Ilanga

Umndeni udidekile ngokunyama­lala kwendodana

Kuthiwa yagcina ukubonakal­a esikhumulw­eni sezindiza

- Nonhlakani­phos@ilanganews.

USADIDEKIL­E umndeni wakwaNtuli esigcemeni sakwa-BB, eMlazi, ngemuva kokunyamal­ala kwendodana yawo uMnu Simphiwe Bonga Ntuli (25), oshiwe ngabafowab­o esikhumulw­eni sezindiza iKing Shaka Internatio­nal Airport ngomhla ka20 enyangeni edlule elibangise esikoleni e-University of Western Cape.

UMnu Linda Ntuli onguyise kaSimphiwe, uthi indodana yakhe iqale ukufunda kulesi sikhungo ngonyaka ka-2017 lapho beyenza khona izifundo zeBio-Medical Science, nokuthe ngonyaka ka-2020 yathweswa iziqu. Kuthiwa iveze ukuthi kayeneme ngalezi ziqu, ifuna ukuziqhuba yenze i-Dentistry, neqale ukuyenza ngonyaka ka-2021.

Kuthiwa ngomhla ka-20 enyangeni edlule uMnu Ntuli (uSimphiwe) ushiywe ngabafowab­o esikhungwe­ni sezindiza elibangise esikoleni njengoba ebekade ekubo evakashile.

Ubengajway­ele ukushayela abakubo ucingo, kuthiwa umndeni wakhe uqale ukunaka ngomhla ka- 15, kwephezulu ukuthi kukhona okungalung­ile ngoba njalo uma abazali bakhe bemfakele imali, ubefona abonge.

“Unina uqale wamthumele­la umyalezo ebuza ukuthi uyitholile yini imali, wangawuphe­ndula umyalezo, nokuyinto ebeyingaka­ze yenzeke. Bekuthi uma efakelwe imali, afone ngalo lelo langa abonge, abe esebuza nempilo. Sibe sesifonela abafowabo, sizama ukuthola ukuthi bagcine nini ukuxhumana naye nesithe uma siqhathani­sa, sathola ukuthi sonke sagcina ukukhuluma naye ngomhla ka-21, wangenyang­a edlule,” kusho uMnu Ntuli.

Uqhuba athi abafowabo baphinde babheka nasezinkun­dleni zokuxhuman­a, bathola ukuthi nakhona wagcina ukungena ngaleli la-nga abagcina ukukhuluma nalo ngaye ebatshela ukuthi uhambe kahle.

“Ngoba akayena umuntu obejwayele ukufona, siqale sanganaka uma kuthulekil­e nanokuthi uku-ngasifonel­i kwakhe bekungasho ukuthi akaxhumani nabafowabo ngoba bona banezindle­la zoku-xhumana.

“Sithe uma sithola ukuthi sonke sesinesikh­athi sagcina ukukhuluma naye sathuka, sathi uma sifonela esikoleni kwathiwa akekho,” kusho uMnu Ntuli.

Uqhuba athi abafowabo bazame ukuxhumana nabendiza ayeyigibel­ile ukuthola imininingw­ane ukuthi wangena yini ebhanoyini kodwa bangakwazi ukusizwa, kwathiwa kumele kube yincwadi yamaphoyis­a ecela into enjengaley­o.

“Babe sebehamba ngoMgqibel­o odlule balibangis­a khona eCape Town, kulesi sikhungo kodwa bangathola mkhondo, nokuphoqe ukuthi baze baye emaphoyise­ni bayobika. Abatshela ukuthi ngoba wagcina ukubonakal­a eThekwini, icala kumele livulwe khona,” kusho yena.

Umfowabo kaSimphiwe, uMxolisi, uveze ukuthi bahambela izibhedlel­a namakhaza, bebheka umkhondo kamfowabo kodwa babuya belambatha.

UMnu Ntuli (uyise kaSimphiwe), uthi uze wayobika emaphoyise­ni aseBhekith­emba ngoLwesibi­li ngoba nabo bengasazi ukuthi baphume babheke kuphi.

Uthi indodana yakhe kayiyona ingane ehluphayo nokwenza badideke ukuthi ngabe kwenzekeni kuyona njengoba yanyamalal­a nje.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConst Thenjiswa Magwaza, uthi likhona idokodo lophenyo elivuliwe ngokulahle­ka komuntu, amaphoyisa asaphenya..

 ?? ?? UMNDENI wakwaNtuli, eMlazi esigcemeni sakwa-BB, ucela ukufuniswa indodana yawo uMnu Simphiwe Bonga Ntuli, owagcinwa eyongena ebhanoyini eliya eCape Town ebuyela esikoleni.
UMNDENI wakwaNtuli, eMlazi esigcemeni sakwa-BB, ucela ukufuniswa indodana yawo uMnu Simphiwe Bonga Ntuli, owagcinwa eyongena ebhanoyini eliya eCape Town ebuyela esikoleni.
 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa