Umndeni udidekile ngokunyamalala kwendodana
Kuthiwa yagcina ukubonakala esikhumulweni sezindiza
USADIDEKILE umndeni wakwaNtuli esigcemeni sakwa-BB, eMlazi, ngemuva kokunyamalala kwendodana yawo uMnu Simphiwe Bonga Ntuli (25), oshiwe ngabafowabo esikhumulweni sezindiza iKing Shaka International Airport ngomhla ka20 enyangeni edlule elibangise esikoleni e-University of Western Cape.
UMnu Linda Ntuli onguyise kaSimphiwe, uthi indodana yakhe iqale ukufunda kulesi sikhungo ngonyaka ka-2017 lapho beyenza khona izifundo zeBio-Medical Science, nokuthe ngonyaka ka-2020 yathweswa iziqu. Kuthiwa iveze ukuthi kayeneme ngalezi ziqu, ifuna ukuziqhuba yenze i-Dentistry, neqale ukuyenza ngonyaka ka-2021.
Kuthiwa ngomhla ka-20 enyangeni edlule uMnu Ntuli (uSimphiwe) ushiywe ngabafowabo esikhungweni sezindiza elibangise esikoleni njengoba ebekade ekubo evakashile.
Ubengajwayele ukushayela abakubo ucingo, kuthiwa umndeni wakhe uqale ukunaka ngomhla ka- 15, kwephezulu ukuthi kukhona okungalungile ngoba njalo uma abazali bakhe bemfakele imali, ubefona abonge.
“Unina uqale wamthumelela umyalezo ebuza ukuthi uyitholile yini imali, wangawuphendula umyalezo, nokuyinto ebeyingakaze yenzeke. Bekuthi uma efakelwe imali, afone ngalo lelo langa abonge, abe esebuza nempilo. Sibe sesifonela abafowabo, sizama ukuthola ukuthi bagcine nini ukuxhumana naye nesithe uma siqhathanisa, sathola ukuthi sonke sagcina ukukhuluma naye ngomhla ka-21, wangenyanga edlule,” kusho uMnu Ntuli.
Uqhuba athi abafowabo baphinde babheka nasezinkundleni zokuxhumana, bathola ukuthi nakhona wagcina ukungena ngaleli la-nga abagcina ukukhuluma nalo ngaye ebatshela ukuthi uhambe kahle.
“Ngoba akayena umuntu obejwayele ukufona, siqale sanganaka uma kuthulekile nanokuthi uku-ngasifoneli kwakhe bekungasho ukuthi akaxhumani nabafowabo ngoba bona banezindlela zoku-xhumana.
“Sithe uma sithola ukuthi sonke sesinesikhathi sagcina ukukhuluma naye sathuka, sathi uma sifonela esikoleni kwathiwa akekho,” kusho uMnu Ntuli.
Uqhuba athi abafowabo bazame ukuxhumana nabendiza ayeyigibelile ukuthola imininingwane ukuthi wangena yini ebhanoyini kodwa bangakwazi ukusizwa, kwathiwa kumele kube yincwadi yamaphoyisa ecela into enjengaleyo.
“Babe sebehamba ngoMgqibelo odlule balibangisa khona eCape Town, kulesi sikhungo kodwa bangathola mkhondo, nokuphoqe ukuthi baze baye emaphoyiseni bayobika. Abatshela ukuthi ngoba wagcina ukubonakala eThekwini, icala kumele livulwe khona,” kusho yena.
Umfowabo kaSimphiwe, uMxolisi, uveze ukuthi bahambela izibhedlela namakhaza, bebheka umkhondo kamfowabo kodwa babuya belambatha.
UMnu Ntuli (uyise kaSimphiwe), uthi uze wayobika emaphoyiseni aseBhekithemba ngoLwesibili ngoba nabo bengasazi ukuthi baphume babheke kuphi.
Uthi indodana yakhe kayiyona ingane ehluphayo nokwenza badideke ukuthi ngabe kwenzekeni kuyona njengoba yanyamalala nje.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConst Thenjiswa Magwaza, uthi likhona idokodo lophenyo elivuliwe ngokulahleka komuntu, amaphoyisa asaphenya..