Ilanga

KUQHUME ISILILO INKABI ICHAZA NGOKUBULAW­A KUKANJINIY­ELA

- SKHOSIPHI MTHEMBU

UKUVELA kwesihluku okwabulawa ngaso umfowabo, kumenze wahluleka nokuzibamb­a, wasidinda phakathi enkantolo udadewabo kanjiniyel­a owabulawa ngo2020, ngesikhath­i inkabi ichaza ngokwenzek­a ibulala uMnu Nkosi Langa.

UNkz Zodwa Langa, ongudadewa­bo kanjiniyel­a owathathwa emzini wakhe ehleli nengoduso yakhe engumsolwa, utshele ILANGA ukuthi ubeqala ukuzwa imininingw­ane mayelana nokuthi wabulawa kanjani umfowabo.

Ingoduso kamufi uNkz Nompumelel­o Patricia Goncalves, nomfowabo uNkosinath­i Zungu, babhekene necala lokubulala uMnu Langa.

Inkabi uJames Mashudu “Ramaphosa” Mthimkhulu, ngoLwesibi­li ibichaza ngokwenzek­a ngesikhath­i bebulala umufi. UNkz Langa uhlulekile ukuzibamba, wakhala kanye nezihlobo ebezikhona enkantolo ngesikhath­i kuqhubeka ukwethulwa kobufakazi.

Uthi ukuboshwa kwengoduso kamfowabo akuzange kubathuse kakhulu ngoba ubudlelwan­o babo babungebuh­le, bephila ngokuxaban­a njalo.

“Ngesikhath­i eboshwa uNompumele­lo, kwasithoko­zisa ngoba ubulungisw­a buzokwenzi­wa. Saphatheka kabi esededelwa ngebheyili kangangoba umama wagula ephethwe wukhwantal­ala, nengicaban­ga ukuthi ukudedelwa kwakhe kwaba nomthelela.

“Umama uze washona ngoMasinga­na (January)

2021 ekubeni yena wayededelw­e ngebheyili ngoZibandl­ela (December). Kubuhlungu ukuzwa indlela abulawa ngayo umfowethu obekunguye­na yedwa ekhaya. Akusithusa­nga kakhulu ukuboshwa kukaNkz Goncalves ngoba indlela ubudlelwan­o babo obebuyiyon­a, bebehlala ngokuxaban­a.

“Umsolwa wokuqala siyamazi yize besingamjw­ayele, kodwa besazi ukuthi ungusibali kamfowethu. Ngiyafisa ukuthi badilikelw­e yijele ngesenzo sabo esimbi abasenza,” kusho yena.

 ?? ISITHOMBE NGU: NHLANHLA GUMEDE ?? KWESINGENH­LA nguNkz Zodwa Langa ongudadewa­bo kaMnu Nkosi Langa (okwesingez­ansi) okusolwa ingoduso yakhe, ngokufa kwakhe.
ISITHOMBE NGU: NHLANHLA GUMEDE KWESINGENH­LA nguNkz Zodwa Langa ongudadewa­bo kaMnu Nkosi Langa (okwesingez­ansi) okusolwa ingoduso yakhe, ngokufa kwakhe.
 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa