IZINDABA EZIMNANDI KUBATHANDI BE-BAY
IZINDABA ezimndani kubalandeli bomakoti beDStv Premiership, iRichards Bay FC njengoba kuvela ukuthi izolungiswa inkundla yabo yasekhaya, uMhlathuze Sports Complex.
Kuzokhumbuleka ukuthi abalandeli asebewe bevuka nale kilabhu iminyaka isadlala kwiGladAfrica Championship, bebekhala ngokugqobhoka kwamaphakethe uma kumele bahambele imidlalo yasekhaya, ebidlalwa yiBay FC eKing Zwelithini Stadium, eMlazi nasePrincess Magogo Stadium, KwaMashu, ngesizini esanda kusongwa.
Isizathu salokhu, wukuthi iPremier Soccer League (PSL) yathi uMhlathuze Sports Complex kawukho ezingeni lokuthi kungadlalwa kuwona imidlalo yesigaba esiphezulu.
UNgqongqoshe wezeMidlalo KwaZulu-Natal, uHlengiwe Mavimbela, umemezele ukuthi basezinhlelweni zokuyilungisa le nkundla yaseMhlathuze ukuze ifike ezingeni elidingwa yiPSL.
“Siwumnyango wezemidlalo ngokubambisana nomasipala wesifunda (iKing Cetshwayo), siyazibophezela ukuthi sizoyilungisa inkundla ifike kuleli zinga elifunekayo. Ngalokhu esizokwenza, sizobe sithuthukisa umnotho waseKing Cetshwayo.
“Kuyosijabulisa kakhulu ukubona omama abaziphilisa ngokudayisa ngobhanana nokudla begoduka behleka bodwa,” kusho uHlengiwe.
IMeya yaseKing Cetshwayo, uThami Ntuli, ihambe emazwini kaHlengiwe.
IKing Cetshwayo ixhasa iRichards Bay FC ngo-R1,5 million njalo ngonyaka.
USihlalo weNatal Rich Boyz okuyigama iRichards Bay FC eteketiswa ngalo - uSifiso “Jomo” Biyela, uveze ukuthi iPSL yakhala ngokuthi izindlu zokushintsha nezibani phakathi kwezinye izinto, zidinga ukulungiswa.
Uthe zibalelwa ku-R15 million izindleko zalezi zidingo.
Ebuzwa ukuthi ngeke yini asike iphethini emakilabhini anjengeMamelodi Sundowns ne-Orlando Pirates aseqhamuke nomkhuba wokuba nabaqeqeshi abangaphezulu kwababili abasebenza ngokubambisana, uBiyela uthe uzoqhubeka nokweseka uPitso Dladla (osesithombeni) nethimba lakhe elinoSibusiso Msomi oyiphini, owazakhela igama esiza iPlatinum Stars inqoba iPirates kowamanqamu weMTN8 nakoweTelkom Knockout kumasizini ambalwa adlule.