INGONYAMA TRUST "ENKINGENI YOKUSHODA NGEMALI"
IBHEKENE nenkinga yokwentuleka kwemali iNgonyama Trust Board (ITB).
Lokhu kuvele ngesikhathi kudingidwa ngohlelo lwayo lokusebenza onyakeni omusha wemali (2022/23), phecelezi i-Annual Performance Plans (APPs) ePhalamende.
I-ITB ibiyethula uhlelo lwayo lokusebenza ekomitini lasePhalamende eliqondene nezolimo, izinguquko kwezomhlaba, nokuthuthukiswa kwezindawo zasemakhaya (Portfolio Committee on Agriculture, Land Reform and Rural Development), ngoLwesibili.
Ngokomthetho, lolu hlelo lwethulwa luhambisane nohlelo lwesabelomali. Ngenxa yengqinamba yokwentuleka kwemali, i-ITB ilwethule luhamba lodwa.
Kulo mhlanno, ubekhona uSihlalo we-ITB uMnu Jerome Ngwenya, no-Adv Vela Mngwengwe oyiChief Executive Officer (CEO) ye-ITB.
UNkk Thoko Didiza, onguNgqongqoshe wezoLimo, ezokuKlanywa kaBusha kweMihlaba, nokuThuthukiswa kweziNdawo zaseMakhaya, unxuse ikomiti ukuba kuqhutshekwe nokwethulwa kohlelo lokusebenza, ludingidwe ngaphandle kohlelo lwesabelomali. Uthe kuyothi selulungisiwe uhlelo lwesabelomali, bese lwedluliselwa emalungwini ekomiti.
Ucacisile ukuthi isabelomali esihlongozwayo (proposed budget) esedluliselwa kuye, empeleni yisabelomali esishodayo, ngakho wabona ukuthi ngeke kube kuhle ukuba kwethulwe isabelomali esishodayo.
UNkk Didiza utshele amalungu ekomiti ukuthi usalinde umbiko ogcwele ngokuthi kungani ikulesi simo semali i-ITB. Uthi esontweni eledlule uthole umbiko weITB ongamakhasi amabili, ongacacisi ngakho konke abavumelane ngakho ne-ITB.
Amalungu aleli komiti ayigxeke kakhulu i-ITB ngokwethula uhlelo lokusebenza olungenasabelo mali. UNkk Dibolelo Mahlatsi, oyilungu laleli komiti, uthe kuyakhathaza ukuthi uhlelo lokusebenza kwe-ITB kalunaso isabelomali.
“Njengoba ngike ngasho phambilini ngesikhathi sidingida ngama-APPs ezinye izinhlaka akusizi ukukhuluma ngezinhlelo ezingaxhasiwe. Kuphambene kakhulu nomthetho (ukwenza lokho),” kusho uNkk Mahlatsi.
Uthe kumele ibhodi ichaze ukuthi izoziqhuba kanjani izinhlelo zayo zokusebenza ingenayo imali. UNkk Mahlatsi uthe ukwethulwa kohlelo lokusebenza olungaxhasiwe kuyafana nokuxoxa inganekwane.
UMnu Ngwenya uthe akuqali ukushoda kwemali kwiNgonyama Trust.
Uthe isabelomali seNgonyama Trust sihlezi sishoda ngoba umehluko phakathi kwalokho uhulumeni akubeka etafuleni, uhlezi uhlangatshezwa yimali yeTrust, okumele ngabe isetshenziswa ukwenza eminye imisebenzi yomphakathi.
Uthi yimanje lapho begcizelele khona ukuthi iTrust kayikwazi ukuxhasa uhulumeni.
Uveze ukuthi onyakeni wemali odlule, kwisabelomali seNgonyama Trust Board cishe esiwu-R100 million, uhulumeni ufake kuphela u-R24 million.
Uthe akaqondi ukuthi kungani begxekwa, bebizwa ngamagama.