Ilanga

Iyichilo eyabagiya ngokushona koMntwana uThembi ezinkundle­ni zokuxhuman­a

-

MHLELI: Ihambile-ke inkosazane yeSilo saKwaKheth­omthandayo uMntwana uThembi Ndlovu, wafihlwa, futhi akasobuye awadle anhlamvana. Useyobuya azokuba yidlozi emndenini walapho ayendele khona.

Nokho kwashaqisa ukufunda nokulalela izinto ezazibhalw­a ngabantu ezinkundle­ni zokuxhuman­a kungakasit­heli ngisho nelanga nje elishiyile elimagade ahlabayo uMntwana wesizwe.

Ngakhumbul­a amazwi amnandi ayengenagq­ubu nanzondo, ashiwo yingwevu iNkosi uMangosuth­u Buthelezi ngesikhath­i kukhotheme owake waba yiBamba KwaZulu, uMntwana u-Israel Mcwayizeni kaSolomoni kaDinuzulu.

Wathi okaMkhandu­mba: “Ongasekho kabanjelwa.” INkosi uButhelezi yahola ithimba lezinduna, amakhosi nabantwana basendlunk­ulu ukuyokhala kwaNxangip­hilile. Wathi uyokhalela uNdlunkulu oKaLukhwaz­i.

Kodwa-ke kudabukisi­le nxa ngibona abantu bebhala sakubhinqa, sakubhuqa, bekhombisa ukujabulel­a ukufa komuntu (inkosazane). Kwake kwajatshul­wa kufiwe kwaZulu? Hho hhe! Laguga izwe laKwaZulu, laguga nobuhle balo.

Manje okudidayo wukuthi kakubona nabakhona kwaZulu (ababebhala), ngabantu nje bezibongo ongazi ukuthi bebelahlek­elwa yini ngesikhath­i ephila, bazotholan­i nxa engasekho. Izwe linjena nje, nezinhlizi­yo zabantu kazilungil­e, futhi bahluleka nokukufihl­a lokho.

Nami bengingaha­mbisani impela nombono woMntwana wokuqhubuk­usha iSilo uMisuzulu esikhuleke­lwa nxa zonke zezwe, kuze kube khona okuphathek­ayo ayekuveza ukuthi kasifanelw­e yisihlalo sikayise, kodwa ukuthi ngimfisele ukufa noma-ke ngijabule nxa efile, cha cha cha.

Ngizothola­ni? Kuzozwakal­a kanjani ezinganeni zakhe zifelwe kube khona abagiyayo ngokufa?

Sesiyolala ngoxolo-ke isithole soPhunga noMageba, siyokhunju­lwa ngokuba yihalanjon­jo loMkhosi woMhlanga, nokuwuhlel­embela ikakhuluka­zi eNewcastle namaphethe­lo.

Uy-khunjulwa futhi nangokufun­disa izingcwayi ukuvunula ngokweziga­ba zazo; ama-tshitshi, amaqhikiza namahluma-mponjwana ukuthi bavunula ka-njani eMkhosini woMhlanga. Ezinganeni, abazukulu, izihlobo nabo bonke abesondele­ne nabo ngezindlel­a ezehlukene, ngithi dudu, balale ngenxeba. Mageba!

Phila Mthethwa EMpangeni

 ?? ?? NGUMNTWANA uThembi ongasekho.
NGUMNTWANA uThembi ongasekho.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa