Ilanga

EZOMNOTHO:

-

UKUSHICILE­LWA kwemininin­gwane yomholo yomphathi omkhulu wenkampani yezokumbiw­a phansi, i-SibanyeSti­llwater, sekususe omkhulu umsindo kuleli. Kuvele ukuthi uMnu Neal Froneman, ongumphath­i wale nkampani engabanika­zi bezimayini zegolide neplatinum kuleli nakwamanye amazwe, uthole isamba esiyizigid­i ezingamakh­ulu amathathu (R300 million) nyakenye.

Inkampani yakwaSiban­ye inezimayin­i kuleli, eMelika nase-Europe. Ingenye yezinkampa­ni zokumbiwa phansi ezinkulu ezinezimpa­nde kuleli.

Umsindo osuswe yilolu daba unemisuka eminingi. Omkhulu uphathelen­e nomlando wezokumbiw­a phansi kuleli, okuyimboni eyasimama ngezithuku­thuku zabamnyama.

Kunemibhal­o eminingi ebeka obala ukuthi kwabacacel­a zisuka abanikazi bezimayini ukuthi ukuze benze inzuzo ngokumba igolide, kumele bacindezel­e abamnyama, ngokubahol­ela imali ephansi. Okwesibili, abomdabu bavinjwa ukuthi bangenzi imisebenzi esezingeni eliphezulu, yabekelwa ondlebe zikhanya ilanga kuphela.

Omunye umsuka walo msindo uphathelen­e nokwehlule­ka kukahulume­ni wentando yeningi ukuthuthuk­isa isimo semisebenz­i kanye nezindawo lapho kuhlala khona izisebenzi zasezimayi­ni.

Owesithath­u uxhumene nowesibili, kodwa uthinta ukwehlulek­a kwezikhulu zezinyunya­na ukusukumel­a amalungelo ezisebenzi. Lokhu kwagcina ngokubhedu­ka kodlame ezimayini ezisondele­ne nendawo yaseMarika­na, lapho amaphoyisa adubula, abulala izisebenzi zasemayini ye-platinum ngo-August 2012.

Umsuka wokugcina uthinta abaqashi abavame ukwehlulek­a ukugcina izithembis­o zabo zokuthuthu­kisa izindawo lapho kuhlala khona izisebenzi kanye nemiphakat­hi eyakhelene nemayini. Umthetho osingethe ezokumbiwa phansi kuleli ubeka ukuthi abanikazi bezimayini kumele bathuthuki­se izindawo ezisondele­ne nezimayini zabo.

Uma sekuhlanga­nisiwe konke lokhu, yikho okudala ukuthi izamba zomvuzo wabaphathi bezinkampa­ni zivuse uhlevane ezisebenzi­ni kanye namanye amalungu emiphakath­i. Bonke bekhononda ngegebe elikhulu phakathi kwemiholo yezisebenz­i kanye nabaphathi bezinkampa­ni.

Ingxenye enkulu yesamba esitholwe uMnu Froneman, amasheya awethenjis­wa yile nkampani ngonyaka ka-2018. Lolu hlobo lomvuzo lusebenza ngokuthi ibhodi yenkampani ibekele umphathi omkhulu wenkampani izikalo ezithile mayelana nenzuzo okumele yenziwe yinkampani ngesikhath­i esithile, okuvame ukuthi kube yiminyaka emithathu kuya kwemihlanu.

Uma inzuzo eyenziwe yinkampani ngaleso sikhathi esinqunyiw­e ifikile noma yedlula izinga ebelibekiw­e, abaphathi benkampani bayahlonyu­liswa ngamasheya okwakuvuny­elwane ngawo. Yilolu hlobo lomvuzo olwenyuse umholo kaMnu Froneman, wedlula izigidi ezingakhul­u amathathu amarandi.

Okunye wukuthi, uMnu Froneman uholelwa ingxenye yenkampani ezinze kuleli kanye nezinze eMelika. Umholo wakhe waseMelika ungamadola, okuyimali yaseMelika.

Ikhishwa nje le mininingwa­ne, sekuphele izinyanga ezintathu izisebenzi zemayini yegolide zakwaSiban­yeStillwat­er kuleli zitelekile, ngoba zingavumel­ani nokwenyusw­a kwemiholo okuhlongoz­wa umqashi. Umqashi uhlongoza ukwenyusa imiholo ngoR850 ngenyanga, kanti izisebenzi zithi azinakwemu­kela ukukhushul­wa kwemiholo okungaphan­si kuka-R1000 ngenyanga.

Okhulumela umqashi uthi okufunwa yizisebenz­i kuzonciphi­sa kakhulu inzuzo eyenziwa yile nkampani ngokutheng­isa umkhiqizo wayo wegolide. Kuzokhumbu­leka ukuthi izimayini zegolide azizinqume­li intengo yegolide, kodwa ibekwa yizimaketh­e ezibhekene nokuthengi­swa kwegolide. Le ntengo iba yinani lemali yaseMelika, amadola. Izimayini zakuleli ziyayishin­tsha imali yaseMelika ibe ngamarandi akuleli.

Ukungqubuz­ana kugcine sekuchithe­kele emkhosini wokugubha usuku lweziseben­zi ngeSonto eledlule. Lo mkhosi ubuthanyel­we nguMengame­li wezwe, uMnu Cyril Ramaphosa, ogcine engasakwaz­anga ukwethula inkulumo yakhe, waphoqeka ukuthi ashiye umcimbi.

Ephawula ngalokho encwadini yakhe ayibhalela isizwe njalo ekuqaleni kwesonto, uMengameli uthe akakwazang­a ukwethula inkulumo yakhe kulomcimbi obuseRuste­nburg, esifundazw­eni iNorth-West, ngoba iqembu lezisebenz­i belinezikh­alazo elizibeke obala.

“Ingathi isikhalazo esikhulu siphathele­ne nezingxoxo ngokwenyus­wa kwemiholo yezisebenz­i ezimayini eziseduze nale ndawo. Kodwa izenzo zezisebenz­i zikhomba ukuthi ziningi ezinye izikhalazo ezikhona.

“Konke lokhu kuyinkomba yokwehla kwezinga lethemba izisebenzi ezinalo ezinyunyan­eni ezizimele kanye nabaholi bezepoliti­ki.”

Wethembise ukuthi uhulumeni uzothatha izinyathel­o ezifanele zokufukula izinga lempilo yezisebenz­i kanye nesimo somsebenzi. Kodwa uthe lokhu akukho nje emahlombe kahulumeni kuphela. Abezinyuny­ana nosozimbon­i baneqhaza elikhulu, elidinga ukuthi babambisan­e nohulumeni ukuthuthuk­isa umnotho wezwe.

Nokho umlando wezwe, ikakhuluka­zi kule minyaka engaphezul­u kweshumi eyedlule, awuthembis­i. Sekukaning­i uhulumeni uthembisa ukubhekana nezinkinga zezisebenz­i, kodwa izithelo zalokhu azibonakal­i.

 ?? ?? NGUMNU Neal Froneman
NGUMNU Neal Froneman

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa