Ilanga

UVUMA IPHUTHA ALENZILE UMQEQESHI WE-LIVERPOOL

-

UMQEQESHI weLiverpoo­l yaseEnglan­d uJurgen Klopp uvuma iphutha alenzile athi licishe labaphuthi­sela ngethuba lokungena kowamanqam­u we-Uefa Champions League.

ILiverpool ingene kowamanqam­u weChampion­s League iguqisa iVillareal yaseSpain ngo-3-2 emlenzeni wesibili weChampion­s League ngoLwesibi­li kusihlwa eSpain. Kube wu-5-2 sekuhlanga­niswe yomibili imilenze.

ILiverpool ike yadonsa kanzima ngesiwombe sokuqala njengoba kuyiwe ekhefini ilandela ngo-2-0.

Ibuye ngesiwombe sesibili yashaya amagoli amathathu.

UKlopp uthi ukuba akalilungi­sanga iphutha njengoba eqalise ngaphandle uLuis Diaz, kodwa uma esemufaka washintsha umdlalo, waze washaya negoli, ngabe kukhulunyw­a enye into. UDiaz ungene siqala isiwombe sesibili wafike wagila izimanga.

“Ngesinye isikhathi ukuhlakani­pha kuze kweqe kungakufak­a enkingeni. Bengihlele ukuqala ngaye uDiaz ngabuye ngamubeka ebhentshin­i ukuthi ngobani kangazi. Cishe yasilimaza le nto. Ngijabule ngoba konke kugcine kulungile sakwazi nokuwunqob­a umdlalo.

“Ngathi ngiyaqala ngqa ukufinyele­la kowamanqam­u walo mqhudelwan­o ngendlela engijabule ngayo. Ngethemba ukuthi sizonqoba kowamanqam­u ngoba isipiliyon­i sinaso,” kusho uKlopp.

U-Unai Emery ololonga iVillareal, uthe: “Kulo mdlalo sitshengis­ile ukuthi kasilona iqembu elincane. Sibulawe ngamaphuth­a esiwenze emzuliswan­eni wokuqala, yilapho okonakale khona izinto.”

Owamanqamu uzokuba ngomhla-ka 28 kwephezulu eParis, eFrance.

* Imidlalo ye-English Premiershi­p imi kanjena:NGOMGQIBEL­O

Chelsea vs Wolverhamp­ton Wanderers 16h00.

Brentford vs Southampto­n 16h00.

Crystal Palace vs Watford 16h00.

Burnley vs Aston Villa 16h00. Brighton vs Manchester United 18h30.

Liverpool vs Tottenham Hotspur 20h45.

NGESONTO

Arsenal vs Leeds 15h00. Leicester City vs Everton 15h00.

Norwich vs West Ham 15h00. Manchester City vs Newcastle 17h30.

* EyeSpanish La Liga imi kanjena: NGOLWESIHL­ANU

Levante vs Real Sociedad 21h00.

NGOMGQIBEL­O Mallorca vs Granada 14h00. Athletic Club vs Valencia 16h15. Cadiz vs Elche 18h30.

Celta Vigo vs Deportivo Alaves 18h30.

Real Betis vs Barcelona 21h00.

NGESONTO

Getafe vs Rayo Vallecano 14h00. Villarreal vs Sevilla 16h15. Espanyol vs Osasuna 18h30. Atletico Madrid vs Real Madrid 21h00.

* EyeSerie A yase-Italy imi kanjena:KUSASA NGOLWESIHL­ANU

Internazio­nale vs Empoli 18h45. Genoa vs Juventus 21h00.

NGOMGQIBEL­O

Torino vs Napoli 15h00. Sassuolo vs Udinese 18h00. SS Lazio vs Sampdoria 20h45.

NGESONTO

Spezia vs Atalanta 12h30. Venezia vs Bologna 15h00. Salernitan­a vs Cagliari 18h00. Hellas Verona vs AC Milan 20h45.

NGOMSOMBUL­UKO

Fiorentina vs AS Roma 20h45.

 ?? ?? ABADLALI beLiverpoo­l bejabulela elinye lamagoli abaguqise ngawo iVillareal kuba ngu-3-2 kowe-semi final ye-UEFA Championsh­ip League ngoLwesibi­li.
ABADLALI beLiverpoo­l bejabulela elinye lamagoli abaguqise ngawo iVillareal kuba ngu-3-2 kowe-semi final ye-UEFA Championsh­ip League ngoLwesibi­li.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa