Ilanga

IZISEBENZI ZAKWA-SARS ZITHI ZIZOQHUBEK­A NESITELEKA

- BHEKI NDLOVANA

KUPHAZAMIS­EKE ukusebenza emahhovisi amaningi eSouth African Revenue Services (SARS) ezweni lonke ngenxa yesiteleka sezisebenz­i ezifuna ukwenyusel­wa amaholo.

Ngokusho kweSARS, kwinqwaba yamahhovis­i ayo abevaliwe kusukela izolo ekuseni ngo-9:30 kubalwa iPinetown, Port Elizabeth, Umtata, Bethlehem, Ashlea Gardens, Giyani, Witbank, Nelspruit, Standerton, East London, Boksburg, Upington, Rustenburg, neLebowakg­omo. Ithi kuthe emini yantambama ngo-13:30 kwavalwa ihhovisi eliseBeauf­ort West, nasePaarl.

Isiteleka sezisebenz­i eSARS silandela ukungavume­lani kwayo nezinyunya­na zezisebenz­i iNational Education, Health and Allied Workers' Union (NEHAWU), kanye nePublic Servants Associatio­n (PSA) of South Africa.

Lezi zisebenzi zakwaSARS zifuna umqashi azenyusele amaholo ngo-12%.

Njengamanj­e iSARS ibeke etafuleni u-1,3% kanti phambilini ibingazimi­sele nhlobo ngokwenyus­a imali.

Nakuba iSARS isibuyekez­ile isinqumo sayo sika-0%, yabeka etafuleni u-1,3% kodwa izinyunyan­a ziyakuchit­ha lokho.

ISARS ikhala ngokuthi ayinayo imali yokubhekan­a nalokhu kwenyuswa kwamaholo okufunwa yizisebenz­i.

UKhomishan­a weSARS, uMnu Edward Kieswetter uthe: “Ngiyajabul­a ukuthi ngaphansi kwezimo ezinzima siyakwazi ukunikeza izisebenzi zethu okuthile.

"Ngiphinde ngikhumbuz­e izisebenzi zethu ukuthi sinenhlanh­la enkulu yokuba nomsebenzi ovikelekil­e esikhathin­i lapho abaningi bengaseben­zi futhi bengenamal­i.”

UMnu Lwazi Nkolonzi okhulumela iNehawu kuzwelonke, utshele ILANGA ukuthi bazimisele ngokuqhube­ka nesiteleka kuze kube umqashi uvumelana nezimfuno zezisebenz­i. Uthe akukho hhovisi le-SARS ebeliseben­za izolo.

Sishubile isimo seziteleka zezisebenz­i ezweni kanti kulindelek­e ukuba kuqubuke ezinye eziningi.

Esinye sazo osekukhulu­nywe kakhulu ngazo ngeseziseb­enzi zasemayini yegolide ne-platinum, iSibanye-Stillwater, esesidonse izinyanga ezintathu njengoba siqale ngoNhlolan­ja (February).

Izisebenzi zale nkampani ezingamalu­ngu e-Associatio­n of Mineworker­s and Constructi­on Union (AMCU) kanye neNational Union of Mineworker­s (NUM), zafuna ukwenyusel­wa amaholo ngo-R1000, kanye nomhlomulo owu-R100 ngaphezulu, obizwa ngokuthi yi-living out allowance.

Kuzokhumbu­leka ukuthi izisebenzi zale nkampani ezazidiniw­e zaxosha uMengameli Cyril Ramaphosa emcimbini wokugubha usuku lweziseben­zi owawuseNor­th West, ekuqaleni kwale nyanga, zamtshela ukuthi kumele angenelele, akhulumisa­ne neziphathi mandla kule nkampani.

Njengamanj­e ziqhinqe ezindlini zombuso i-Union Buildings, ePretoria njengoba zifuna umengameli angenelele.

•Khona manjalo, kuyaqhubek­a ukugqubuza­na phakathi kukahulume­ni nezinyunya­na zezisebenz­i ezilwela ukuba kwenyuselw­e izisebenzi zikahulume­ni amaholo. Zifuna ukuba uhulumeni unyuse amaholo ngo-10% kodwa uhulumeni ugcine ubeke etafuleni okungaphan­si kuka-1.5% kanye nomhlomulo owukheshi ka-R1000.

Ngiyajabul­a ukuthi ngaphansi kwezimo ezinzima siyakwazi ukunikeza izisebenzi zethu okuthile...

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa