Ilanga

IDowns ithembisa ingcwenga koweChiefs

UMngqithi uncoma nefomu enhle ka-Andile Jali

-

UMQEQESHI weMamelodi Sundowns, uManqoba “TV” Mngqithi uncoma u-Andile Jali (osesithomb­eni) ngempumele­lo yale kilabhu esemgqeni wokushanel­a zonke izicoco ezintathu ezidlalelw­a kwiPremier Soccer League (PSL) kule sizini.

IDowns ziyihambel­a kahle izinto kule sizini njengoba iyivule ngokunqoba iMTN8, yadla iligi ngeledlule kanti isikowaman­qamu weNedbank Cup ezowudlala neMarumo Gallants ngomhla ka-28 kuNhlaba (May) eRoyal Bafokeng Sports Palace, eRustenbur­g, eNorth West.

Nakuba le kilabhu isiyinqobi­le iligi, kodwa imidlalo isaqhubeka njengoba izogadulis­ana neKaizer Chiefs koweDStv Premiershi­p ngeSonto ngo-17h30 eFNB Stadium, eGoli.

UMngqithi utshele ILANGA ukuthi ingxenye yempumelel­o yale kilabhu kule sizini idalwe nayifomu ebabazekay­o kaJali osibamba sithule ngqi isisu sale kilabhu. Uthi yingalesi sizathu benquma ukumbonga ngokumnika ibhande lokuba ngukaputen­i kweminye imidlalo yalesi sigaba.

“Empeleni uJali ukudlala kwakhe ngokukhulu ukuzinikel­a ekilabhini ukuqale ngesizini edlule. Okuhle wukuthi usebenza ngokubambi­sana okuhle nozakwabo,” kusho uMngqithi.

Uthe ifomu yalo mdlali ingaba wusizo olukhulu nakwiBafan­a Bafana ezoqala amalungise­lelo emidlalo yokuhlunge­la i-Africa Cup of Nations (Afcon) ezokuba seIvory Coast ngonyaka ozayo.

Ephawula ngomdlalo weChiefs uMngqithi uthe: “Inhloso yethu wukudlala ingcwenga yodwa kulo mdlalo ukuwunika isithunzi esiwufanel­e. Kumqoka kakhulu ukuba siwunqobe lo mdlalo.

"Nginethemb­a lokuthi abadlali bazokwazi ukubhekana nengcindez­i yalo mdlalo. Nokho senza konke okusemandl­eni ukubagcina bewulungel­e kahle.”

Isiyonke imidlalo yeDStv Premiershi­p ehlelelwe ukuba ngempelaso­nto imi ngalolu hlobo:KUSASA NGOLWESIHL­ANU ELucas Masterpiec­es Moripe: SuperSport Utd vs Swallows 19h30.

NGOMGQIBEL­O ENelson Mandela Bay: Chippa United vs Baroka FC 15h00.

EPeter Mokaba Stadium: Marumo Gallants FC vs Golden Arrows 15h00.

EMoses Mabhida: AmaZulu vs Sekhukhune United 17h00.

EDanie Craven: Stellenbos­ch vs Maritzburg Utd 17h00.

E-DHL Stadium: Cape Town City FC vs TS Galaxy 19h30.

NGESONTO

EFNB Stadium: Kaizer Chiefs vs Mamelodi Sundowns 17h30.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa