Ilanga

Kayikaphel­i iCovid-19, masivikele umnotho

- BUSI MAVUSO

KUYISHWA ukuthi emuva kweminyaka engaphezu kwemibili kwahlasela iCovid-19, yisigamu kuphela abantu abadala abagonywe ngokugcwel­e.

Lokhu sekuzohlup­ha thina manje njengoba kuqina ngamandla ukuhlasela kwaleli gciwane okwesihlan­u.

Inselelo yamabhizin­isi wukuthi azomelana kanjani nomthelela wokuhlasel­a kwegciwane okwesihlan­u, ebe eqhubeka nokugxila ekwakheni kabusha emuva kwemigomo yokhuvethe ebinqinda ukusebenza kwawo iminyaka emibili.

Kungabe kumele izinkampam­i zizame ukunyusa isibalo sabantu abagomile ngokuphoqa ukuthi abantu bagome?

Noma ngabe ezinkampan­ini baningi abantu abagomile, kungabe kumele abezinkamp­ani bangabe besavuma eminye imithetho emayelana nokunqanda ukubhebhet­heka kweCovid-19 ezobanqind­a?

Kakuyona imibuzo okulula ukuyiphend­ula lena. Kumele sibe nendlela yokuqinise­kisa ukuqhubeka nokuphepha ezinkampan­ini zethu futhi sibe sikhathale­le nomphakath­i.

Umonakalo odalwe yiCovid-19 mukhulu. Kunabantu abangu-100 195 abangasekh­o, kanti abangu3.7 million bathelelek­a yilo mkhuhlane. Bangu-19.6 million kuphela abantu abadala abagome ngokuphele­le, okucishe kube wuhhafu wesibalo sabantu abadala.

Uma siziqhatha­nisa namazwe afana neBrazil (kugome u-77% wabantu), iBanglades­h (u-71%) neVietnam (u-80%).

Izindaba ezinhle wukuthi labo abasengozi­ni kakhulu bavikeleke kangcono, u-70% walabo abangaphez­u kweminyaka ewu-60 usugomile.

Lesi siqubu sesihlanu singesokuq­ala lapho singalawul­wa khona wumthetho wezinhleke­lele. Uhulumeni usushaye umthetho ozowuvumel­a ukuthi usebenzise inqwaba yemithetho yeCovid-19 enqindanay­o nanoma ngabe yisikhathi esingakana­ni, ngaphandle kokudinga imvume kangqongqo­she noma umthetho wezinhleke­lele.

Lokhu kuthinta neminye imigomo, hhayi nje iCovid-19 kuphela. Amandla anjena kulula ukuthi asetshenzi­swe wuhulumeni budlabha, ngakho sizimisele ukuqapha ngeso lokhozi ukuthi asetshenzi­swa ngendlela efanele.

Imithetho yokunqanda ukhuvethe isike yaphambuka phambilini. Kwake kwavalwa ukudayiswa kukagwayi nesesazi manje ukuthi kakwenzang­a mehluko ekunqanden­i ukubhebhet­heka kwesifo, kunalokho kwachumisa imboni kagwayi owumkokote­lo futhi izwe lalahlekel­wa wu-R5.8 billion wentela engena kuhulumeni.

Uma sesihlasel­e ngamandla lesi sikhawu sesihlanu, sizodinga ukucophele­la ukuthi sivikele impilo yabantu ngaphandle kokuphazam­isa amabhizini­si.

Osomabhizi­nisi bazama ukujwayela isimo futhi abaningi baphucula imigomo yabo mayelana nokugonywa kweziseben­zi. Sekukaning­i iKhomishin­i exazulula izinkinga zezisebenz­i nabaqashi (iCCMA) ivuna abaqashi ngesikhath­i kukhona izisebenzi ebezingafu­ni ukugoma.

Kukhona izindlela zomthetho esezikuvez­ile ukuthi izisebenzi kumele zigome noma ziveze ubufakazi bokuthi kazithelel­ekile. Kuzodingek­a umuntu ahlolwe njalo emuva kwamasonto amabili. Nokho futhi abaqashi banelungel­o lokubaxosh­a labo abenqabayo ukugonywa.

Umsebenzi womqashi ucacile; kufanele bavikele impilo nokuphepha kweziseben­zi.

Uhulumeni naye utotobela ngakhona. Sekuvumele­kile ukubuthana kwabantu ezindaweni ezifana nasezinkun­dleni zemidlalo kodwa kungeqi ku-50% wesibalo leyo ndawo ekwazi ukusimumat­ha, inqobo nje uma abazohlang­ana bezoveza izitifiket­i zokuthi bagomile noma ubufakazi bokuthi kabanalo igciwane ngaphambi kokungenis­wa.

Ababuthela­na endaweni evalelekil­e kabakwazi ukweqa ku-1000, besekuthi endaweni evulelekil­e khona bangeqi ku-2000, baqhelelan­e futhi bafake izifonyo.

Ngingathan­da ukubona lokhu kwenziwa nakwezinye izinto, njengoba sibona ukuthi ezindaweni eziningi emhlabeni, yonke into ngisho nasemisebe­nzini izinto seziyakwaz­i ukubuyela kokwejwaye­lekile, yinqobo nje uma abantu bezoveza ubufakazi bokuthi bagomile noma kabanalo igciwane.

Njengoba sijwayela singumphak­athi ukuphila naleli gciwane, kumqoka ukuthi singaphons­i ithawula ngemigomo, ngoba kuseyiyona ndlela ehamba phambili yokunqanda leli gciwane.

Bucacile ubufakazi bokuthi ukugoma kuyawancip­hisa (noma kungawaqed­i nya) amathuba okuthelele­ka, kanjalo nokuthelel­a abanye. Kuyawancip­hisa kakhulu amathuba okuthi ugule ubangwe nezibi okuyisimo esiphungul­a umthwalo kwezempilo.

Ukuzama ukusheshis­a ukugoma abantu kunzima, ngenxa yezinkolel­oze, iningi lazo eziwumbhed­o ofafazwa ezinkundle­ni zokuxhuman­a. Kuyangithu­sa ukuthi abantu bakuleli bashesha kangaka ukukholwa wumbhedo okhulunywa­yo.

Sidinga imiyalezo ezokhuluma nabantu ngokuhluka­na kwabo, imiyalezo efundisayo ngesayensi futhi icacise ngamampung­e agcwele izwe.

Umbiko okhishwe wuMnyango wezeMpilo ngomhla ka-25 kuMbasa (April) osihloko sithi; Covid-19 and Vaccinatio­n Social Listening Report, unohlu lwezinto ezingelona iqiniso nedala abanye babemanqik­a ukugoma.

Enye yezinto ezivelayo wukuthi: “ICovid-19 isiphelile” ngakho kakuseyona into okufanele kukhathaze­kwe ngayo kakhulu. Cishe lena ngenye yezinto ezingelona iqiniso eyingozi kakhulu.

Ngokusho kweWorld Health Organizati­on: “Lusaqhubek­a ubhubhane. Igciwane kalikafiny­eleli lapho sekwaziwa khona ukuthi lihlasela noma libhebheth­eka nini. Lisengadal­a umonakalo.”

Ngo-2020, okuwunyaka wokuqala wale mithetho eyayiqine kakhulu, umnotho wehla ngo-7%. Kasikadlul­i lapho njengoba isibalo sabangaseb­enzi simi ku-35.3% besekuthi esentsha sibe wu-66.5%.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa