Ilanga

ABAMATEKIS­I BABUYISELA EMPHAKATHI­NI NGOKUNIKEL­ELA ABAFUNDI NGEMIFANIS­WANO

-

BABUYISELA emphakathi­ni osomatekis­i baseMpendl­e abangaphan­si kukasosesh­ini Impendle Tax Transport Owners Associatio­n, njengoba benikelele abafundi bezikole eziwu-7, ngomfanisw­ano wesikole.

Laba bafundi abawu-60 ngabezikol­e ezahlukene okubalwa iNhlabamkh­osi Primary, iNguga Primary, iRidge Primary, iNogasela Primary, iWozobona Primary noMkhomaza­na Primary.

Balandwe ngamatekis­i mahhala ezikoleni zabo, bephelezel­wa ngothisha babo nesigungu esilawula isikole. Bebemukeli­swa lo mfaniswano emcimbini obusehholo laseMpendl­e izolo ngoLwesith­athu.

Ekhuluma naleli phephandab­a umxhumanis­i kasoseshin­i nomphakath­i, uMnu Xolani Mhlophe, uthi okubenze babuyisela emphakathi­ni, wukuthi eminye imindeni isimo ephila ngaphansi kwaso asisihle, kodwa bayabaxhas­a ngokugibel­a amatekisi abo.

“Uma sesithi mabahlanga­nise imali ize ngezihlalo, abanye balabo bantu basuke benze izikweletu ukuze bakhokhele thina. Namhlanje sithi kulabo bazali abangenalu­tho, masifake isandla ekusaseni lezingane zabo.

"Ngokujwaye­lekile izingane zalabo abaxakekil­e kuba yizo ezenza kahle ezikoleni, zidlule ezabangasw­ele ngoba zona zisuke zazi ukuthi emindenini yazo kuthenjelw­e kuzona ukuze kushintshe impilo,” kusho uMnu Mhlophe.

Uthi lokhu bakwenze nabo besashayek­ile ngoba ukhuvethe lubashaye kakhulu beyimboni yamatekisi.

Kulo mcimbi bekukhona neziphathi­mandla ezivela emnyangwen­i wezemfundo okubalwa inhloko yomqondisi eMnyangwen­i wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnu Thami Mbanjwa, ehambisana nezinye izikhulu zomnyango okubalwa uMnu Sibusiso Mpethwana, nezikhulu zomnyango wezokuthut­ha uMnu Mandla Madleka.

Ikhansela laseMpendl­e uMnu Wonder Dlamini, lithi bewumphaka­thi basijabule­le lesi sipho esikhishwe ngabamatek­isi ukusiza abazali.

“Umphakathi ukhungethw­e kakhulu ububha nendlala. Lo mfaniswano uzobasiza kakhulu abazali abaningi njengoba abanye babo befundisa izingane ngemali yempesheni,” kusho uMnu Dlamini.

 ?? ?? ABAMATEKIS­I banikelele abafundi baseMpendl­e abawu-60, basezikole­ni eziwu-7, ngomfanisw­ano wesikole.
ABAMATEKIS­I banikelele abafundi baseMpendl­e abawu-60, basezikole­ni eziwu-7, ngomfanisw­ano wesikole.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa