SENGATHI SIHOLWA NGUMHOLI OLAWULWA KWAMANYE AMAZWE
MHLELI: Bengilalele uSolwazi Bheki Mngomezulu emsakazweni ekuseni ngeSabatha, kwathi damu kimina.
Ngize ngafisa ukuthi kuyokuba ngcono uma izinkumbi zabantu bakithi abamnyama babemlalele.
Lo ngoti wokuhlaziywa kwezombusazwe, wayeqinisa entweni eyodwa eshiwo ngabaningi; ukuthi inkululeko esayitholayo ngeyezombusazwe, hhayi eyezwe nomnotho okungakaze kusuke ezandleni zabamhlophe.
Wakuqinisa futhi ukuthi izwe lakithi linothe kakhulu, kodwa umnotho walo udliwa yidlanzana elisezikhundleni.
Khona kuyadabukisa ukuthi ngemuva kweminyaka ewu-28 sathola inkululeko, kusenemigwaqo emikhulu esemakhaya ehamba amabhasi namatekisi nsuku zonke emagebhugebhu, ekubeni kunama-Tollgate, afaka imali ubusuku nemini. Ishonaphi kanti leyo mali?
Yini ingasetshenziswa ekwakhiweni kwemigwaqo? Nangale kwentuthuko, ungasho kanjani ukuthi ukhululekile uhleli ngokwesaba kini ubusuku nemini?
Ngisho phela ngendlela abantu ababulawa ngayo nsuku zonke, kodwa kawuzwa lutho ngokuboshwa kwezelelesi. Yinkululeko leyo-ke?
Ukuphuzwa kotshwala isidana emadolobheni, kuchanywe noma kanjani, yiyona nkululeko leyo?
Umuntu oke weqa eminyakeni ewu-35, kuthiwe akasezukuqashwa, usemdala? Kodwa kakushiwo ukuthi uzophila ngani, futhi kakukho akutholayo kuhulumeni azophila ngakho, kodwa ivoti lakhe liyafuneka mhla kuwukhetho. Inkululeko leyo?
Kubuhlungu ukubuswa yinkosi yesizwe sakho, kodwa ilawulwe ngenye inkosi yesinye isizwe, ingacabangi ukuthi lesi sizwe ekopela noma elawulwa yisona, sona sicebile, kasiswele.
Inkosi yakho yona yenze ngemiyalelo eyithola kulesiya sizwe, ngoba nje yazi ukuthi yona siqu izozuza, ingabi nandaba nabantu bayo abahlwempu, abalambile.
Izwe lakithi libukeka liholwa ngumholi olawulwa ngamanye amazwe.