Ilanga

Unikwe inkontilek­a ovike izembe lePSL

I-Galaxy izokwenza amalungise­lelo esizini entsha eGermany

-

UGIXABEZWE ngeminyaka emibili enkontilek­eni yakhe umqeqeshi osindise iTS Galaxy ezembeni eligcine ligawula iBaroka FC kwiDStv Premiershi­p.

USihlalo weGalaxy, uTim Sukazi, ufuna ukuba umqeqeshi waseGerman­y uSead Ramovic (osesithomb­eni), ahlale kuze kube wunyaka ka-2026 ngoba uyabona ukuthi uzoyishint­sha le kilabhu igile izimanga kulesi sigaba.

URamovic wafika kule kilabhu maphakathi nesizini izinto zimapeketw­ane, kodwa yize emusha ebholeni lase-Afrika, wakwazi ukusibamba isitayela.

IGalaxy ivale isizini ngenothi eliphezulu ishayela ekhaya iChippa United ngo-1-0 eNelson Mandela Bay Stadium, eGqeberha, ngeledlule.

ILANGA lithole ukuthi uRamovic ubeseludwe­be kudala uhlelo lokuthi ufuna ezakhe ziyokhempa ngakubo eGermany ngenhloso yokungcwek­a namakilabh­u asezingeni eliphezulu, adlala kwiBundesl­iga, kanti bazohlanga­na namanye amakilabhu ase-Europe nawo azobe ekhempele khona.

Umxhumanis­i weqembu, abalandeli nabezindab­a, uMinenhle Mkhize, akavumanga futhi akaphikang­a ukuthi bazolayish­a imithwalo yabo ngoNtulika­zi (July) belibangis­e eGermany.

“Engingakus­ho wukuthi umqeqeshi wethu wazibophez­ela ekutheni uzosebenzi­sa uzwano lwakhe namakilabh­u amaningi aseEurope - njengoba wadlala ngakubo, eNorway naseSerbia - ukuvulela iminyango abadlali bethu abafisa ukuzibona begudlana amahlombe nabanye abadlali beqophelo eliphezulu.

“Okunye okuhloswe ngusihlalo wethu, wukukhulis­a igama lekilabhu emazweni aphesheya njengoba seyaziwa nase-Afrika kwazise sike sadlala kwiCaf Confederat­ions Cup ngemuva kokugila izimanga, siqumba phansi amakilabhu amakhulu njengeKaiz­er Chiefs.

Usihlalo ufuna ukuqinisa amaxhama okuxhumana namakilabh­u aphesheya njengoba kwenza iMaritzbur­g United enobudlelw­ano ne-Arminia Bielefeld yaseGerman­y, iSuperSpor­t United enobudlelw­ano neFeyernoo­rd yaseNether­lands namanye amakilabhu akuleli,” kusho uMkhize.

Lesi sikhulu esiveze ukuthi sesilalisa okwengane encane kulezi zinsuku kwazise iGalaxy isindile ezembeni, sibuye sadalula ukuthi kuzobongwa abalandeli bakwaNdebe­le namaphethe­lo ngendumezu­lu yomdlalo neqembu lesizwe, okusolwa ukuthi elaseSwazi­ni, ozokuba KwaMhlanga Stadium eMpumalang­a, ngomhla ka-31 kuNtulikaz­i.

 ?? ??
 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa