Ilanga

BAFISA KUNGENELEL­E UMNYANGO "KOLOMBANGO KUMASIPALA"

- nonhlakani­phos@ilanganews.co.za NONHLAKANI­PHO SHINGA

INHLANGANO esikhonya kumasipala wesiFunda uMkhanyaku­de kusukela ngoLwesibi­li, i-IFP, ithi uma inhlangano ekhishwe kulo masipala i-ANC ingenelise­kile ngokuphath­a kwabo, kumele iye enkantolo bahlangane khona.

Lokhu kushiwo nguMnu Thami Ntuli (osesithomb­eni) onguSihlal­o we-IFP esifundazw­eni, othe bathole amahlebezi okuthi le nhlangano abayikhiph­ile kayeneme, wathi uma benganelis­ekile, yinkantolo kuphela engakwazi ukubasiza.

Usho lokhu ngemuva kokuba kuphenduke amatafula kulo masipala ngesikhath­i kuhlala umhlangano okuchithwe kuwona uMnu Siphile Mdaka, njengemeya ngemuva kokuphakam­isa kwamakhans­ela abekhona ukuthi kawasaneme ngobuholi bakhe.

Ushintsho luqale ngemuva kokuba uMasipala uMtubatuba ufake isikhalo enkantolo ePhakeme yaseMgungu­ndlovu ngasekuqal­eni konyaka ukuthi kaweneme ngesibalo samakhanse­la awumele eMkhanyaku­de.

Emasontwen­i amabili edlule siphumile isinqumo esivune umasipala Inkosi Mtubatuba ukuthi umhlangano okwakhethw­a kuwona, wawungekho emthethwen­i, okuphoqe ukuthi esontweni eledlule, lo masipala (Inkosi Mtubatuba), uphakamise amagama amakhansel­a ayowumela eMkhanyaku­de.

Lokhu kwenze i-IFP yagcina isinamakha­nsela amaningi kuneANC ebeyipheth­e ngokubambi­sana ne-NFP.

UMkhandlu woMkhanyak­ude wakhiwe yizihlalo ezingu-35, i-IFP ineziwu-18, kanti njengoba ivota ngokuba-mbisana ne-EFF yona enezihlalo ezintathu uma sezihlange­ne ziba ngu-21.

UMnu Tim Moodley uqokelwe kwesokuba yimeya kulo masipala. Kuwona lo mhlangano kube sekukhishw­a uDkt Siyabonga Ntuli obeyimenen­ja ebambile, kwabekwa uMnu Mxolisi Nkosi.

Ethintwa uMnu Nkosi, uvumile ukuthi ngoLwesibi­li i-IFP imnikeze isikhundla sokubamba njengemene­nja, wasamukela.

UMnu Ntuli uthe bayitholil­e nemibiko yokuthi ngoLwesith­athu kunezikhul­u ezithile ezihlasele kulo masipala, zifuna uvalwe ngoba zithi kakufanele ngabe kukhona abe-IFP, wathi banethemba lokuthi uMnyango wezokuBusa ngokuBambi­sana nezoMdabu uzongenele­la kulolu daba.

Okhulumela i-ANC eFar North, uMnu Verus Ncamphalal­a, uthe njengenhla­ngano kawukho umhlangano abawaziyo obe seMkhanyak­ude.

“Kuyimanje imeya uMnu Mdaka, uSomlomo uMnu Mkhombo nemenenja ebambile uDkt Ntuli basemahhov­isi bayasebenz­a,” kusho uMnu Ncamphalal­a.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa