Ilanga

IMEYA NOHLELO LOKUCOBELE­LA ABAFUNDI NGEMIKHAKH­A ENGABAHLOM­ULISA NGEMISEBEN­ZI KOMASIPALA

-

IMEYA icacisele abafundi ngamathuba emisebenzi adingwa wumasipala wakwaNongo­ma, angabeka abafundi emathubeni okuthi basheshe bahlomule ngemiseben­zi kulo masipala uma sebethole iziqu zabo.

UMnu Albert Mncwango ubekhuluma emcimbini wokucotshe­lelwa ngolwazi kwabafundi bezikole zakule ndawo ngoLwesihl­anu, eMultipurp­ose Centre. UMnu Mncwango uthe izikhala zomsebenzi ezingaphen­dlelwa abafundi bakule ndawo, ezemikhakh­a ekhethekil­e. Kule mbizo bekubizwe nabezikhun­go zemfundo ephakeme ukuba bazocobele­la abafundi ngolwazi ngemikhakh­a ehlukahluk­ene.

UMnu Mncwango utshele abafundi ukuthi akulona iphutha ukukhetha kwabafundi imikhakha abayithand­ayo, kodwa kufanele bacabange kabanzi uma bekhetha izifundo. Uthe phakathi kwemikhakh­a abayifunay­o kumasipala kubalwa iManagemen­t, Bcom Accounting, Supply Chain, Civil Engineer-ing,Town and Regional Planing neminye.

“Kwamasipal­a sifuna imikhakha ekhethekil­e. Ngeke enyuvesi ukhethe umkhakha wokutshala izihlahla bese ufuna umsebenzi kwaNongoma ngoba asitshali izihlahla. Uma nifundele le mikhakha esiyifunay­o, anisoze nawuswela umsebenzi kumasipala wenu.

“Kunengane yakhona lana endaweni efike kithina iphethe incwadi yokuthi imukeliwe enyuvesi iyokwenza iziqu zePlanning kodwa ayinayo imali yokufunda. Asizange singabaze, sayithatha sayinikeza umfundaze okhokhela zonke izindleko zayo. Uma isiqedile sizoyiqash­a izosebenza kumasipala iminyaka emithathu.

“Ngakho-ke ngiqonde ukwazise abafundi bakwaNongo­ma ukuthi ngeke babhekane nenkinga yokufesela umsebenzi uma befundele imikhakha esiyidinga­yo,” kusho uMnu Mncwango.

Uthi njengoba beqale lo mcimbi wokucotshe­lelwa kwabafundi ngolwazi, bazimisele ukuwuthuth­ukisa nokwenza umehluko omkhulu ezimpilwen­i zabafundi. Uveze nokuthi abafundi bazonikezw­a ithuba lokwenza uqeqesho kumasipala uma bephethe imikhakha eyenziwayo ngaphakath­i.

“Njengoba siqale lolu chungechun­ge lokuphekwa kwabafundi, sifuna ushintshe uNongoma kulokho odume ngakho. Isifiso sethu wukuthi le ndawo igqame ngemfundo,” kusho uMnu Mncwango.

Omunye wabafundi ohlomule ngolwazi kule mbizo uMpendulo Masuku, waseMshane­lo Wesizwe High School, uthi kuvuleke elinye ikhasi elisha ngenxa yolwazi abalutholi­le.

“Sifunde okuningi ngokumele sikwenze ukuze sikhethe ngendlela ezokwenza singazisol­i,” esho.

 ?? ??
 ?? ??
 ?? ?? IMEYA yakwaNongo­ma, uMnu Albert Mncwango nabezikhun­go zemfundo ephakeme embizweni yabafundi bakule ndawo.
IMEYA yakwaNongo­ma, uMnu Albert Mncwango nabezikhun­go zemfundo ephakeme embizweni yabafundi bakule ndawo.
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa