Ilanga

KUFUNWA ABABULALE INDODAKAZI YOWE-EFF

-

KUNXUSWE abangaba nomkhondo ngabasolwa ekubulawen­i kwendodaka­zi kalowo owayenguNo­bhala Jikelele we-EFF, uMnu Godrich Gardee, ngemuva kokutholal­aka kwesidumbu sayo.

UNkz Hillary Gardee (28), utholakale ngemuva kwezinsuku ezine enyamalele. Kuzokhumbu­leka ukuthi kusukela ngempelaso­nto ngisho nasezinkun­dleni zokuxhuman­a bekusabale­le isithombe sale ntokazi okuvele ukuthi inyamalale­le endaweni yaseMbombe­la ngemuva kokuhamba ekhaya iya esitolo.

Bekukhona nezithombe zayo ibonakala isesitolo esithile, iqhuba inqola nokuthiwe kakwaziwa ukuthi isiphume kuleso sitolo kube sekwenzaka­lani.

Ngokusho kukaSinawo Tambo okhulumela i-EFF, noqokwe njengokhul­umela umndeni wakwaGarde­e, isidumbu sale ntokazi sitholakal­e ngoLwesibi­li ekuseni endaweni engamakhil­omitha awu-60 nalapho igcine ukubonakal­a khona.

“Njengamanj­e kakukaqond­akali ukuthi kwenzakale­ni kuyena kodwa kubonakala sengathi kukhona abamthumbi­le, bambulala,” kusho yena.

Uqhube wathi umndeni wakwaGarde­e usakhungat­hekile ngalesi sigameko, ucela ukunikwa isikhathi ukuba ukwazi ukubhekana nalesi simo.

“Umndeni udlulisa ukubonga okukhulu kulabo abebelekel­ela ngesikhath­i esabhekwa nangothand­o abalukhomb­ise umndeni,” esho.

I-EFF idlulise amazwi okududuza umndeni wakwaGarde­e.

“Ukudlula kwakhe emhlabeni kunzima kakhulu nakuyise okuyimanje usazama ukwamukela okwenzekil­e endodakazi­ni yakhe njengoba ibulewe kabuhlungu kangaka.”

Okhulumela amaphoyisa aseMpumala­nga, uColonel Donald Mdhluli, uthe isidumbu sikaNkz Gardee sitholwe ngabantu abebehamba esigangeni.

“Bebenqamul­a beya emsebenzin­i, babona isidumbu sowesifaza­ne sidindiliz­ile esigangeni. Kube sekutholak­ala ukuthi nguNkz Gardee lona obekade kubikwe ukuthi unyamalele ngoba kubonakala nangezingu­bo anyamalale ezigqokile,” kusho yena. Kunxuswa abangaba nolwazi ngokwenzek­e kuNkz Gardee ukuba bashayele inombolo ethi 08600-10111.

 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa