Babuyiselwe emsebenzini othisha (11) ababemisiwe
Kusize ukungenelela kweNatu
LUNQONTSHWE wukungenelela kweNational Teachers' Union (Natu), udaba lokubuyiselwa emsebenzini kothisha abangu-11 abebefundisa eMlazi Comtech, ababemiswe wuMnyango wezeMfundo, KwaZulu-Natal, ngenxa yokugoloza kwabo ukuyofundisa ezikoleni ezintsha ababethunyelwe kuzona.
Othisha bebekhishwa kulesi sikole ngohlelo lwePost Provison Norm (PPN)-okuwuhlelo lokwabiwa kwenani lothisha esikoleni ngokubhekwa kwenani labafundi kuleso sikole.
EMlazi Comtech, kusuke izidu-bedube othisha belwela ukuthi uthishanhloko akahambisanga ngendlela efanele ngesikhathi kuqokwa abazokhishwa kulesi sikole. Lesi sikole sehlelwe isibalo sabafundi, othisha basala bebaningi.
Uhlelo lokukhishwa kwabo luze lwangenelelwa abahloli besekethe nowayengumqondisi wesifunda eMlazi uMnu Mqondisi Cele (ongasekho), nabo abasolwa ngokungaluphathi ngendlela efanele lolu daba.
Othisha bebengayizwa eyokuyiswa kwezinye izikole ezishoda ngothisha ngokuyalelwa wumnyango, kodwa bebevuka beyoqhinqa kulesi sikole nsuku zonke. Bebengavunyelwe ukuthi bafundise, kwaze kwaholela ekutheni umnyango uthathe izinyathelo zokubamisa emsebenzini.
Othisha bebesola uthishanhloko uMnu Nathi Shandu, ngokuthi ulwa izimpi zakhe ngokusebenzisa amandla ngokungalandeli imigudu ebekiwe uma kuhlonzwa abazokhishwa esikoleni baye kwezinye izikole.
UMengameli obambile weNatu uMnu Sbusiso Malinga, uthi beku shaqisa ukumiswa kothisha ekubeni baziwa ukuthi bakuphi futhi bekwazi nokutholakala ezingcingweni. UMnu Malinga unxuse umnyango ukuthi uziphenye lezi zinsolo ezibhekiswe kuthishanhloko ngokusabisa izisebenzi esebenzisa amandla akhe.
“Iqiniso lithi uthishanhloko ubengumholi oqavile weSadtu. Ngakho-ke ukukhishwa inyumbazane kwamalungu ethu kusenze salulwela lolu daba, sahlala phansi nomqashi sambhalela izincwadi kwayiwa etafuleni. Bonke othisha ebebemisiwe ngamalungu ethu eNatu.
“Siyabonga kakhulu kwinhloko yomnyango wezeMfundo ekwazile ukuthatha isinqumo sokuthi babuyiselwe emsebenzini, ngoba banemindeni yabo abayondlayo. Asizange sihambisane necala ebelithi abaziwa ukuthi bayephi, ekubeni bebevuka njalo ekuseni baye emsebenzini.
“Uma uthisha enganelisekile ngohlelo olusetshenzisiwe ekuhlonzweni kwakhe uma ezokhishwa esikoleni, umthetho uthi kufanele kuphenywe luze luphothulwe uphenyo ngaphambi kokuba amiswe emsebenzini,” esho.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo, KwaZulu-Natal, uMnu Muzi Mahlambi, uthi ngaphambi kokuba bamiswe othisha, babhalelwa izincwadi ezibanqumela izinsuku eziwu-14 ukuba bachaze ukuthi kungani kungafanele baxoshwe ngokugcwele emnyangweni.
“Sibaqasha kabusha njengamanje, lokho akuchazi ukuthi bazobuyiselwa eMlazi Comtech. Kungenzeka uthisha simthumele eNkandla noma yikuphi lapho okuzobe kunesidingo sokuthi simhambise khona. Asibheki ukuthi ngubani owaba nephutha esikuqinisekisayo ukuthi othisha bayabuyela emsebenzini,” kusho uMnu Mahlambi.