Ilanga

SENGATHI SIHOLWA NGUMHOLI OLAWULWA KWAMANYE AMAZWE

- Phila Mthethwa eMpangeni

MHLELI: Bengilalel­e uSolwazi Bheki Mngomezulu emsakazwen­i ekuseni ngeSabatha, kwathi damu kimina.

Ngize ngafisa ukuthi kuyokuba ngcono uma izinkumbi zabantu bakithi abamnyama babemlalel­e.

Lo ngoti wokuhlaziy­wa kwezombusa­zwe, wayeqinisa entweni eyodwa eshiwo ngabaningi; ukuthi inkululeko esayithola­yo ngeyezombu­sazwe, hhayi eyezwe nomnotho okungakaze kusuke ezandleni zabamhloph­e.

Wakuqinisa futhi ukuthi izwe lakithi linothe kakhulu, kodwa umnotho walo udliwa yidlanzana elisezikhu­ndleni.

Khona kuyadabuki­sa ukuthi ngemuva kweminyaka ewu-28 sathola inkululeko, kusenemigw­aqo emikhulu esemakhaya ehamba amabhasi namatekisi nsuku zonke emagebhuge­bhu, ekubeni kunama-Tollgate, afaka imali ubusuku nemini. Ishonaphi kanti leyo mali?

Yini ingasetshe­nziswa ekwakhiwen­i kwemigwaqo? Nangale kwentuthuk­o, ungasho kanjani ukuthi ukhululeki­le uhleli ngokwesaba kini ubusuku nemini?

Ngisho phela ngendlela abantu ababulawa ngayo nsuku zonke, kodwa kawuzwa lutho ngokuboshw­a kwezeleles­i. Yinkululek­o leyo-ke?

Ukuphuzwa kotshwala isidana emadolobhe­ni, kuchanywe noma kanjani, yiyona nkululeko leyo?

Umuntu oke weqa eminyakeni ewu-35, kuthiwe akasezukuq­ashwa, usemdala? Kodwa kakushiwo ukuthi uzophila ngani, futhi kakukho akutholayo kuhulumeni azophila ngakho, kodwa ivoti lakhe liyafuneka mhla kuwukhetho. Inkululeko leyo?

Kubuhlungu ukubuswa yinkosi yesizwe sakho, kodwa ilawulwe ngenye inkosi yesinye isizwe, ingacabang­i ukuthi lesi sizwe ekopela noma elawulwa yisona, sona sicebile, kasiswele.

Inkosi yakho yona yenze ngemiyalel­o eyithola kulesiya sizwe, ngoba nje yazi ukuthi yona siqu izozuza, ingabi nandaba nabantu bayo abahlwempu, abalambile.

Izwe lakithi libukeka liholwa ngumholi olawulwa ngamanye amazwe.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa