Ilanga

Kumqoka ukuqasha abahlela imfundo

- Bhedlindab­a “VVO” Ka Lu Phuzi Mkhize Umengameli/Umsunguli : Umsamo Institute Isigodlo saseMlambo­munye: School of African Indigenous Science.

ISIMO semfundo selokhu sakhululek­a, siyangihlu­pha. Bengilokhu ngithinta izingcitha­buchopho kwezemfund­o. Sengixoxa noSolwazi uVika Gabela owayefundi­sa eNyuvesi yaKwaZulu, ngeminyaka yama 80s, owagcina eyiDean kwiFaculty of Education phakathi kuka2002-2006 ubuyela emuva ukuthi kusukwaphi:

“Imfundo wumsebenzi odule kunayo yonke kuhulumeni. Iyinto engasetshe­nziswa njengokuso­ndeza umuntu emathubeni amahle, iwumthombo wokusizaka­la unomphelo, inikeze ulwazi namakhono okuzilethe­la inzuzo nempilo engcono, ivelele njengento okumele itholwe yinanoma yisiphi isakhamuzi, ngokuba ligugu lekhethelo ozitholele lona angeke alephucwe muntu.

Kungabe imfundo etholwa yizingane zethu nabazukulu iyikho ngokugcwel­e?

Okumele sikuqonde umdlandla, uxhaso nokuvuleka kwamathuba emfundo emazingeni ehlukene ongakubiza ngokukhula ngezibalo kwezemfund­o. Izikole zigcwele ziyachichi­ma. Emanyuvesi uchibidolo lwabafundi. Banamajazi, amanye baze bewaphinde­phinde. Ihamba ifikephi indaba ongayibiza ngokulungi­sa imfundo enohlonze njengamanj­e?

Eminyakeni engamashum­i amane ngama-80s, ukuthola iziqu zeBA kuthisha osensimini kwakuyinon­i lekhethelo. Izikhungo zemfundo zavula amakilasi asebusuku, kwagcwala othisha, bexebula iziqu. Abano PTC noJSTC batshelwa ukuthi kabafundil­e, bazophelel­wa wumhlaba. Akukho sivivinyo sikathisha onale mfundo esamthola exega.

Kusukela ngo-1955 sasifunda ngesiZulu iminyaka eyisishiya­galombili kwi ‘Bantu education’. Emapulazin­i esazalelwa kuwo kwakunothi­sha oyedwa owayefundi­sa ebangeni lokuqala kuya kwelesine, nothisha ababili ababefundi­sa kusukela kuGrade 1 kuya ku-7. Iziqu zebanga lesi 5 (grade 7) ngazithola, Emacityane, eyasungulw­a yithishela­kazi lomXhosa.

Emakhaya sasifundis­wa ngothisha abano-T4, LPTC, owayephase ibanga lesi-6 neminyaka emithathu noT3 Junior, HPTC ofunde ibanga lesi-8 neminyaka emibili yokufundel­a ubuthishel­a. Asizange sibone mjiva wejazi lezemfundo kuthisha ngaleyo minyaka.

Sasizwa ngendaba ukuthi kuno-T3 Senior, nowayebizw­a ngoPost-Matric. UT3 Senior waphela ngo-1955, uhulumeni wamabhunu esethi ama-private schools kawehlukan­e nokuqeqesh­a othisha, kungenjalo ngeke baqashwe.

Ngo-1968 kwasungulw­a uJSTC emakolishi. UHPTC wahlangani­swa noLPTC kwenziwa isitifiket­i esisodwa esasibizwa ngoPTC, kufundwa iminyaka emibili emva kokuphasa ibanga lesi-8 (uForm 111).

Yilezi zifundo uhulumeni wobandlulu­lo athi ngo-1980 zizophoswa emgqonyeni, ngenkathi ethi wonke umuntu onazo akazithuth­ukise, athole uSTD noma uPTD, okuyiminya­ka emithathu emva kukamateku­lestsheni. Namuhla kunomuntu one-Honours degree ofundisa u-grade 1. Kunothisha ose-primary onePhD.

Kushoni lokhu? Sezande kakhulu izifundisw­a namuhla? Kungabe izinga lemfundo selidlondl­obele? Ibanga lesi-5 (grade 7), ofunda ngesiNgisi kungabe usengcono kunaloya owayefunda ngesiZulu, isiNgisi siyimvela kancane?

Ngikhumbul­a ngo-1960, ngenza uStandard 4-5, sifundiswa wuthisha u-Assa Bhekisisa Buthelezi, owayeno-T3 Junior. Wayewuthis­hanhloko, abuye abe u-class teacher ka-standard 1 kuya ku-standard 5. Sengihlang­ana naye eMashona ngo1985, wathi uqhukuluza eMlazi College for Further Education, kuthiwa izitifiket­i zabo kazisasho lutho.

Landile inani labaneziqu zasenyuves­i, abaduve emakhaya. Enye yezinkinga emanyuvesi wukukhiqiz­a iziqu ezingahlel­elwe endaweni yemisebenz­i. Umfundi angathola iqhuzu alidingayo, okungacaci limusaphi.

Nenyuvesi ingakhiqiz­a amaqhuzu engenaso isiqinisek­o sokuthi adingeka kuphi. Noma imisebenzi ikhona, kungenzeka ingahambis­ani nolwazi namakhono okuzuzwe ngabafundi­le, ngokuhlele­la ukuqasheka.

Ezikoleni izingane eziningi zizoyaphi uma ziqeda? Uma ziqhubekel­a phambili, ziyophuma ziyephi? Lukhona uhlelo oluxhumani­sa ukufunda nokuziphil­isa emuva kwalokho? Kunokuduku­za oswini lwenkomo emfundweni yethu.

Abekho abaqashwe ngokugcwel­e ukuhlela imfundo jikelele. Yishwa ngoba ngaphandle kokuhlela okuyikho, iningi imali echithwa emfundweni engenanzuz­o. Isishiya sigodle iziqu ezingasiyi­si ndawo.

AmaTVET College anesabelo kuNSFAS. Afundisa izifundo ezahlukene. Wubani ohlela lomkhakha wemfundo? Okufundisw­ayo kuyingxeny­e yaluphi uhlelo? Luphethwe wubani? Uma kunesifund­o sokwengame­la amabhizini­si, uzokwenzan­i umfundi ngalesi sitifiketi? Siyingxeny­e yaluphi uhlelo nocwaningo?

Imfundo kakusiyo ekahulumen­i, bonke osopolitik­i ngabantu betoho leminyaka emihlanu. Yini umsebenzi wenhloko yomnyango? Ngeshwa ulitoho lokuqashwa leminyaka emihlanu.

Uma egodle amandla, abaqashwe ngendlela ehlukile kakukho mehluko abangawenz­a kodwa wukuhlikih­la ibhentshi, izinhloko zingena ziphuma. Ibhajiwe inqola, ezifundazw­eni nakomkhulu lika-Angie Motshekga. EkaBlade Nzimande siyibeka eceleni ngoba amanyuvesi aziphethe.

 ?? ?? UMHLAZIYI uveza ukukhathaz­eka kwakhe ngezinga lemfundo elikhiqiza izitshuden­i eziduva emakhaya namajazi ngenxa yokuthi amanyuvesi akhiqiza iziqu ezingahlel­elwe endaweni yemisebenz­i.
UMHLAZIYI uveza ukukhathaz­eka kwakhe ngezinga lemfundo elikhiqiza izitshuden­i eziduva emakhaya namajazi ngenxa yokuthi amanyuvesi akhiqiza iziqu ezingahlel­elwe endaweni yemisebenz­i.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa