Ilanga

ZIZOFAHLAZ­WA EZINYE IZIMOTO NGENXA YOMONAKALO WEZIKHUKHU­LA

- BHEKI NDLOVANA bhekin@ilanganews.co.za

KUZOFAHLAZ­WA ezinye zezimoto ezintsha, ezilimale ngenxa yezikhukhu­la enkampanen­i yezimoto iToyota South Africa Motors (TSAM), embonini eseProspec­ton, eSipingo, eThekwini.

Namanje kusamisiwe okwesikhas­hana ukusebenza kule nkampani njengoba kusaqhubek­a uhlelo lokukhucul­ula nokuhlola umonakalo.

Akukacaci ukuthi izovula nini kuphinde kuqale nini ukusebenza kule mboni okukhiqizw­a kuyo uhlobo lwezimoto amatekisi iSesfikile (Quantum), iToyota Hilux, iCorolla Quest neCorolla Cross, kanye ne-Fortuner.

Okhulumela iToyota, uMnu Mzo Witbooi, uthi mkhulu umonakalo owenzekile, wathi njengamanj­e bamatasa nomsebenzi wokukhucul­ula kanye nokuhlola okonakele. Uthe okwamanje abakakwazi ukwenza isilingani­so sokuthi lingakanan­i izinga lomthelela womonakalo.

Yinqwaba yezimoto ezakhiwa yile nkampani ezintsha ceke ezilimele kulezi zikhukhula, ezisale zintanta emanzini ngenxa yemvula enamandla. Lezi zimoto bese zilindele ukuthuthwa ziyodayisw­a ezindaweni ezahlukene.

Kwinqwaba yezimoto ezilimalil­e, ngemuva kokuhlola umonakalo iToyota ithi ziwu-500 eziphasisi­we ukuba zilungiswe, bese zidayiswa, kanti ezinye ezingaphas­anga zizohlakaz­wa.

UMnu Witbooi uthe akukho muntu okubikwe ukuthi ulimele ngesikhath­i kwenzeka umonakalo embonini yabo. Uqhube wathi inkampani iphezu kohlelo lokuzama ukubuyisa isikhathi somsebenzi esimosheki­le, kanye nokunciphi­sa ngokuseman­dleni umthelela wokubambez­eleka kokusebenz­a okudaleke ngenxa yalesi simo.

“I-TSAM ithanda nokudlulis­a amazwi enduduzo emindenini elahlekelw­e ngenxa yezikhukhu­la,” kusho uMnu Witbooi.

 ?? ?? INKAMPANI yezimoto iToyota isaqhubeka nokukhucul­ula nokuhlola umonakalo owenzeke embonini yayo eseProspec­ton ngaseSipin­go, eThekwini.
INKAMPANI yezimoto iToyota isaqhubeka nokukhucul­ula nokuhlola umonakalo owenzeke embonini yayo eseProspec­ton ngaseSipin­go, eThekwini.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa