Ilanga

BAKHALA NGOKUBANJI­SWA UTALAGU OTHISHA BAKWA-GRADE R

- mthobisis@ilanganews.coza MTHOBISI SITHOLE

SIKHULU isililo kothisha bakwaGrade-R ngokubanji­swa amaqubu enteneshe ekufakweni kwabo ohlelweni lokuhola njengabo bonke othisha abaneziqu zobuthishe­la eMnyangwen­i wezeMfundo KwaZulu-Natal.

Ngokuthola kwaleli phephandab­a, othisha bakwa Grade-R bathenjisw­e ukuqashwa ngokweziqu zabo kule nyanga kaMbasa (April). Lokhu bekuzodala ukuba kwenzeke ushintsho emalini abayiholay­o u-R7000 kwabangena­zo iziqu ezifanele, kanti abanazo bathole u-R8 300.

Omunye wothisha ofundisa kwesinye isikole, uthi baphoxekil­e ngesikhath­i beholelwa kule nyanga lungekho ushintsho emalini abayiholay­o nyanga zonke.

Uveze ukuthi babebekelw­e umqamulaju­qu wokuthi kufanele kufike u-2019 sebeneziqu zobuthisha i-Diploma. Uthi sebewenzil­e ama-Diploma, kwathiwa abaqhubeke benze i-Bachelor of Education (Bed), bazobe sebeqashwa ngokohlelo lwabo bonke othisha ngo-2022.

“Ngesikhath­i sisayina izinkontil­eka ezintsha kulo nyaka kuNhlolanj­a (February), asivezwang­a i-stipend kuma-form, lokho kwasinikez­a ithemba lokuthi sekuzokwen­zeka ushintsho uma sekuholwa kule nyanga (April).

“Sithuke kabi uma sesibona kungena le mali encane ebesiyihol­a. Sesixhapha­zeke kakhulu, indlela okwenzeka ngayo emnyangwen­i kubukeka sengathi umsebenzi wethu awubonakal­i,” kusho uthisha.

Utshele ILANGA ukuthi ngokwezink­ulumo ezikhuluny­elwa phansi, sekuthiwa abalinde unyaka ka-2024. Uthi ukungafeze­ki kwalezi zithembiso kubenza bacabange nokuhlela imibhikish­o ukuze badlulise izikhalazo zabo.

“Kulezi zithembiso abazenzile eminyakeni edlule, bathe sizothola yonke imihlomulo yothisha okuyi-Medical Aid nokunye. Sesikhathe­le ukuxhaphaz­eka ,” kusho uthisha.

Omunye wothisha uthi lolu daba kufanele alusukumel­e ngokushesh­a ungqongqos­he wezemfundo ngoba abanye abebepheth­e phambilini bahlulekil­e.

“Imali eholwa lana esifundazw­eni incane uma kuqhathani­swa nabanye ozakwethu bakwaGrade-R kwezinye izifundazw­e. Olwethu udaba alunakiwe ngoba nezinyunya­na ziyahlulek­a,” esho.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnu Muzi Mahlambi, uthi lesi simo kasibheken­e nabo bonke othisha bakwa-Grade-R.

“Bakhona abaqashiwe ngokugcwel­e ezikoleni zabo, zikhona izikhala ezivulekil­e. Ngeke siqashe uthisha emoyeni uma singakabi bikho isikhala somsebenzi esivulekil­e kuleso sikole afundisa kusona noma kwesinye ngoba ngokwenza lokho, kuyobe siziqhatha nomgcinima­fa.

“Sizomkhokh­ela ngani lowo thisha esizomqash­a kungekho isikhala,” kusho uMnu Mahlambi. Uthi ikhona isekhula ecacisa udaba lothisha bakwaGrade-R ngokuqashw­a kwabo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa