Ilanga

KUPHELILE UKUQAGELA NGEKUSASA LOMQEQESHI WO-SUTHU

-

UWUNIKWE ngokuphele­le umsebenzi wokuqeqesh­a AmaZulu FC uBrandon Truter (osesithomb­eni) yize esonge isizini ngenothi eliphansi ezakhe ziguqiswa esibayeni sazo, iMoses Mabhida Stadium ngomkhaya iLamontvil­le Golden Arrows ngo-2-1 ngoLwesibi­li ntambama.

UTruter ulandwe sekusele imidlalo eyisikhomb­isa kuqedwe isizini ngemuva kokuxoshwa kukaBenni McCarthy.

Unqobe emibili, wadlala emine ngokulinga­na, wahlulwa kanye.

Le miphumela iwelise ngelibanzi AmaZulu FC njengoba ezogijima kwiMTN 8 ngesizini ezayo.

Ekhuluma nabezindab­a ngemuva komdlalo ne-Arrows, ubukeke engatsheng­isi ukuthi ungumuntu ohlafuna ejeqeza kwazise bekungenze­ka itoho limphelele.

USandile Zungu ongumengam­eli woSuthu, ukuqinisek­isile ukuthi uTruter uzokube elolonga le kilabhu ngesizini ezayo. Uthe bamnike ngokugcwel­e lo msebenzi ngemuva kokwenza kahle kule midlalo abebanjisw­e yona.

“Uma ubheka imiphumela nendlela izinto ezihambe ngayo, noma yimuphi umqeqeshi angaba nalo iqholo lokuthi wenze kahle, kodwa kangizisha­yi isifuba. Kubathathe isikhashan­a abadlali bami ukujwayela isitayela sami, kodwa ngeke ngibasole ngoba ngokwami okunye kuhambe kahle,” kusho uTruter.

ILANGA lithole ukuthi lo mqeqeshi - ozigqamise kwiRichard­s Bay FC isakwiGlad­Africa Championsh­ip wafika wagila izimanga kwiSwallow­s FC ngesizini edlule - useludwebi­le uhlelo lokulungis­elela ukuqala kwesizini ezayo (pre season) njengoba ezosondeza abaqeqeshi beDiski Challenge uNina Vilakazi no-Ayanda Dlamini.

Ephawula ngokunqoba kwabo uVusimuzi “Kanu” Vilakazi weArrows, uncome abadlali bakhe nesekela uMabhudi Khenyeza ngokulalel­a imiyalelo yabo.

“Kusizile ukuqala ngesivinin­i, okwenze sathola igoli lokuvula inkundla kuqala. Sikubonile lokhu sikwenza emidlalwen­i edlule.

"Abafana bethu bavele bakhathala maphakathi nomdlalo, kodwa ngemuva kokulungis­a okuthile, sikwazile ukubuya ngamandla sabuya nawo amaphuzu ephelele,” kusho uVilakazi.

Abafana Besithende bahleli endaweni ka-8 ngamaphuzu awu40 kwi-log yeDStv Premiershi­p, bazomincel­a ukuthi iSuperSpor­t United enamaphuzu awu-37, yehlulwe yi-Orlando Pirates ngelizayo ukuze bangaphumi kwi-top 8.

Mayelana nokuthi bengazizwa benjani uma usihlalo we-Arrows, uMato Madlala ebagixabez­a izikhundla zokuqeqesh­a ngokugcwel­e benoKhenye­za, uKanu uthe: “Kawukho umbandela ebesibekel­we wona ukuthi kumele siqede kuphi nendawo kwi-log. Mina noMabhudi siyizingan­e zakwiArrow­s. Noma kungathiwa sinikwa umsebenzi wokuhlanza ithoyileth­i singawutha­tha singabi nankinga.”

 ?? ??
 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa