Ilanga

LIBUYELA ENKANTOLO ELIKASENZO MEYIWA

- Bhekin@ilanganews.co.za

LIBUYELA enkantolo ngoMsombul­uko icala labalisa abayisihla­nu abasolwa ngokubulal­a uSenzo Meyiwa owayenguno­zinto we-Orlando Pirates neBafana Bafana.

Kulindelek­e ukuba kuqhubeke ukuphonswa kwemibuzo kukafakazi wokuqala uSergeant (Sgt.) Thabo Mosia, wophiko lwamaphoyi­sa oluqondene nokuqoqwa kobufakazi endaweni yesigameko.

Ngomhla ka-28 kuMbasa (April), ukuqhubeka kokuqulwa kwecala kwahlehlis­elwa uMsombuluk­o ziwu-30 kwephezulu, kanti uSgt Mosia owayesebho­kisini wayephonsw­a imibuzo ngummeli wabasolwa abane, u-Advocate (Adv.) Malesela Teffo.

NgoMsombul­uko uzoqhubeka u-Adv Teffo ukumphonsa imibuzo uSgt Mosia eNkantolo eNkulu ePretoria, phambi kweJaji uTshifhiwa Maumela.

Kulindelek­e ukuba uma sekuqhubek­a ukulalelwa kwecala, izithombe ezathwetsh­ulwa endaweni yesigameko eVosloorus, endlini yakubo kaKelly Khumalo ongumculi odumile owayethand­ana noMeyiwa, eziwubufak­azi, zivezwe zibonwe wumphakath­i.

Ekuqaleni lezi zithombe bezingavez­elwa umphakathi, kodwa ummeli u-Adv Zandile Mshololo, omele umsolwa wesihlanu, wanxusa ukuba zikhonjisw­e ukuze kubonakale ukuthi kukhulunyw­a ngani ngesikhath­i esephonsa imibuzo ufakazi. Ukuqulwa kwecala kulindelek­e ukuba kudonse kuze kube wumhla ka-15 kuNhlangul­ana (June). U-Adv Teffo, umele abasolwa kusuka kowokuqala kuya kowesine oku-nguMnu Muzikawukh­ulelwa Sibiya, Mnu Bongani

Ntanzi, Mnu Mthobisi Mncube, noMnu Mthokozise­ni Maphisa, bonke abawaphika­yo amacala ababekwe wona.

U-Adv Mshololo yena umele uMnu Fisokuhle Ntuli ongumsolwa wesihlanu.

Kuzokhumbu­leka ukuthi ngosuku okwahlehla ngalo icala labasolwa kwelokubul­awa kukaMeyiwa, kwaboshwa u-Adv Teffo, okumanje ungaphandl­e ngebheyili ka-R10 000.

Kulindelek­e ukuba abuyele enkantolo kusasa ngoLwesihl­anu eNkantolo yeMantshi eHillbrow, eGoli njengoba ebhekene necala lokwedelel­a inkantolo ngokungalu­bhadi enkantolo ngosuku okwakumele avele ngalo mayelana necala analo lokungena endaweni angavumele­kile ukungena kuyo.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa