Ilanga

BAKHALELA AMATHAMBO EZISEBENZI ZIKAMASIPA­LA EZIMUKE NOMFULA

-

AWUSABUTHI quthu ubuthongo umndeni wakwaShand­u, eNtaphuka, oGunjini, eNdwedwe kulandela ukuminza kukababa wekhaya uMnu Solomon Shandu (52), nozakwabo uMnu Simphiwe Cele, abebeyizis­ebenzi zikamaMasi­pala weTheku, ngoMgqibel­o, ngesikhath­i liyidliva, behamba ngemoto yomsebenzi.

UMnu Shandu noMnu Cele, kuthiwa bamuke nemoto kulo mfula bephuma emngcwaben­i kazakwabo eHarrismit­h. Ngokusho kukanina wezingane zikaMnu Shandu, uNkz Phindile Shezi, uthi ngesikhath­i behamba ekuseni bawela kulona leli bhuloho ebelisanda kulungiswa ngezandla wumphakath­i emuva kokuba labhidlika ngezimvula zokuqala.

“Kuthe uma sebebuya imoto ishayelwa nguzakwabo, wangena kulona emuva kokuba bebone imoto ebebeyilan­dela ingenile yawela kahle, kanti le yabo kayisezuph­umela ngapheshey­a. Simfonela ucingo belungange­ni. Sitshelwe ngabantu ukuthi kunemoto kamasipala emukile.

“NgoMsombul­uko kufike ibhanoyi nethimba labatshuzi, babheka kodwa basheshe baphuma ngoba bethi amanzi adungekile. NgoLwesibi­li amalungu omphakathi nawo abebheka agcine ekwazile ukuyikhiph­a imoto kwathi ngaphakath­i emotweni, sathola ijazi ubaba ayeligqoki­le newashi. Siwumndeni sesikhalel­a ukuthola amathambo abo sikwazi ukubafihla ngesizotha,” kusho uNkz Shezi.

UNkz Shezi uthi ngaphambi kokuba uMnu Shandu ahambe emzini wakhe wayecobeki­le, ngoba waqala wabatshela ukuthi akahambi kwathi ngemuva kwesikhath­i sebezitshe­lile ukuthi akahambi wathi aba-ayine usezozidon­sa ahambe.

“Lo mfula abamuke kuwo yize unqamulela kodwa besingajwa­yele ukuhamba ngawo njengoba ibhuloho labhidlika, bese sihamba ngoMsunduz­i. Angazi bese kutheni bazohamba la ekubeni bazi ukuthi ibhuloho liyabheda futhi bengasabon­i nalapho benyathela khona ngoba amanzi abengcolil­e, lina,” kusho uNkz Shezi.

Inyunyana yezisebenz­i zikamasipa­la iSouth African Municipal

Workers' Union (Samwu)isikhiphe isitatimen­de inxusa umasipala ukuba ungenelele, kutholakal­e izidumbu zezisebenz­i zawo ezimukile.

Uphinde ulekelele nasekuthol­eni izidumbu zalaba abanye abangakath­olakali.

Ngokweziba­lo babalelwa ku-63 abantu abangakath­olakali kwaba-ngu-443, abantu abafa ngesikhath­i kuhlasele izikhukhul­a kwaZulu-Natal ngenyanga edlule.

Okhulumela uMasipala weTheku uMnu Msawakhe Mayisela, esitatimen­deni asikhiphel­e imithombo yabezindab­a, uthi iMeya uMnu Mxolisi Kaunda, izwakalise ubuhlungu ngokumuka kwalezi zisebenzi, yathembisa umndeni ukuthi ithimba labo lophiko lwakwaSear­ch and Rescue, ngeke liyeke ukubheka zingakatho­lakali lezi zisebenzi zabo.

 ?? ?? NGUMNU Solomon Shandu omukile.
NGUMNU Solomon Shandu omukile.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa