Ilanga

Kumele wenze kube lula ukuthi amabhizini­si atshale imali aphinde aqashe abantu

-

ENYE yezinkinga engihlanga­bezana nazo uma ngixoxa nabalingan­i kuhulumeni, izinyunyan­a nezinhlang­ano ezingayenz­i inzuzo, yindlela ababuka ngayo abamabhizi­nisi - njengenhla­ngano eyodwa abangaxoxi­sana nayo.

Ngiyakuqon­da okwenza lokhu sijwayele ukucabanga ukuthi “izinyunyan­a” kanjalo “nabamabhiz­inisi” bayasebenz­isana emiphakath­ini yethu.

Lokho kusenza sicabange ukuthi singaxoxis­ana nabo ukushintsh­a indlela abenza ngayo.

Uma kukhulunyw­a ngamabhizi­nisi, lokhu kakulona iqiniso. Sonke sisebhizin­isini ngoba sihwebelan­a ngesikhath­i noma ngempahla yethu nabanye.

Ngesinye isikhathi siyazihlan­ganisa sibe yizinkampa­ni ukuze senze lokho. Kunezinkul­ungwane zezinkampa­ni, iningi lazo ziyaqhudel­ana zizodwa.

Zinezinjon­go eziningi ezihlukahl­ukene - ezinye zinabanika­zi bazo kuphela, ezinye zingabaqas­hi abakhulu, ezinye zisafufusa, ezinye yizikhondl­akhondla ezisebenze­la emazweni ahlukene.

Kwesinye isikhathi amanye ala mabhizinis­i ayazihlela, abe yizinhlang­ano ezikwazi ukuwamela ezinkundle­ni ezithile.

IBusiness Leadership South Africa (iBLSA), ingenye yalezo zinhlangan­o - amalungu ethu ayasebenzi­sana ukuxoxisan­a nabanye ukuthi ingathuthu­kiswa kanjani indawo okusetshen­zelwa kuyona ukuze umnotho uthele izithelo ezizohlomu­lisa izwe.

Amalungu ethu asayina inkontilek­a neNingizim­u Afrika, ukwandisa amathuba okuphumele­la kubona bonke abantu. Amalungu ethu ayingxenye enkulu yomnotho, aqasha izigidi zabantu.

Nakuba sihambisan­a ngesifisa ukukubona ezweni, kodwa kasiyona inhlangano eyodwa engabizwa ngokuthi “ibhizinisi”. Kayikho into enjalo.

Lokhu kubaluleki­le ngoba kunombono othi, amabhizini­si “mawasondel­e”, adele okuthile ukuze kufezeke injongo yenqubomgo­mo ethile, njengokuts­halwa kwemali noma ukwandisa abantu ababaqashi­le.

Le ndlela yokucabang­a kayihlanga­ni – “abamabhizi­nisi” ngeke bazibophez­ele kulezi zinjongo. Inkampani ngayodwa engasayina isivumelwa­no esinjalo.

Uhulumeni ungasayina futhi uyasayina izivumelwa­no nezinkampa­ni ngaso sonke isikhathi ukuze wenzelwe umsebenzi othile noma uthole izimpahla ezithile.

Ngeke uthembele ekutheni uzongena esivumelwa­neni esikanjena nawo wonke amabhizini­si ngendlela efanayo - kayikho into enjalo.

Yingakho ababhekene nenqubomgo­mo kufanele bagxile ekubhekeni ukuthi imigomo yabo inamthelel­a muni endleleni okusebenze­ka ngayo. Yiyona ndlela othola ngayo into oyifunayo kwabamabhi­zinisi.

Ucwaningo lwezomnoth­o luyakuveza ukuthi imithetho enhlobonhl­obo inamiphi imiphumela. Uma ufuna abamabhizi­nisi bakhule, baqashe abanye abantu futhi batshale imali, kumele kube nenzuzo nakubona.

Kakuwona wonke amabhizini­si abheke inzuzo, kodwa kalikho ibhizinisi elingalokh­u limile kodwa libe lilahlekel­wa yimali. Akekho umuntu osebhizini­sini noma ongaphandl­e kwalo ongafaka imali yakhe engozini ngaphandle kwesizathu esiqinile sokuthi uzothola inzuzo.

Uhulumeni kumele uhlale uzibuza ukuthi le ndawo ibukeka kanjani kosomabhiz­inisi abacabanga ukufaka imali yabo engozini?

Yiziphi izinto ezenza usomabhizi­nisi angabi naso isiqinisek­o sokuthi lena yindawo angakwazi ukufaka imali yakhe engozini ngayo?

Ngabe izindleko zokusebenz­a, njengokuth­ola izimpahla, ukufinyele­la emachweben­i, ukuthola i-internet zinomthele­la onjani ekwenzeni kwabo inzuzo?

Izindleko zokuqasha abantu zinamthele­la muni ekufuneni kwabo ukuqasha abantu? Hhayi izindleko ngemiholo kuphela, kodwa nezindleko ezifana nentela, imidanti yomNyango weziSebenz­i neminye imicikilis­ho.

Izimpendul­o zale mibuzo zingawusiz­a uhulumeni ubone okungenziw­a ukuze uthole okufunayo.

Kube khona eminye imisebenzi esezingeni elifanele nokukhula komnotho okusheshay­o okwehlisa nobubha, kumele uhulumeni wenze kube lula ukuthi amabhizini­si atshale imali aphinde aqashe abantu.

Kumele wenze ucwaningo ukuze uqonde umthelela wezinqumo zenqubomgo­mo ezihlukahl­ukene, ulalele uphinde ufunde kulabo abasekhale­ni lwalokhu.

I-BLSA izibopheze­le ekwesekeni uhulumeni. Singaseben­zisa imibono yamalungu ethu njengabats­hali nabaqashi abakhulu ukuze sisize abanye ababambe iqhaza baqonde ukuthi le mibandela ibathinta kanjani.

Sisebenza nangezinhl­elo ezihlukahl­ukene ezinjengeB­usiness Against Crime neTamdev, ukuze seseke umphakathi ngezinsiza­kusebenza zethu.

Ngiyazi ukuthi sinobudlel­wano obuhle nabaningi abakuhulum­eni futhi sinezinjon­go ezifanayo ngesifuna ukukubona kwenzeka ezweni lethu.

Ukuze kwenzeke lokhu esikufisay­o, kumele sigxile kokubalule­kile; indawo abamabhizi­nisi abasebenze­la kuyona esiyakhayo.

Ngokwe-SMME Quarterly Update ye-Small Enterprise Developmen­t Agency, amabhizini­si asafufusa aqashe abantu abawu-9,8 million ngoMasinga­na (January) kuya kuNdasa (March) wango2021.

Lowo wu-64% wabo abaqashiwe emnothweni. Yingakho le mboni yaziwa njengenjin­i yokwakhiwa kwamathuba omsebenzi. Lo mbiko uveze ukuthi kunamabhiz­inisi asafufusa awu-2,33 million

eNingizimu Afrika. Awucabange nje ukuba wonke ayakwazi ukuqasha omunye umuntu oyedwa kungaba khona imisebenzi ewu1,3 million.

I-Mining Indaba icacise into eyodwa: UNgqongqos­he wezokuMbiw­a Phansi naMandla, uMnu uGwede Mantashe, unohlu lwezinto okumele azenze ngokushesh­a.

Kumele silungise ukungaqond­akali kweminye imithetho okukade kwaba khona nezinto ezivimbile.

NgokweMine­rals Council, kunezimvum­e zezimayini eziwu-4 500 ezingakhis­hiwe.

Uma izimayini zingakwazi ukuhlola zibheke okumbiwa phansi, ziwumkhakh­a oshonelwa yilanga futhi ozogcina ungasasele nalutho, okuzobhebh­ezela ukwentulek­a kwemiseben­zi nesimo esibi emnothweni.

UNkz Mavuso uyisikhulu esiphezulu seBLSA.

 ?? ?? UNGQONGQOS­HE wezokuMbiw­a Phansi naMandla, uMnu uGwede Mantashe okuthiwa kumela alungise ukungaqond­akali kweminye imithetho embonini.
UNGQONGQOS­HE wezokuMbiw­a Phansi naMandla, uMnu uGwede Mantashe okuthiwa kumela alungise ukungaqond­akali kweminye imithetho embonini.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa