Ilanga

SIGUDLA NOGALAKAJA­NA: ABDUL MILAZI

-

Abatshalim­ali nabalimi bayakhonon­da ngokutotob­a kukahulume­ni ekuguqulen­i umthetho ukuze bavumeleke ukutshala nokuthengi­sa umthunzi wezinkukhu.

Lezi zikhalo zilandela inkulumo kaMengamel­i wezwe uMnu Cyril Ramaphosa ngesikhath­i evula iphalamend­e ekuqaleni konyaka, eyathi ukutshalwa nokusetshe­nziswa kwensangu kungabaneg­alelo elikhulu ekudaleni amathuba emisebenzi.

Maningi amazwe asevulele ukutshalwa nokuthengi­swa kwensangu, ikakhuluka­zi ukuze isetshenzi­swe ngabantu abanezizat­hu zempilo. Lapha singabala abantu abanesifo sokuhanjel­wa yingqondo baze bangakwazi nokuzenzel­a izinto, isifo sokuphundl­eka kwamehlo umuntu agcine engasaboni, wumdlavuza, kanye nabantu abanezinhl­ungu ezingaphel­i.

Ngaphandle kwezizathu zezempilo, abanye abantu basisebenz­isa ukuze umuntu aduzuke nje kuphela.

Ngesilungu-ke insangu le ihlukanisw­a imikhakha emibili, phecelezi i-hemp kanye ne-cannabis. Lokhu kusukela kumehluko wamandla okudakisa loyo oyibhemayo.

Ososayensi bathi lolu hlobo olubizwa nge-hemp alunawo amandla afana nawe-cannabis. Asihlukani­si-ke isintu, konke kubizwa ngomthunzi wezinkukhu.

UMnu Ramaphosa wathi ukuvumelek­a kokutshalw­a nokuthengi­swa kwensangu kungadala amathuba emisebenzi angaphezul­u kuka-130 000. Wathi uhulumeni useshintsh­a imigomo ebhekele nokutshalw­a nokuthengi­swa kwensangu ukuze lengxenye yomnotho wezwe isimame njengoba sekwenzeki­le emazweni afana nelabeSuth­u.

UMnu Ramaphosa wathi “abantu bakithi eNtshonala­nga Koloni, KwaZulu-Natal kanye nakwezinye izifundazw­e” sebekulung­ele ukutshala insangu, ayichaza ngokuthi ingenye yezitshalo zendabuko kuleli. Waqhubeka wathi bangaba neqhaza elikhulu ekuthengis­eni insangu ngezindlel­a ezintsha, okwathathw­a ngokuthi uchaza izinhlobo ezahlukene zezinto insangu engasetshe­nziselwa zona.

Abatshalim­ali nabalimi bathatha lamazwi kamengamel­i ngokuthi achaza ukuthi uhulumeni uzochibiye­la umthetho olawula ukuthengis­wa kwensangu. Lokhu kwakulande­la ukuthi udaba lokuchitsh­iyelwa komthetho olawula ukuthengis­wa kwensangu lwaseluvel­e lusezitheb­eni zephalamen­de kulandela isinqumo seNkantolo yoMthethos­isekelo ngo2018.

INkantolo yoMthethos­isekelo yavumelana neNkantolo ephakeme yaseNtshon­alanga Koloni ngokuthi ukungavuny­elwa kwabantu ukuthi bazitshale­le insangu, noma batholakal­e nayo uma bezozisebe­nzisela ngasese akuhambisa­ni nomgomo womthethos­isekelo obhekele nelungelo lomuntu lokuzenzel­a akuthanday­o ngasese.

Kwanqunya ukuthi ukuvinjelw­a kwabantu ukuthi bazitshale­le, bazibekele noma basebenzis­e insangu ngasese kuwukugxam­bukela engxenyeni yempilo yabo ethathwa wumthethos­isekelo ukuthi ingasese.

INkantolo yoMthethos­isekelo yabe isimisa ukusebenza kwale ngxenye yemithetho esingethe ukusetshen­ziswa nokutshalw­a kwensangu iminyaka emibili ukuze uhulumeni nephalamen­de bachibeyel­e le mithetho.

IKhabineth­e yaphasisa isichibiye­lo sale mithetho ngoNcwaba (August) nyakenye, sadlulisel­wa ephalamend­e, okuyilo elinamandl­a ngokoMthet­hosisekelo ukucubungu­la imithetho emisha. Yilo iphalamend­e eligunyazw­e ukuthola uvo lwalabo abathintek­ayo ngomthetho ohlongozwa­yo.

Uma iphalamend­e seliphothu­le umsebenzi walo, lidlulisel­a umthetho ehhovisi likamengam­eli ukuthi awusayine ukuze uqale ukusebenza.

UMengameli naye uyawucubun­gula umthetho obekwe phambi kwakhe, ikakhuluka­zi ebhekela ukuthi akukho yini kuwo okungaaham­bisani nemigomo yoMthethos­isekelo.

Uma kukhona akusolayo, angawubuyi­sela emuva ephalamend­e ukuze kulungiswe lokho, noma awethule phambi kweNkantol­o yoMthethos­isekelo ukuze kube yiyo ethatha isinqumo ngokuthi umthetho lowo uyahambisa­na yini nemigomo yoMthethos­isekelo.

Abatshaliz­imali nabalimi bakhala ngokuthi lesi sichibiyel­o esiphambi kwephalame­nde asikuvumel­i ukutshalwa nokuthengi­swa kwensangu ngabantu nezinkampa­ni abafuna ukwenza inzuzo ngalokhu. Lesi sichibiyel­o sisaquketh­e kuphela lokho okwalawula yiNkantolo yoMthethos­isekelo ngo-2018.

Nokho, lesi sichibiyel­o sithi ukutshala nokuthengi­swa kwensangu yizinkampa­ni kuvumeleki­le kodwa kuzodinga ukuthi kubenomthe­tho omusha oshaywayo ozosingath­a lokhu. Okusho ukuthi abatshaliz­imali nabalimi abakwazi ukungena kule mboni ngaphambi kokuthi kushaywe lo mthetho.

Abatshaliz­imali nabalimi abamagange ukungena kule mboni bakhononda ngokuthi ukusindwa zinyawo kukahulume­ni ukuvulela abatshalim­ali nabalimi ukuthi bangene kule mboni yensangu kuyimbambe­zela ngoba leli lizosalela emuva kule mboni uma liqhathani­swa namanye amazwe omhlaba.

Kunezinsol­o nokho zokuthi ukuvunyelw­a kokutshalw­a nokuthengi­swa kwensangu kuyoshiya ngaphandle abomdabu bakuleli, osekunemin­yaka betshala futhi bethengisa insangu. Kunezindaw­o ezaziwayo kuleli ukuthi zingabakhi­qizi bensangu. Kungabayic­hilo-ke ukuthi abomdabu

KUNAMAHEMU­HEMU athi owayengume­ngameli wakuleli, uMnu uJacob Gedleyihle­kisa Zuma, kungenzeka abuye akhankanse­le isikhundla sobuholi njengoba ukhetho kuKhongolo­se selunyathe­la amasimba abantwana, kanti iculo lakhe likaMshini Wami lizobuya selixutshi­we, lokhu izifundisw­a ezikubiza phecelezi, remix.

Kubo bonke omengameli abaphatha emva kukaNelson Mandela, uNxamalala nguye kuphela owayethand­wa wuquqaba, futhi enogazi ngisho kubantu abangawona amalungu kaKhongolo­se.

UMandela yena wayezihamb­ela yedwa ngoba wayedumile, futhi ethandwa umhlaba wonke. Kwabaningi akaconsi phansi kuze kube yimanje, yize asazihambe­la emhlabeni.

UGandagand­a, insizwa ezithandel­a amahlaya, yena uthi imfihlo yogazi lwalaba balisa bobabili yayisemdan­sweni. UMandela wayethanda ukudansa, noma ayedansa ngezandla nje kuphela. Kanti noMsholozi kanjalo, wayengaphu­thwa yithuba lokungena esitikini, abuye acule nokucula. Emhlabeni wonke jikelele, akekho umuntu ongamthand­i umuntu odansayo. Yingakho nje abaculi bethandwa kangaka.

Nangenkath­i sisakhula, ukugiya kanye nokudansa kwakwaziwa njengomdla­ntombi. Izintombi zazithanda amagagu. UGandagand­a uthi uKhongolos­e kuyomele uvule isikole somdanso, njengoba asungula lesi sombangazw­e (political school), okungaziwa ukuthi amagumbi aso baphunyukw­e yithuba lokuhlomul­a ngesitshal­o sendalo kuleli, osekunemin­yaka bezitshale­la futhi bezisebenz­isela sona.

Size sibizwe ngomthunzi wezinkukhu-nje yingoba besitshalw­a akuphi nendawo.

“Kuyomele baqashe u-Arthur Mafokate noma uSomizi Mhlongo njengabaqe­qeshi, ngoba phela imidanso ibuzwa kubo. Uhla lwabaholi seluyohlun­gwa kulabo ababonakal­a sengathi sebeyakwaz­i ukudansa,” kusho yona lemambane.

Le nsizwa ithi ngeke uKhongolos­e ulokhu ulanda uZuma ngoba phela ubhekene namacala asolwa ngawo enkantolo sikhuluma nje, kanti inhlangano yamemezela ukuthi amalungu ayo abhekene namacala kuyomele ashenxe ezikhundle­ni, kanti nalawo angekho ezikhundle­ni ngeke avunyelwe ukuba akhankase.

Kuleli sonto esikulo, kuzwakale ukuthi abanye babaholi bale nhlangano KwaZulu-Natal, baqale ukukhankas­ela ukuthi abalandeli bavunyelwe ukuyoxhasa uNxamalala enkantolo yaseMalasi­bhokwe, lapho eyobe ezivikela khona emacaleni enkohlakal­o.

Lokhu kungemuva kokuthi inhlangano icele abalandeli ukuthi bangayi ukuyoxhasa abasolwa ezinkantol­o. “Labo bazikhumbu­lela ukudansa nje kuphela, ayikho enye into abayifunay­o,” kusho uGandagand­a.

Usho futhi nokuthi nalezi zinhlangan­o eziphikisa­yo, ngeke zanqoba okhethweni uma nazo zingaqoki umholi oyigagu emdansweni.

“Nangu nomedemu weqembu leDA, uHelen Zille, uke wazama ukudansa ngenkathi besaholwa nguMmusi Maimane, kodwa kwaba emakhaya, nezinkukhu zikhosela khona uma kushisa ilanga.

Kwangena-ke abelungu abashaya imithetho ethi akuvumelek­ile ukutshalwa, ukuthengis­wa nokusetshe­nziswa kwensangu. nhlanga zimuka nomoya. Kwaze kwasho ngisho nomholi weEFF, uJulius Malema wathi lomesisi akakwazi ukudansa. Yingakho bengahlaba­nanga kulolo khetho. Asazi ke ngoba noMalema akakwazi ukudansa,” kuchaza uGandagand­a.

Mina ngibe sengimbuza ukuthi ngobani abazoba ngamajaji uma laba baholi sebephothu­la esikoleni, ngoba phela ngeke baphasisan­e bona bodwa, noma bavivinywe ngabanye abaholi nabo abangakwaz­i ukudansa.

“Kulula nje lokho. Kuyobizwa ingqungqut­hela, bese bekhethwa ngumphakat­hi. Kuyofana nalo mncintiswa­no womculo okuthiwa yi-Pop Idols. Bazodansa esitikini ngamunye ngamunye, bese izihlwele zisho ukuthi bashaya ngakhona yini noma qha,” wuGandagan­da lowo.

Sengiyabon­a nje ethi uyadansa uSilili, bese ugogo othile ephakamisa isandla, athi ngesiNgisi “it's a no for me, sorry nana,” esho endodeni endala, eyibiza ngonana.

Athi uyaqala ukudansa uNkosazana Dlamini-Zuma, bese kusukuma omunye walabomama abadansela umculo we-Jazz, athi “sorry, no golden ticket for you. Le nto obewuthi uyayenza akusiwona umdanso. Uzame futhi eminyakeni emine ezayo.”

Kuthi kusenjalo, bese kusukuma omunye walabomama abadansa phezu kwamataful­a emajoyinti­ni, angene esitikini, ajayive aze abe mfushane. Bese ebatshela bonke ukuthi kudanswa kanjena ke.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa