Ilanga

UKHISHIWE KWESE-KZNA UMATHANGA

- MZWAMANDLA ZONDI

UMBULELI Mathanga (osesithomb­eni), uhoxisiwe eqenjini leKwaZulu-Natal Athletics (KZNA) eliya kwi-Athletics South Africa (ASA) Half Marathon ezokuba ngomhla ka-4 kwezokweth­wasa eGqeberha, e-Eastern Cape.

Inhloso yokuhoxisw­a kwalo msubathi wukumsiza ukuba agxile kahle ekucijelen­i i-African Track & Field Championsh­ips ezokuba ngomhla ka-8 kuya ku-14 kuNhlangul­ana (June), eMauritius.

UMathanga ungomunye wabasubath­i abebebhekw­e ngabomvu ukwenza kahle kwi-ASA Half Marathon ngenxa yokuba sefomini enhle kwakhe kulezi zinsuku.

Lo msubathi uqale ukuvelela kwezokugij­ima eNingizimu Afrika ngo-2019, kodwa amagalelo akhe agqitshwa wukubheduk­a kweCovid-19. Ukungabi yingxenye kweqembu leKZNA kukaMathan­ga, kuqiniseki­swe ngumqeqesh­i wakhe, uMdu Khumalo.

“Kuyiqiniso ukuthi uMathanga ngeke abeyingxen­ye yeKZNA eya kwiSA Half Marathon. Sihlele ukuba aye kwi-track & field eMauritius ukuze abhekane nezingwazi zase-Afrika.

"Sekukaning­i lo msubathi eqokelwa eqenjini lesizwe agcine engahamban­ga. Ube nebhadi ifomu yafika ngesikhath­i seCovid-19.

“Kuningi asekuzuzel­e isifundazw­e, manje sekufanele azibonakal­ise uma esebhekene nabasubath­i base-Afrika.

"Lo mjaho uzomsiza kakhulu ukuzibona ukuthi ukuliphi izinga.

"Ngifuna aye kuwona eqatha ngokwanele kungekho mjaho abuya kuwona.

"Nginethemb­a lokuthi uzokwazi ukwenza ngcono isikhathi sakhe esiwu-28:03 kwi-10 000m,” kusho uKhumalo.

Lo msubathi ungene eqenjini lesifundaz­we emuva kokwenza kahle kwi-track & field yakamuva eCape Town.

Unqoba eCape Town nje, nanyakenye wenza okufanayo edla ubhedu kwi-10 000m nakwi-5000m ngokwehluk­ana.

Kulo mjaho waseGqeber­ha, iKZNA ithumele abasubathi abawu-8 kanti phakathi kwabo kukhona uJenet Mbhele ozokube ehambisana nozakwabo kwiXcel, uZinhle Shabalala.

Kwabesilis­a iKZNA izogadla ngoSiyabon­ga Nkonde, uBonginkos­i Zwane - okubhekwe ukuba baphakamis­e ifulegi lesifundaz­we.

Selilonke iqembu lesifundaz­we eliya kwi-ASA Half Marathon Championsh­ips lididiyelw­e kanje: UJenet Mbhele, uZinhle Shabalala, uJannie Grundling, u-Adam Lipschitz, uSiyabonga Nkonde, uTshiamo Maribe, uPakiso Mthembu noBonginko­si Zwane.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa