Ilanga

UBUHOLI BUKAMASIPA­LA WETHEKU MABUSUKUME­LE IMIGWAQO

- Thulani Mahlobo ETHEKWINI

MHLELI: Ngiyafisa ukuba abaholi bakaMasipa­la weTheku (abaholwa nguMnu Mxolisi Kaunda - oyimeya) bayisukume­le eyokulungi­swa kwemigwaqo engenela kuleli dolobha, ikakhuluka­zi uM4 lo obheke ngaseMlazi.

Lo mgwaqo sewonakele ngendlela exakile yizigojana ezizogcina zidala izingozi.

Kuba ngcono uma usetshenzi­swa yilaba vele asebewujwa­yele, abaziyo ukuthi mubi kakhulu kuziphi izindawo.

Uma ungazazi lezi zigojana, ungagcina sewuphonse­ka kuzona, uqhunyelwe ngamathayi kumbe ushayise ezinye izimoto ngoba uzama ukuvika ukungena kuzona.

Okubi ngazo wukuthi zikuthelaw­ayeka njengoba lo mgwaqo kuyiwona osebenza kakhulu uma uphuma eThekwini, ubheke eningizimu.

Kalupheli-ke kulo mgwaqo usizi lwabashaye­li njengoba noma sewungena kuN2, ubingelelw­a yinkinga efanayo.

Ngeke ngethuke uma lobu bubi bomgwaqo obunezelwe nayizimvul­a ezinamandl­a zakamuva, bungaficwa ngezehlobo elizayo ngoba abaholi bethu intuthuko bayihambis­a ngonyawo lonwabu.

Bamandla ekunyamala­leni ngokushesh­a kwemali esuke ikhishelwe ukusiza umphakathi njengoba kwenzekile ngesikhath­i kubheduka iCovid-19 eNingizimu Afrika ngo-2020.

Siyanxusa ukuba bavukwe wunembeza kulokhu, imali ekhishwe ngenxa yenhlekele­le yezikhukhu­la, isebenze ukulungisa ingqalasiz­inda nokusiza labo abagugulek­elwa yimizi yabo ukubathole­la izindawo eziphephil­e ukwakha kuzona.

Sekujwayel­ekile ukuzwa abantu bakithi abampishol­o bethi kwakungcon­o le lizwe lisabuswa ngabamhlop­he.

Uma bengashint­shi ukwenza abanikwe ukuhola leli zwe, eminyakeni engemingak­i ezayo, sizolibuyi­sela kwabamhlop­he ngevoti ngoba sengathi impilo isengcono namanje lapho kulawula khona amaqembu asaphethwe yibona (abamhlophe).

 ?? ?? UMFUNDI unxusa ubuholi bukaMasipa­la weTheku obuholwa nguMnu Mxolisi Kaunda (osesithomb­eni) ukuba bulungise imigwaqo engela edolobheni iTheku.
UMFUNDI unxusa ubuholi bukaMasipa­la weTheku obuholwa nguMnu Mxolisi Kaunda (osesithomb­eni) ukuba bulungise imigwaqo engela edolobheni iTheku.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa