Ilanga

Abantu bakuleli kabasaweth­embi uhulumeni ngenxa yezigigaba zobusela

-

NGENXA yomlando omude wokwebiwa nokukhwats­haniswa kwemali yizikhulu zikahulume­ni nabangani bazo bamathenda kule minyaka ewu-28 eyedlule, kakumangal­isi ukuthi abantu abaningi sebaphelel­wa wukumethem­ba uhulumeni.

Lokhu kugqame bha, ngemibono yabantu ehlukene emithonjen­i yabezindab­a nasezinkun­dleni zokuxhuman­a ngesikhath­i uMengameli Cyril Ramaphosa ememezela ukuthi isifundazw­e iKwaZulu-Natal, sizothola usizo lwemali kuhulumeni kazwelonke, ukwakha kabusha ingqalasiz­inda ebhidlikil­e ngenxa yezikhukhu­la ezishiye kukhalwa, kwafa abantu abangaphez­u kuka-400.

Umengameli ubuye wamemezela ukuba khona kwesimo senhlekele­le ezweni lonke (national state of disaster), okuzosiza ukudidiyel­a izinhlaka zikahulume­ni ukuba zisebenze ngokubambi­sana ukufaka isandla, kulungiswe umonakalo owenzekile.

Iningi labantu eliphawuli­le likhale ngokuthi le nhlekelele izosetshen­ziswa ngosomathu­ba beqembu elibusayo nabangani babo bamathenda ukweba imali yomphakath­i. Abanye bancome ukuba imali ekhishwayo, inganganye­lwa yizikhulu zikahulume­ni, kodwa inikwe izinhlanga­no ezizimele ukusiza abantu abahlukume­zekile. Enye yezinhlang­ano enconywayo ngegalelo layo lokuba wusizo emiphakath­ini nokuthembe­ka yiGift of the Givers, ejwayele ukubonakal­a isiza izisulu zezimo ezibucayi kuleli, nakwamanye amazwe.

Abantu bebetusa ukuba imali enikelwayo inikwe le nhlangano, kube yiyona eyenza umsebenzi wokusiza abantu, hhayi uhulumeni.

Kuqaphelek­ile nokuzwa ezinye izikhulu zikahulume­ni nazo zincoma ukuba kube nohlaka oluzimele olunamalun­gu angasebenz­i kuhulumeni oluzoqapha ukusetshen­ziswa kwemali eyabelwe ukunceda abantu abehlelwe wumshophi.

Lokhu kakumangal­isi, njengoba leli zwe linomlando omude ngaphansi kukahulume­ni wentando yeningi, wokukhwats­haniswa kwemali yomphakath­i. Lesi sihlava sabonakala ngisho nangomngcw­abo kamengamel­i wokuqala kahulumeni wentando yeningi, uMnu Nelson Mandela ngo-2013, omasipala nohulumeni bezifundaz­we, bekhwabani­sa izishaqane zemali, eyabelwa abamathend­a ngokungemt­hetho.

Kwenzeka esifanayo nango-2020 ngesikhath­i kuqala ukhuvethe, osomathuba abangenane­mbeza bexebula umkhomo emalini eyayabelwa ukusiza abantu ngesikhath­i esinzima emlandweni wezwe.

Okusobala manje wukuthi abantu kabasaweth­embi uhulumeni, bancamela ukuba imisebenzi yakhe yenziwe ngabantu noma izinhlaka ezizimele. Lokhu kungenxa yezigigaba zobusela leli zwe eselidume ngazo.

Empeleni kubukeka kusazothat­ha iminyaka eminingi ngaphambi kokuba abantu babuyelwe wukumethem­ba uhulumeni ukuthi ungakwazi ukwenza imisebenzi yomphakath­i ngokwethem­beka nangobuqot­ho.

Ukwethenjw­a kwezikhulu kuyobuya kuphela mhlazane zakhombisa ukuthi zibakhatha­lele abantu, hhayi nje izisu zazo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa