Ilanga

UMJAHO WOKULUNGIS­ELELA I-COMRADES MARATHON ONDINI

- MZWAMANDLA ZONDI

ULUNDI Striders luhlele iComrades Marathon Charity Training Run ezokuba ngomhla ka-3 kuNtulikaz­i (July), oNdini.

Lo mjaho ngowokuzil­ungiselela iComrades Marathon nokusiza ukuthengel­a abasubathi baseZulula­nd abangaphez­ulu kuka-20 amateki okugijima.

Kuzogijiny­wa u-15km, u-30km no-60km kanti lo mjaho uzokube ungenelwe ngabasubat­hi abaningi abahlonish­wayo eNingizimu Afrika.

Phakathi kwabo kukhona uNkosikhon­a Mhlakwana obhekwe ukwenza kahle kwiComrade­s Marathon yanonyaka, umqeqeshi wakhe uProdigal Khumalo, uMartin Ngwenya weMaxed Elite, uNkosinath­i Duma, uMdu Khumalo wePhantane ukubala nje abambalwa.

“Kubuhlungu ukuhlangan­a nomsubathi egijima ngeteku obona kahle ukuthi kuyefana nokuthi uhamba ngezinyawo Sizozamela bona amateki nokusiza abaya kwiComrade­s ukuzilungi­selela ngoba kubaluleki­le ukuba ifike sisesimeni esikahle. Ngijabule kakhulu ukuthola lezi zingwazi ezifana noKhumalo, uMhlakwana, uMthoko Khuzwayo, uNgwenya nabanye,” kusho uMoses Gazu woLundi Striders.

Uthi iPhantane imthembise ukuthi izofika nabo bonke abasubathi bayo bamabanga amade ukuzomesek­a.

Uthi noXolani Mabhida uzokube eyingxenye yayo kanti umsubathi ongakabuye­li kubona, nguBongumu­sa Mthembu.

Lo mjaho uzosukela eShell Garage uma ungena oNdini, ukhuphuke uwele umfula iMfolozi, ubuye nge-19 ubheke egalaji. Abenza u-60km bazophinda kabili.

Uphethe ngokubonga uMasipala uLundi ngokubaxha­sa ngetende, ihholo okuzolala kulona abagijimi nokunye, wabonga i-Oasis yasoNdini ebaxhase ngamanzi, i-Orange Grove, i-Aquelle, i-3838 Shisanyama, iVikamana Guesthouse, iGazu Legacy ukubala nje abambalwa.

UGazu uphethe ngokuthi umjaho ohlelwa yikilabhu yabo nonyaka, uzokuba ngomhla ka-13 kuLwezi (November).

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa