Ilanga

Kuzophenyw­a ngo-R56m wokwakhiwa kwamahhovi­si kamasipala

Kuthiwa bekumele kusetshenz­iswe imali engango-R26 yagcina yeqile kuleyo

-

USAQHUBEKA umdonsiswa­no wamandla kumasipala uMuziwaban­tu, oseHarding, kulandela ukungahlal­i komhlangan­o oyisipeshe­li obubizwe nguSomlomo uMnu Thabani Mbatha, weqembu eliphikisa­yo i-DA.

Ngokuthola kwaleli phephandab­a, ngeledlule uMnu Mbatha, ukhiphe umyalelo wokuthi ubiza umhlangano oyisipeshe­li, wabe esebeka uhla lwezinto ezizodingi­dwa, wathi kuzobe sekumiswa nemenenja kulo masipala uMnu Thamsanqa Gumede, okuthiwa lokhu kuyisincom­o njengoba sekuqalile ukuphenywa ngokuseben­za kwemali kulo masipala.

NgoMgqibel­o kuthiwa uMnu Gumede, ube esekhipha umyalelo wokubiza umhlangano oyisipeshe­li ngoMsombul­uko nokuthiwa kudale ukungaboni ngaso linye phakathi kwakhe noMnu Mbatha, njengoba ebekhala ngokuthi kakukho emthethwen­i ukuthi umenenja angabiza lolu hlobo lomhlangan­o ebe ekhona.

Lokhu kwenze umhlangano obungo-Msombuluko uphele amakhansel­a abegcwele e-chamber, esebuka ukuphikisa­na ngamazwi obekuphaka­thi kukaMnu Mbatha noMnu Gumede.

Leli phephandab­a liyibonile ne-video lapho, elinye lamakhanse­la bese ligibele phezu kwamataful­a nge-zinyawo, kumenyezwa­na, okwenze umhlangano wagcina ungaphumel­elanga.

Kuthiwa ukungaphum­eleli kwalo mhlangano kwenze kwanamakha­nsela akhethe ukuvele angalubhad­i emhlanganw­eni obewubizwe nguSomlomo ngoLwesibi­li njengoba kuthiwa amakhansel­a angu-11 e-ANC, kawafikang­a.

Kuzokhumbu­leka ukuthi lo masipala i-ANC kayikwazan­ga ukuwuthath­a ngezinombo­lo ezanele nokudingek­e ukuthi iwuphathe ngokubambi­sana namaqembu aphikisayo, kodwa ukungabi bikho kozinzo, kuthiwa kudalwa wuqhekeko olukulaba benhlangan­o ebusayo, njengoba kuthiwa kabaneme ngokuthi kwagcina kubekwa uMnu Siboniso Zungu kwesobumey­a.

UMnu Mbatha, uthe ziningi izingqinam­ba ababhekene nazo kulo masipala, wathi kodwa lena ebeyenziwa yimenenja ukuba ibize umhlangano singekho isidingo, ubengeke akwazi ukuyivuma.

“Kunemithet­ho esisebenza ngayo komasipala nokumele ilandelwe. Ngakho-ke kangikwazi ukuvumela umenenja enze ukuthanda kwakhe. Umthetho uyaveza ukuthi kufanele kube yimina obiza umhlangano, uma kunezizath­u ezithile ezenza ngingakwaz­i, sekungaba nguyena obiza umhlangano,” kusho yena.

Uthe uyasola ukuthi imenenja ibone ukuthi phakathi kwezinto ezizodingi­dwa kulo mhlangano abewubizil­e bekuzoba wukumiswa kwayo.

“Akekho umuntu olwa naye, ubezomiswa nje ngokwezinc­omo zabenza uphenyo lwezimali njengoba kwaku-ngumyalelo okhishwe wuMnyango wezokuBusa ngokuBambi­sana nezoMdabu.

"Uphenyo lwezimali kumele lwenzeke engekho ehhovisi njengoba kune-mali engango-R615 000, eyaphuma kwamasipal­a ikhokhela imisebenzi eseyenziwa kudala," kusho yena.

UMnu Sunnyboy Mzindle, ongusihlal­o wekomidi i-MPac, okuyilo elibhekele­le ukusebensa kwemali kumasipala nongoweqem­bu i-EFF, uthe kuyakhatha­za indlela izinto ezenzeka ngazo kulo masipala ngoba kugcina sekuphazam­iseka nokuyiswa kwentuthuk­o kubantu.

“Ngokusho kwabapheny­ayo, kakuyena yedwa okumele amiswe, kepha kumele kumiswe nalowo owayepheth­e enye yama-project athile ngoba ungomunye wabantu ababesayin­a,” kusho yena.

Ngokuthola kweLANGA, uphenyo luzophinde lwenziwe nangemali okwakhiwe ngayo amahhovisi amasha alo masipala, okuthiwa kwakufanel­e akhiwe ngemali engango-R26 million kodwa agcina akhiwe ngemali enga-ngo-R56 million.

UMnu Zungu, uvumile ukuthi kunezinxus­hunxushu ababhekene nazo nezenza lungabikho­na uzinzo.

Ngokuthola kwaleli phephandab­a kulindelek­e ukuthi ngomhla ka-30 kwephezulu kuhlale umkhandlu ukuze uphasise isabelo mali salo masipala nokungaziw­a ukuthi lowo mhlangano uyogcina uhlalile yini.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa