KUPHUME ISIDUMBU BEDUTSHULWA "NGAMASELA" EMFUYO
USHAYANA ngamakhanda umphakathi waseNtabamhlophe, eMtshezi, ngenxa yokuhlaliswa lubhojozi ngamasela emfuyo okuthiwa asekhiphe izidumbu ezimbili zabafuyi, esikhathi esingangenyanga.
ILANGA lithole ukuthi ngoLwesithathu kudutshulwe kwabulawa uMnu Vusumuzi Luthuli (62) obehamba namanye amalungu omphakathi belandela umkhondo wezinkomo zabo ezebiwe, kanti ngenyanga edlule kubulawe omunye wesilisa - elingatholakalanga igama lakhe.
UMnu Jocob Luthuli ongumfowabo kamufi, uthi namanje akazi ukuthi bona basinde kanjani ngesikhathi amasela ebahlasela.
Elandisa uthi kwagasela abantu abangaziwa kwabo mhla ka-27 April (Mbasa), banqamula uthango, bazishaqa zonke izinkomo eziwu-12 esibayeni.
Uthi amasela kawangenelanga kubona kuphela, ayehamba eziqoqa izinkomo emizini yabantu njengoba bebaningi abalahlekelwe.
Utshele leli phephandaba ukuthi bebelokhu bebeke indlebe, kwaze kwabakhona obahlebelayo ukuthi umkhondo wezinkomo ukhona, ziseMasibhuzi, okuyindawo eyayiyipulazi labelungu esiphenduke isidleke samasela alusela kusona ehlathini.
Aseze akha umjondolo phakathi emhosheni.
“NgoLwesithathu olwedlule, saqoqana sonke thina esilahlekelwe - cishe sasiwu-20 - sayofuna kula mahlathi aseMasibhuzi.
"Sasihamba ngokwehlukana, singamaqoqo.
"Kuleli qoqo esasikulo nomfowethu, sasiwu-6. Kwathi uma sesizofika kuleli hlathi, uMnu Ndoda Mchunu esasihamba naye, wayithola inkomo yakhe, samyalela ukuba ajike nayo, thina saqhubeka safuna sesiwu-5.
"Sathi singakahambi ibanga elitheni, sabona izinsizwa ezine ziza ngakithina, kwathi uma sekufanele sizedlule, zama zangabuza lutho, zavulela ngenhlamvu zibhekise kithi.
"Umfowethu zamshaye waphelela khona lapho, kwathi omunye esasihamba naye wadubuleka emlenzeni.
"Kwathi uma simemeza, sihlaba umkhosi, sekuza nalaba abanye ababehamba ngamanye amaqoqo, abasolwa babaleka bayongena ehlathini.
"Esasihamba nabo baqhubeka bayofuna ehlathini, bathola eziwu-6 ziboshwe amanqina, mina ngasala ngithi ngizama ukusiza umfowethu kanti sekuvele sekonakale,” kusho uMnu Luthuli.
Uthe umfowabo akayena owokuqala ukudutshulwa ngamasela, ngoba nangenyanga edlule kukhona esinye isidumbu esiphumile kuyo le ndawo, bedutshulwa yibo laba bantu okuthiwa ngabaseShayamoya kade beyothungatha izinkomo zabo.
Uchaze umufi njengumuntu wabantu, obehlakaniphile, ezilimela, ewusizo kakhulu emphakathini futhi ethandwa yibo bonke abantu.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, Lt Colonel Nqobile Gwala, uthe kulesi sigameko kuboshwe umsolwa oneminyaka ewu-17 ubudala.
Uvelile eNkantolo yeMantshi eMtshezi ngoLwesithathu, kodwa icala lahlehliselwa isonto elizayo ukuba ayofaka isicelo sebheyili.