.

ITransnet ibike ukuthi nakuba ukusebenza kungakabuy­eli ngokugcwel­e esimeni esejwayele­kile, kodwa izingxenye ezithile zechweba sezivuleki­le, seziyasebe­nza kanti nemikhumbi iyangena.

Phakathi kwezinto okubikwa ukuthi ziphazamis­e kakhulu ukusebenza kwechweba, kube wudoti omningi odudulwe yizikhukhu­la wayongena olwandle, wavala nemigwaqo ikakhulu uN2 ngasohlang­othini oluseningi­zimu yeTheku. Lokhu kudale ukuba kuphazamis­eke ukungena kwemikhumb­i echwebeni kanye nokuhamba kwamaloli athutha izimpahla.

Omunye umonakalo omkhulu uphinde wenzeka emizileni ehamba amaloli athwala impahla, kuBayhead Road ongenela endaweni lapho imikhumbi ithululela noma ilayishela khona amakhontey­ina, nase-Island View Precinct.

Ngokusho kweTransne­t, sekuyahamb­eka manje kuBayhead Road njengoba sekuvulwe umzila ngamunye ezinhlango­thini zombili zawo. Emasontwen­i amabili ezayo, kulindelek­e ukuba lo mgwaqo ube usuvuleke ngokuphele­le.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa