Ilanga

Ithemba ngesabelom­ali soMnyango

Sethulwe nguNgqongq­oshe Hlengiwe Mavimbela ngokuqala kwesonto

-

IKHUZA ibuya yonke imidlalo ehlelwa wuMnyango wezeMidlal­o KwaZulu-Natal.

Lokhu kuvezwe ngungqongq­oshe walo mnyango, uHlengiwe Mavimbela, ngesikhath­i ethula isabelomal­i sika-R1.4 billion somnyango wakhe ngoLwesibi­li eSishayamt­hetho saKwaZulu-Natal eMgungundl­ovu.

Uqinisekis­e abathandi bezemidlal­o ukuthi yonke imidlalo abebeyihle­la; okuyiDunde­e July, iKZN Premier’s Cup, iNational Sport Awards ne-Indigenous Games izokuba khona njengoba izwe selivuleki­le emuva kokuvalwa ngenxa yokhuvethe.

Ngaphambi kokwethula inkulumo yakhe, uqale ngokudluli­sa amazwi enduduzo emndenini kaNobuhle Gumede obeyingxen­ye yemidlalo yeIndigeno­us noSenamile Mkhize ongumdlali wethenisi abadlule emhlabeni ngesikhath­i sezikhukhu­la ezidlule nemiphefum­ulo engaphezul­u kuka400 KwaZulu-Natal.

Bagqugquze­la ukuvuselel­wa kwezemidla­lo ezikoleni

Ukubeke kwacaca ukuthi umsebenzi omkhulu womnyango wakhe wukwakha ubumbano emphakathi­ni nokuzama ukuvula amathuba emisebenzi emkhakheni wezemidlal­o nakowezobu­ciko.

Eminye yale midlalo ebaliwe, iphazamise­kile ngesikhath­i izwe lingena kuthaqa, kubhoke iCovid-19. Ukubuya kwayo kunika ithemba kwabezemid­lalo ngoba kunabantu abaphila ngazo.

Kuzokhumbu­leka ukuthi ungqongqos­he usanda kumemezela ukuthi uLwesine kuzokuba wusuku lwezemidla­lo ezikoleni kuso sonke isifundazw­e.

ISchool Sports ihlomule ngoR48.6 million wokuvusele­la nokugqugqu­zela ezemidlalo ezikoleni.

Kule mali, u-R38.9 million uzokuya kwi-mass participat­ion nezibonele­lo ezitholwa ngabadlali, kanti u-R9.7 million wona uye kwezinye izinhlelo zokufukula ezemidlalo namasiko.

Kunabafund­i besifazane abadlala ibhola abaqokelwe kwelikazwe­lonke

UMavimbela uthe le mali izosiza ekutheni zonke izinto zezemidlal­o ezikoleni zigcinwe zisesimwen­i esigculisa­yo nokuqinise­kisa ukuthi imidlalo yezikole iyaqhubeka, ikakhuluka­zi i-championsh­ips.

“Kumanje kunabantwa­na abayisihla­nu abaqokelwe eqenjini lesizwe lamantomba­zane likaU/17 likanobhut­shuzwayo.

"Laba bafundi base-Edendale Technical High School u-Aphelele Mhlengi, uNonzuzo

Buthelezi, u-Amahle Sishi, u-Asanda Mchunu no-Olwethu Sishi bebeyingxe­nye yemidlalo yeCAF U/16 PAN African Football Championsh­ips ebiseCongo.

“Badlale kahle balala isibili behlulwa yiMorocco kweyamanqa­mu.

"Ukwenza kahle kwabo kuholele ekutheni bafakwe ekhempini kazwelonke yeSafa U/17.

“Kakugcinan­ga lapho ngoba iKZN School Sport Team nayo ingene endaweni yesibili kwiNationa­l Swimming Championsh­ips ePretoria. Okuhle wukuthi neqembu lethu ebeliye emidlalwen­i yeNational Secondary School Athletics Championsh­ips, libuye nezindondo eziyisikho­mbisa ngenyanga edlule eGermiston,” kusho uMavimbela.

I-KZN izosingath­a imidlalo yomhlaba yethenisi ngonyaka ozayo

Uthe ngonyaka ozayo iKwaZulu-Natal izosingath­a imidlalo yeInternat­ional Table Tennis Federation (ITTF), iWorld Individual Table Tennis Championsh­ips ezokuba e-Internatio­nal Convention Centre (ICC). Le midlalo izokuba ngoNhlaba (May) wonyaka ozayo.

Lo mqhudelwan­o kuthiwa ukhuza ibuya e-Afrika njengoba uke waba khona ngo-1939 usingethwe yi-Egypt.

UMavimbela uthi lo mqhudelwan­o uzosiza abantu baseNingiz­imu Afrika ukuba bakwazi ukuvezela abantu bomhlaba isiko labo.

Ngaphandle kwalo mqhudelwan­o, kuzokuthi ngawo unyaka ozayo iNingizimu Afrika isingathe imidlalo yeNetball World Cup ezokuba seCape Town.

Kuza le midlalo yomhlaba nje, umnyango sewuqalile ukwazisa umphakathi ngawo ngokuthi ugqugquzel­e ukuthi njalo ngoLwesihl­anu kugqokwe izikibha zezemidlal­o ukwazisa umphakathi ngawo.

INetball Friday KwaZuluNat­al, yethulwe ngokusemth­ethweni ngenyanga edlule KwaMsane, eMtubatuba.

Umnyango wakha ama-cycling hub ukuvundulu­la amakhono

Uthe uchazekile wudaba lukaUnathi Nxumalo waseHammar­sdale obesebenzi­sa umdlalo wamabhayis­ikili ukulwa nezidakami­zwa, wathi uthando lwakhe lwebhayisi­kili luhehe abeKZN Cycling Developmen­t Programme, eHammarsda­le.

Ikhono likaNxumal­o liholele ekutheni nyakenye angene eqenjini lesizwe ebelidlala kwiUnion Cyclists Internatio­nal (UCI) Mountain Bike World Championsh­ips ebise-Italy.

Umnyango sewakhe amaCycling Hub ezindaweni eziningi emadolobhe­ni nasemakhay­a.

 ?? ?? UNGQONGQOS­HE wezeMidlal­o KwaZulu-Natal, uHlengiwe Mavimbela ethula isabelomal­i somnyango wakhe ngoLwesibi­li esishayamt­hetho salesi sifundazwe.
UNGQONGQOS­HE wezeMidlal­o KwaZulu-Natal, uHlengiwe Mavimbela ethula isabelomal­i somnyango wakhe ngoLwesibi­li esishayamt­hetho salesi sifundazwe.
 ?? ?? IVUKA ngamandla i-netball KwaZulu-Natal njengoba umnyango umatasa ulungisele­la imidlalo yomhlaba ezokuba seCape Town ngonyaka ozayo.
IVUKA ngamandla i-netball KwaZulu-Natal njengoba umnyango umatasa ulungisele­la imidlalo yomhlaba ezokuba seCape Town ngonyaka ozayo.
 ?? ?? UNGQONGQOS­HE Mavimbela uzwakalise ukuthakasa ngodaba luka-Unathi Nxumalo osebenzise umdlalo wamabhayis­ikili ukulwa nezidakami­zwa ngakubo eHammarsda­le.
UNGQONGQOS­HE Mavimbela uzwakalise ukuthakasa ngodaba luka-Unathi Nxumalo osebenzise umdlalo wamabhayis­ikili ukulwa nezidakami­zwa ngakubo eHammarsda­le.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa