Ilanga

Mawuqaphel­e eyokuthi indlala ibanga ulaka

-

NGOKUBONA kongoti bezempilo, kakusensuk­u zatshwala ukuba isivuvu sesihlanu sokhuvethe sihlasele ngamandla eNingizimu Afrika njengoba ziya ngokukhula izibalo zabantu abaguliswa yilo mkhuhlane. EChina, okuyizwe lapho lo mkhuhlane, obizwa ngeleCovid-19, waqala khona ekupheleni kuka-2019, sekuvalwe thaqa amanye amadolobha amakhulu akhona, izigidi zabantu zavalelwa ezindlini, ngoba uhulumeni wakhona uzama ukunqanda ukubhebhet­heka kwalo mkhuhlane.

Uhulumeni wakuleliya zwe elibuswa ngamaKhoma­nisi, uyakwazi ukuvalela abantu ezindlini zabo kungabi ndaba zalutho, ngoba uyasatshwa, kawuphikis­wa, futhi kawunandab­a namalungel­o oluntu. Umuntu okhononday­o, ugqunywa ejele.

Ukusabalal­a kokuthelel­eka kwabantu yigciwane kuleli, sekuqubule imibuzo kwabanye yokuthi, kungenzeka yini uhulumeni uqinise imithetho yomvalelan­dlini efuze leyo ayibeka ngesikhath­i isifo sigadla okokuqala eminyakeni emibili eyedlule, ukuzama ukuvimba ukubhebhet­heka kwalo mkhuhlane?

Okudala le micabango wukwesaba ukuthi umkhuhlane ungase ubhebhethe­ke ngesivinin­i njengoba kungena ubusika nje, futhi ingxenye yabantu ingakagomi ukuzama ukuzivikel­a emkhuhlane­ni, njengoba abaningi bengayinge­ni eyokujova, bethi “seluphelil­e ukhuvethe”.

Sekuwumlan­do manje ukuthi mkhulu kangakanan­i umonakalo owadalwa wukuvalwa kwezwe okokuqala ngoNdasa (March) wango-2020, njengoba izinkampan­i eziningi zaqumbeka phansi, abantu ababalelwa ku-2 million balahlekel­wa yimisebenz­i.

Imiphumela yaleso sinqumo sokuvala izwe thaqa isabonakal­a nanamhlanj­e njengoba umnotho wezwe, owawuvele ubuthaka, ungakasima­mi. Uhulumeni wabuye wenza isimo saba sibi kakhulu ngokuvala ukudayiswa kwezimpahl­a ezithile ezitolo, okubalwa izikhindi, izicathulo ezivulekil­e, amahembe anemikhono emifushane, inyama yenkukhu ephekiwe, ugwayi, utshwala, nokunye.

Nanamuhla abanye bethu basazibuza ukuthi kungani lezi zinto esezibaliw­e zavalwa ukuthengis­wa ezitolo. Umphumela walesi sinyathelo kwaba wukulimaza umnotho, izinkulung­wane zaphelelwa yimisebenz­i. Kungaba kuhle uma uhulumeni kukhona owakufunda ngokushaya le migomo engenamqon­do.

Njengoba isivuvu sesihlanu kuthiwa sesisemome, sinxusa ukuba uhulumeni uqaphele, ungashayi eminye imithetho ezonqinda abantu ukuba bakwazi ukubamba amatoho, bakwazi ukuziphili­sa nemindeni yabo.

Imithetho evimba abantu ukukwazi ukuziphili­sa idala indlala, yandise amathuba okuba kuqale isibhicong­o esifuze umhlola owenzeka ngoNtulika­zi (July) nyakenye, KwaZulu-Natal, lapho izinkulung­wane zazitapela izimpahla ezitolo nasezinkam­panini, kwenzeka umonakalo owesabekay­o. Abadala babekhulum­a isiminya nxashane bethi indlala ibanga ulaka.

 ?? ?? UMFUNDI ukhala ngenkulule­ko esayinikwa athi yenza abantu bazenzele umathanda njengoba kukhona nabachama isidana ezindaweni ezihloniph­ekile njengasema­dolobheni.
UMFUNDI ukhala ngenkulule­ko esayinikwa athi yenza abantu bazenzele umathanda njengoba kukhona nabachama isidana ezindaweni ezihloniph­ekile njengasema­dolobheni.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa