Kuzophenywa ngo-R56m wokwakhiwa kwamahhovisi kamasipala
Kuthiwa bekumele kusetshenziswe imali engango-R26 yagcina yeqile kuleyo
USAQHUBEKA umdonsiswano wamandla kumasipala uMuziwabantu, oseHarding, kulandela ukungahlali komhlangano oyisipesheli obubizwe nguSomlomo uMnu Thabani Mbatha, weqembu eliphikisayo i-DA.
Ngokuthola kwaleli phephandaba, ngeledlule uMnu Mbatha, ukhiphe umyalelo wokuthi ubiza umhlangano oyisipesheli, wabe esebeka uhla lwezinto ezizodingidwa, wathi kuzobe sekumiswa nemenenja kulo masipala uMnu Thamsanqa Gumede, okuthiwa lokhu kuyisincomo njengoba sekuqalile ukuphenywa ngokusebenza kwemali kulo masipala.
NgoMgqibelo kuthiwa uMnu Gumede, ube esekhipha umyalelo wokubiza umhlangano oyisipesheli ngoMsombuluko nokuthiwa kudale ukungaboni ngaso linye phakathi kwakhe noMnu Mbatha, njengoba ebekhala ngokuthi kakukho emthethweni ukuthi umenenja angabiza lolu hlobo lomhlangano ebe ekhona.
Lokhu kwenze umhlangano obungo-Msombuluko uphele amakhansela abegcwele e-chamber, esebuka ukuphikisana ngamazwi obekuphakathi kukaMnu Mbatha noMnu Gumede.
Leli phephandaba liyibonile ne-video lapho, elinye lamakhansela bese ligibele phezu kwamatafula nge-zinyawo, kumenyezwana, okwenze umhlangano wagcina ungaphumelelanga.
Kuthiwa ukungaphumeleli kwalo mhlangano kwenze kwanamakhansela akhethe ukuvele angalubhadi emhlanganweni obewubizwe nguSomlomo ngoLwesibili njengoba kuthiwa amakhansela angu-11 e-ANC, kawafikanga.
Kuzokhumbuleka ukuthi lo masipala i-ANC kayikwazanga ukuwuthatha ngezinombolo ezanele nokudingeke ukuthi iwuphathe ngokubambisana namaqembu aphikisayo, kodwa ukungabi bikho kozinzo, kuthiwa kudalwa wuqhekeko olukulaba benhlangano ebusayo, njengoba kuthiwa kabaneme ngokuthi kwagcina kubekwa uMnu Siboniso Zungu kwesobumeya.
UMnu Mbatha, uthe ziningi izingqinamba ababhekene nazo kulo masipala, wathi kodwa lena ebeyenziwa yimenenja ukuba ibize umhlangano singekho isidingo, ubengeke akwazi ukuyivuma.
“Kunemithetho esisebenza ngayo komasipala nokumele ilandelwe. Ngakho-ke kangikwazi ukuvumela umenenja enze ukuthanda kwakhe. Umthetho uyaveza ukuthi kufanele kube yimina obiza umhlangano, uma kunezizathu ezithile ezenza ngingakwazi, sekungaba nguyena obiza umhlangano,” kusho yena.
Uthe uyasola ukuthi imenenja ibone ukuthi phakathi kwezinto ezizodingidwa kulo mhlangano abewubizile bekuzoba wukumiswa kwayo.
“Akekho umuntu olwa naye, ubezomiswa nje ngokwezincomo zabenza uphenyo lwezimali njengoba kwaku-ngumyalelo okhishwe wuMnyango wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu.
"Uphenyo lwezimali kumele lwenzeke engekho ehhovisi njengoba kune-mali engango-R615 000, eyaphuma kwamasipala ikhokhela imisebenzi eseyenziwa kudala," kusho yena.
UMnu Sunnyboy Mzindle, ongusihlalo wekomidi i-MPac, okuyilo elibhekelele ukusebensa kwemali kumasipala nongoweqembu i-EFF, uthe kuyakhathaza indlela izinto ezenzeka ngazo kulo masipala ngoba kugcina sekuphazamiseka nokuyiswa kwentuthuko kubantu.
“Ngokusho kwabaphenyayo, kakuyena yedwa okumele amiswe, kepha kumele kumiswe nalowo owayephethe enye yama-project athile ngoba ungomunye wabantu ababesayina,” kusho yena.
Ngokuthola kweLANGA, uphenyo luzophinde lwenziwe nangemali okwakhiwe ngayo amahhovisi amasha alo masipala, okuthiwa kwakufanele akhiwe ngemali engango-R26 million kodwa agcina akhiwe ngemali enga-ngo-R56 million.
UMnu Zungu, uvumile ukuthi kunezinxushunxushu ababhekene nazo nezenza lungabikhona uzinzo.
Ngokuthola kwaleli phephandaba kulindeleke ukuthi ngomhla ka-30 kwephezulu kuhlale umkhandlu ukuze uphasise isabelo mali salo masipala nokungaziwa ukuthi lowo mhlangano uyogcina uhlalile yini.