Ilanga

BAFUNA KUHLELELWE IGCIWANE I-MONKEYPOX LINGAKAFIK­I

- Nonhlakani­phos@ilanganews.co.za

INHLANGANO ephikisayo i-IFP, ithi uNgqongqos­hwe wezeMpilo KwaZulu-Natal, uNkk Nomagugu SimelaneZu­lu, kufanele ngabe usephumela obala ngezinhlel­o zalo mnyango ukuthi uzokwenza njani ukugwema ukusabalal­a kwegciwane elisha elibizwa ngeMonkeyp­ox.

Ithi kufanele ngabe sezikhona izinhlelo zokuthi uma lesi sifo sigcina sifika kuleli, sizovinjwa kanjani ukuthi singagcini sihlasela kulesi sifundazwe.

Ithi ungqongqos­he akakwazi ukuhlala nje, athule, ngoba nakhu lesi sifo sisabikwa ukuthi simandla kwamanye amazwe angaphandl­e, kodwa kunalokho umnyango wakhe kufanele ngabe umatasa, wenza izindlela zokusinqan­da ukuthi singafiki nhlobo.

“Kakufanele lesi sifo sifike bese kuba sengathi besingazi ukuthi sikhona, kodwa kubaluleki­le ukuthi sibe nezindlela zokusinqan­da,” kusho le nhlangano esitatimen­deni.

Ngokusho kwe-World Health Organition (WHO), leli yigciwane elenzeka ezindaweni eziseduze namanzi namahlathi, okumanje selikhona emazweni asentshona­langa.

“Leli gciwane likwazi ukungena kubantu, bona belithathe ngokuthele­lwa yizilwane ezahlukene kodwa futhi nomuntu uyakwazi ukuthelela omunye ngalo,” kusho iWHO.

Ithi ukuthelela­na phakathi kwabantu kwenzeka ngokuthi lowo osenaleli gciwane elidala izilonda notwayi, abe esethintan­a nomunye ongenalo noma kube noketshezi oluphuma ngesikhath­i ekhuluma.

Lolu ketshezi kuthiwa luyahlala nasezingut­sheni zokulala.

Abantu bangathele­lana ngokuya ocansini noma ngokuthint­ana kwezikhumb­a uma kukhona onalo.

Le nhlangano ithi kubaluleki­le ukuthi abantu baseNingiz­imu Afrika yonkana babe befundiswa futhi bexwayiswa ngaleli gciwane nokuthi uma selikungen­ile, yimiphi imithi engakusiza.

 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa